24.9.19

Ukwamukela UNkulunkulu NjengeNkosi Yakho Eyingqayizivele Kuyisinyathelo Sokuqala Sokuthola Insindiso

iphimbo likaNkulunkulu,insindiso

Amaqiniso mayelana negunya likaNkulunkulu ukuthi wonke umuntu kumele awaphathe ngokubaluleka, kumele awezwe futhi awaqonde ngenhliziyo yakhe; ngoba la maqiniso awumthwalo wakho konke ukuphila komuntu, imuva lomuntu, inkathi yamanje nenkathi ezayo, ayisehlakalo esibalulekile wonke umuntu okumele aphumelele kuso empilweni, olwazini lomuntu ngobukhosi bukaNkulunkulu nangendlela okufanele abheke ngayo igunya likaNkulunkulu, kuyo yonke indawo umuntu aphokophele kuyo. Ngakho kuthatha ukuphila kwakho konke ukuwaqonda. Uma ubheka igunya likaNkulunkulu njengelibalulekile, lapho wamukela ubukhosi bukaNkulunkulu, uyoqonda kancane kancane ukuthi igunya likaNkulunkulu likhona ngempela. Kodwa uma ungakaze uqaphele igunya likaNkulunkulu, ungakaze wamukele ubukhosi Bakhe, kusho ukuthi kungakhathaliseki ukuthi uphila iminyaka emingaki, ngeke uthole noluncane ulwazi ngobukhosi bukaNkulunkulu. Uma ungalazi ngempela futhi ungaliqondi igunya likaNkulunkulu, khona-ke lapho ufika ekupheleni kwendlela, ngisho noma wake wakholelwa amashumi eminyaka kuNkulunkulu, ngeke ube nalutho ozokubonisa ekuphileni kwakho, ulwazi lwakho ngobukhosi bukaNkulunkulu ngaphezu kokudalelwa komuntu luyoba into engekho. Ingabe lokhu akuyona into edabukisa kakhulu? Ngakho kungakhathaliseki ukuthi usuhambe ibanga elingakanani ekuphileni, kungakhathaliseki ukuthi usumdala kangakanani, kungakhathaliseki ukuthi lingakanani ibanga elikuhlalele, kumele uqale uqaphele igunya likaNkulunkulu futhi ulibheke njengelibalulekile, wamukele ukuthi uNkulunkulu uyiNkosi yakho eyingqayizivele. Uthole ulwazi olucacile, olunembile nokuqonda ngala maqiniso amayelana nobukhosi bukaNkulunkulu ngaphezu kokudalelwa komuntu kungaba isifundo esikhulu kuwo wonke umuntu, kuyisihluthulelo sokwazi ukuphila komuntu nokuthola iqiniso, kuyingxenye yokuphila nesisekelo solwazi ngoNkulunkulu wonke umuntu abhekene nalo usuku ngalunye, okungekho umuntu ongamelana nakho. Uma abanye benu befuna ukuthatha izindlela ezinqamulelayo ukuze bafinyelele lo mgomo, khona-ke ngithi kini, lokho akunakwenzeka! Uma abanye befuna ukuphunyuka ebukhosini bukaNkulunkulu, lokho ngeke kwenzeke nangephutha! UNkulunkulu uwukuphela kweNkosi yomuntu, uNkulunkulu uwukuphela kweNkosi yokudalelwa komuntu, ngakho akunakwenzeka ngomuntu ukuba anqume ukudalelwa kwakhe, futhi awukwazi. Kungakhathaliseki ukuthi umuntu unamakhono amakhulu kangakanani, ngeke akwazi ukuthonya, ingasaphathwa eyokuqondisa, ukuhlela, nokulawula noma ukushintsha imiphumela yabanye. UNkulunkulu oyingqayizivele uqobo Lwakhe kuphela onganquma konke ngomuntu, ngoba nguye onegunya eliyingqayizivele elinobukhosi phezu kokudalelwa komuntu; futhi uMdali kuphela oyiNkosi yomuntu eyingqayizivele. Igunya likaNkulunkulu linobukhosi hhayi nje phezu kwabantu abadaliwe kuphela, kodwa naphezu kwezinto ezingadaliwe umuntu angeke akwazi ukuzibona, ezisezinkanyezini, nasendaweni yonke. Leli iqiniso elingenakuphikwa, iqiniso elikhona ngempela, okungekho muntu ongalishintsha. Uma abanye benu bengakagculiseki ngendlela izinto ezimi ngayo, ukholelwa ukuthi unamakhono akhethekile, futhi usacabanga ukuthi ungaba nenhlanhla ushintshe izimo zakho zamanje noma uphunyuke kuzo; uma uzama ukushintsha ukudalelwa kwakho, ngalokho uvelela kwabanye uthole udumo nengcebo; ngakho ngithi kuwe, wenza izinto zibe nzima kuwe, uzibizela inkinga, uzimbela ithuna! Kungekudala ngelinye ilanga, uyothola ukuthi wenze isinqumo esibi, ukuthi imizamo yakho ibe yize. Isifiso sakho sokulwa nokudalelwa, nokuziphatha kwakho okubi, kuyokuholela endleleni ongeke ukwazi ukubuyela emuva ngayo, futhi uyokhokha kabuhlungu. Nakuba okwamanje ningaboni ukuthi mkhulu kangakanani umphumela, njengoba uqhubeka ubona iqiniso elijulile lokuthi uNkulunkulu uyiNkosi yokudalelwa komuntu, uyokubona kancane kancane lokho engikusho kuwe namuhla nencazelo yangempela yakho. Kungakhathaliseki ukuthi unenhliziyo noma umoya, noma uwumuntu othanda iqiniso, lokho kuncike embonweni onawo ngobukhosi bukaNkulunkulu nangeqiniso. Futhi lokhu kunquma ukuthi ungakwazi yini ukuliqonda ngempela igunya likaNkulunkulu. Uma ungakaze ekuphileni kwakho uzwe ubukhosi bukaNkulunkulu namalungiselelo Akhe, ingasaphathwa eyokubona nokwamukela igunya likaNkulunkulu, khona-ke uyoba into engenamsebenzi, ngaphandle kokungabaza uyoba into uNkulunkulu afuna ukuyiqothula, uyosindiswa indlela oyikhethile nesinqumo osenzile. Kodwa labo emsebenzini kaNkulunkulu, abangemukela uvivinyo Lwakhe, abangemukela ubukhosi Bakhe, abangathobela igunya Lakhe, futhi kancane kancane baqonde amazwi Akhe, bayozitholela ulwazi lweqiniso ngegunya likaNkulunkulu, ukuqonda kwangempela ngobukhosi Bakhe, futhi ngempela bayoba ngabantu boMdali. Abantu abanjalo kuphela abayosindiswa. Ngoba baye babazi ubukhosi bukaNkulunkulu, ngenxa yokuthi babamukele, ukwazisa kwabo nokuvuma iqiniso lokuthi ubukhosi bukaNkulunkulu bungaphezu kokudalelwa komuntu kuyiqiniso futhi kunembile. Lapho bebhekene nokufa bayokwazi, njengoJobe, ukuba nomqondo ongethuswa ukufa, bazithobe ekuqondiseni nasemalungiselelweni kaNkulunkulu kuzo zonke izinto, ngaphandle kokukhetha nesifiso somuntu. Abantu abanjalo kuphela abayokwazi ukubuyela ohlangothini loMdali njengabantu bangempela abadaliwe.


kwethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Indlela Olubaluleke Ngayo Uthando LukaNkulunkulu Lomuntu

Awekho amazwana:

Thumela amazwana