19.9.19

Uyini umhlaba kamoya

Uyini umhlaba kamoya? Mangikuphe incazelo emfishane futhi elula nje

Uyini umhlaba kamoya? Mangikuphe incazelo emfishane futhi elula nje. Umhlaba kamoya uyindawo ebalulekile, uwumhlaba ohlukile emhlabeni wezinto ezibambekayo. Ngisho kanjani ukuthi ubalulekile? Sizoxoxa ngakho kabanzi lokhu. Ubukhona bomhlaba kamoya abuhlukaniseki nobukhona bomhlaba wezinto ezibambekayo kumuntu. Umhlaba kamoya udlala indawo ebalulekile empilweni kanye nasekufeni komuntu ekubuseni kukaNkulunkulu phezu kwezinto zonke; yiqhaza elibanjwa yiwo leli, ngesinye sezizathu ezenza ubukhona bawo bubaluleke. Kungoba uyindawo engahlukaniseki nezinzwa ezinhlanu, akekho okwazi ukunquma ukuthi lo mhlaba ukhona noma kawukho yini. Okuqhubekayo ngomhlaba kamoya kunamathelene ngqo nobukhona bomuntu, okuwumphumela wethonya elivezwa yiwo umhlaba kamoya endleleni umuntu aphila ngayo. Kungabe lokhu kuyathintana nobukhulu bukaNkulunkulu? Yebo. Ngokusho kwami lokhu, sewuyabona ukuthi kungani sixoxa ngalesi sihloko: Kungoba sithinta ubukhulu bukaNkulunkulu, nokuphatha Kwakhe. Emhlabeni ofana nalona,—ongabonakali emehlweni abantu—ukufuza kwawo izulu, imiyalelo, izinhla zokuphatha zingaphezulu kakhulu kunemithetho nezinhlelo zanoma yiliphi izwe ngokomhlaba wezinto ezibambekayo, kanti akukho noyedwa kubantu abahlala kulo mhlaba abangaba nesibindi sokuwuphazamisa noma bazithathele wona. Kungabe lokhu kuyabuthinta ubukhulu bukaNkulunkulu kanye nokuphatha Kwakhe? Kulo mhlaba, kunemiyalelo yokuphatha ecacile, ukuba yizulu okucacile, kanye nemithetho ecacile. Emazingeni ehlukene kanye nasezindaweni ezahlukahlukene, kunabakhokheli ababambelela kabanzi emsebenzini kanye nasekuqapheleni imithetho nezimiso, ngoba bazi kahle ukuthi miphumela mini engalindeleka kwabephula imithetho yezulu, bazi kahle kamhlophe ukuthi uNkulunkulu ukujezisa kanjani okubi akuklomelise kanjani okuhle, kanye nokuthi uziphatha kanjani zonke izinto, indlela abusa ngayo phezu kwazo zonke izinto, kanye, ngaphezu kwalokho, nokubona ngokucacile ukuthi uNkulunkulu uyenza kanjani imisebenzi nemithetho yasezulwini. Kungabe lokhu kwehlukile kulokho komhlaba wezinto ezibambekayo okuhlala kuwo abantu? Kwehluke kakhulu. Umhlaba ongafani nhlobo nomhlaba wezinto ezibambekayo. Njengoba kunemigomo nemithetho ezulwini, ithintana nobukhulu bukaNkulunkulu, ukuphatha, kanye, ngaphezu kwalokho, nesimo sikaNkulunkulu nalokho anakho kanye nayikho. Lokhu njengoba sekuzwakele, anicabangi ukuthi kuyisidingo kimi ukuthi ngikhulume ngalesi sihloko? Kungabe aninaso isifiso sokufunda izimfihlo zangaphakathi? Leso yisimo somhlaba kamoya. Nakuba ukhona kanye nomhlaba wezinto ezibambekayo, ngokulingana futhi ukuphathwa nguNkulunkulu ngobukhulu Bakhe, ukuphatha kanye nobukhulu bukaNkulunkulu kulo mhlaba kunqala kakhudlwana kunokomhlaba wezinto ezibambekayo. Ngokwemininingwane, kumele siqale ngokuthi umhlaba kamoya yiwo onomsebenzi wokuphila nokufa komuntu, ngoba lo msebenzi uyingxenye enqala yomsebenzi wabantu bomhlaba kamoya.

Abantu bomhlaba, ngingabehlukanisa izigaba ezintathu ngokwezinhlobo. Uhlobo lokuqala ngabangakholwa, okuyilabo abangenayo inkolo. Babizwa ngabangakholwa. Abaningi balabo abangakholwa bakholelwa emalini, balandela izinhloso zabo, bangabantu bezinto ezibambekayo, bakholelwa emhlabeni wezinto ezibambekayo, hhayi ekuphileni kanye nasekufeni, noma ekukhulumeni ngemimoya nezipoki. Ngibafaka esigabeni sabangakholwa, kanti bona-ke bawuhlobo lokuqala. Uhlobo lwesibili ngabantu abambalwa abakholwayo ngaphandle kwabangakholwa. Kulabo bantu, laba abakholwayo ngibehlukanisa ngezinhlobo ezimbalwa ezinkulu: uhlobo lokuqala ngamaJuda, olwesibili amaKhatholika, olwesithathu ngamaKrestu, olwesine ngamaMuslim, olwesihlanu amaBuddha—kunezinhlobo ezinhlanu. Yizo lezi izinhlobo ezahlukahlukene zamakholwa. Uhlobo lwesithathu yilabo abakholelwa kuNkulunkulu, labo bayakuthinta nawe. Lolu hlobo lwamakholwa ngolukholelwa kuNkulunkulu namuhla. Laba bantu bahlukaniseka izinhlobo ezimbili: yilabo abakhethwe uNkulunkulu kanye nezisebenzi Zakhe. Kulungile-ke! Lezi zinhlobo ezibalulekile zihlukaniswe ngokucacile. Manje, emqondweni yenu seniyakwazi ukuhlukanisa ngokucacile izinhlobo kanye namazinga abantu. Abokuqala ngabangakholwa—sengishilo ukuthi abangakholwa ngabanjani. Abaningi kwabangakholwa bakholelwa eNdodeni Endala Esesibhakabhakeni; bakholwa ukuthi umoya, imvula, ukuduma kwezulu yizinto ezilawulwa yile Ndoda Endala Esesibhakabhakeni, yiyo abethembele kuyo uma belima izitshalo bevuna—kodwa uma kukhulunywa ngokukholelwa kuNkulunkulu abavumi. Singakubiza lokho ngokukholwa wuNkulunkulu? Abantu abanjalo bawela ngaphansi kwabangakholwa. Labo abangakholelwa kuNkulunkulu kodwa abakholelwa eNdodeni Endala Esesibhakabhakeni bangabangakholwayo; bonke labo abangakholwa wuNkulunkulu, noma abangamlandeli uNkulunkulu, bangabangakholwayo. Uhlobo lwesibili yilaba abawela ngaphansi kwezinhlobo ezinhlanu zenkolo, abakholelwa kuNkulunkulu ongaqondakali. Uhlobo lwesithathu yilabo abakholwa wuNkulunkulu owenzayoobesenyameni ngezinsuku zokugcina—labo ngabalandela uNkulunkulu namhlanje. Kungani ngehlukanise abantu ngabafaka kulezi zinhlobo? (Kungoba isiphetho sabo nalapho beya khona akuzufana ekugcineni.) Wuhlangothi olulodwa lolo. Kungoba, kuyothi lapho lezi zinhlobo ezahlukene zabantu zibuyela emhlabeni kamoya, uhlobo ngalunye luyoba nendawo ehlukile oluyoya kuyo, ziyobhekana nemithetho engafani kwethinta ukuphila nokufa, kanti yiso isizathu lesi esenza ukuthi ngibehlukanise izinhlobo ezibalulekile ezahlukahlukene.

kwethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandl

Okuqukethwe Okuhlobene: UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele X

Awekho amazwana:

Thumela amazwana