Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula Amazwi KaNkulunkulu USomandla. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula Amazwi KaNkulunkulu USomandla. Bonisa konke okuthunyelwe

19.1.19

Labo Abangafundi Futhi Abangazi Lutho: Abazona Yini Izilwane?

Iyiphi indlela yokufuna efanele kunazo zonke endleleni yanamuhla? Hlobo luni lomuntu okufanele uzibone uyilo ekufuneni kwakho? Kufanele wazi indlela yokusingatha yonke into ekwehlelayo manje, kungaba izilingo noma ukuhlupheka, ukusola okunonya noma iziqalekiso—kufanele ucabangisise ngakho konke lokhu.

14.1.19

Isixwayiso Kulabo Abangalenzi Iqiniso

Labo phakathi kwabafowethu nodadewethu, abahlale beveza ububi babo bayizinceku zikaSathane futhi bayaliphazamisa ibandla. Laba bantu ngelinye ilanga kumele baxoshwe futhi basuswe. Ekukholweni kwabo kuNkulunkulu, uma abantu ngaphakathi kubo bengabi nenhliziyo ehlonipha uNkulunkulu, uma bengabi nenhliziyo elalela uNkulunkulu, ngeke bagcine nje ngokungakwazi ukwenzela uNkulunkulu noma yimuphi umsebenzi, kodwa kunalokho bayoba abantu abaphazamisa umsebenzi kaNkulunkulu futhi abedelela uNkulunkulu.

31.8.18

Izingxenye Eziyishumi Ezikhethwe Ezwini LikaNkulunkulu Ngesithi “Umsebenzi Nokungena”

1. Kusukela ngesikhathi abantu abaqala ngaso ukunyathela emgudwini ofanele wokuphila, kunezinto eziningi ezingakacaci. Basadunguza emswanini ngomsebenzi kaNkulunkulu, nangomsebenzi omningi okufanele bawenze. Ngakolunye uhlangothi, lokhu kungenxa yokwehluka kwemibono yabo kanye nokuntula ulwazi;

27.8.18

UNkulunkulu Uyabaphelelisa Labo Abafuna Inhliziyo Yakhe

Iqembu labantu uNkulunkulu afuna ukubazuza manje, yilabo abalwela ukubambisana noNkulunkulu, abangahlonipha umsebenzi Wakhe, nabakholwa ukuthi amazwi uNkulunkulu awakhulumayo ayiqiniso, abangenza izinto ezifunwa uNkulunkulu. Bayilabo abanolwazi oluyiqiniso ezinhliziyweni zabo.

26.8.18

Isenzo (1)

ivangeli,Ubufakazi,Iqiniso


Esikhathini esedlule, bekunokuchezuka okuningi ngendlela abantu ababebona ngayo izinto, futhi bekungaba okungenangqondo. Ngenxa yokuthi babengawaqondi amazinga okudingakalayo zikaNkulunkulu, bekunezindawo eziningi lapho izinto abantu abazenzayo zahamba ngokungafanele.

25.8.18

Akekho Umuntu Osenyameni Ongabalekela Usuku Lolaka

Namuhla, ngikukhuzela ukuthi kusinde wena, ukuze umsebenzi Wami uqhubeke ngempumelelo, nokuthi umsebenzi Wami wokuqala wenziwe ngokufanele nangokuphelele emhlabeni jikelele, ngokuveza amazwi Ami, negunya, nokuphakama kanye nokwahlulela abantu bakuwo wonke amazwe nezinhlanga.

24.8.18

Kumele Niqonde Umsebenzi; Ningalandeli nje Ngokudideka!

Njengamanje baningi abantu abakholwa ngendlela enokudideka. Kuningi enizibuza kona, umuzwa wenu wokuphokophelela izibusiso mkhulu kakhulu, kanti umuzwa wenu wokuphokophelela ukuphila wona muncane kakhulu. Abakholelwa kuJesu kulezi zinsuku banogqozi olukhulu.

22.8.18

Labo Abathanda UNkulunkulu Bayophila Phakathi Kokukhanya Kwakhe Ingunaphakade

Ingqikithi yokukholelwa kwabantu abaningi kuNkulunkulu iwukuqiniseka ngenkolo: Abanawo amandla okuthanda uNkulunkulu, bakwazi kuphela ukumlandela njengerobhothi, abakwazi ukulangazelela uNkulunkulu ngeqiniso noma ukumdumisa. Bamane bamlandela ngokuzenzakalelayo.

14.8.18

Okumayelana Namagama nokuthi Ungubani

Uma ufisa ukulungela ukusetshenziswa uNkulunkulu, kufanele wazi umsebenzi kaNkulunkulu; kufanele wazi umsebenzi awenza esikhathini esidlule (eTestamenteni Elisha neliDala), futhi ngaphezu kwalokho, kufanele wazi umsebenzi Wakhe wanamuhla. Okusho ukuthi, kufanele wazi izigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu eminyakeni eyizi-6,000.

13.8.18

Lapho kuya kuNkulunkulu, kuthini ukuqonda kwakho?

Abantu sebekholwe kuNkulunkulu isikhathi eside, nokho abaningi kubo abaliqondi igama elithi “Nkulunkulu.” Bayalandela nje ngokudideka. Abaqondi ukuthi kungani umuntu kumele akholwe kuNkulunkulu noma ukuthi ngempela uyini uNkulunkulu. Uma abantu bazi ukukholwa nokulandela uNkulunkulu kuphela, kodwa bengazi ukuthi uyini uNkulunkulu, futhi bengamqondi uNkulunkulu, ngabe lokhu akusilo yini ihlaya elikhulu emhlabeni?

12.8.18

Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu

UNkulunkulu wokuqala owaba sesimweni somuntu waphila emhlabeni iminyaka engamashumi amathathu nantathu kanye nengxenye, nokho wenza inkonzo Yakhe iminyaka emithathu nengxenye yaleyo minyaka. 

10.8.18

Yilabo Abazi UNkulunkulu Kuphela Abangafakaza ngoNkulunkulu

Kungumthetho waseZulwini nesimiso sasemhlabeni ukukholelwa kuNkulunkulu nokwazi uNkulunkulu, kanti namuhla—ngesikhathi lapho uNkulunkulu osesimweni somuntu enza umsebenzi Wakhe—yisikhathi esihle sokwazi uNkulunkulu. Ukwanelisa uNkulunkulu kwenzeka ngokuba nesisekelo sokuqonda intando kaNkulunkulu, futhi ukuze uqonde intando kaNkulunkulu, kudingeka wazi uNkulunkulu.

Ukukholwa KuNkulunkulu Kumele Kugxile Eqinisweni, Hhayi Emasikweni Enkolo

Mangaki amasiko enkolo owagcinayo? Kukangaki uhlubuka ezwini likaNkulunkulu futhi uhamba indlela yakho? Kukangaki lapho wenze izwi likaNkulunkulu ngenxa yokuba ucabanga ngokweqiniso ngemithwalo Yakhe futhi ufuna ukufeza isifiso Sakhe? Qonda izwi likaNkulunkulu futhi ulenze.

6.8.18

Umele Ukuphilela Iqiniso Njengalokhu Ukholelwa KuNkulunkulu

Inkinga ejwayelekile ekhona kubo bonke abantu ukuthi bayaliqonda iqiniso kodwa abakwazi ukulenza. Imbangela eyodwa edala lokhu ukuthi abantu abafuni ukwenza konke okusemandleni ukuzimisela, futhi enye imbangela yalokhu ukuthi ukuhlakanipha komuntu akwenele;

4.8.18

Indlela Yokukhonza Ngokuvumelana Nentando KaNkulunkulu

Namuhla, sizobe sikhuluma ngendlela okumele abantu bakhonze ngayo uNkulunkulu ekukholweni kwabo kuNkulunkulu, yimiphi imibandela okumele ifezwe kanye nokuthi yini ekumele iqondwe yilabo abakhonza uNkulunkulu, nokuthi yiziphi iziphambeko ezikhona ekukhonzeni kwakho. Kumele nikuqonde konke lokhu.

Ababi Kumele Bajeziswe


uNkulunkulu,uJesu


Ukuhlola ukuthi wenza ukulunga kukho konke okwenzayo yini, nokuthi zonke izenzo zakho ziyabonwa yini uNkulunkulu, kuyizimiso zokuziphatha zalabo abakholwa kuNkulunkulu.

3.8.18

Umuntu Okhohlakele Akakwazi Ukumela UNkulunkulu

uNkulunkulu,uJesu,IBandla LikaNkulunkulu USomandla


Umuntu ubelokhu ephila ngaphansi kwendwangu yethonya lobumnyama, eboshiwe ethonyeni likaSathane kungekho ukuphunyuka. Futhi isimo somuntu, emuva kokuguqulwa uSathane, siya ngokuya sikhula ekukhohlakaleni.

2.8.18

Izenzo (7)

Nintula ubuntu, indlela eniphila ngayo iphansi kakhulu futhi inehlisa isithunzi, aninabo ubuntu, futhi aninakho ukuqonda. Yingakho kumele nizihlomise ngezinto zobuntu.

Ukuhunyushwa Kwezwi Lamashumi Amane Nesithupha

Kuwo wonke la mazwi, awekho akhohlakala ngaphezu kwamanye njengawanamuhla. Amazwi kaNkulunkulu ekuqaleni asembulile isimo somuntu noma izimfihlakalo zasezulwini, nokho le lizwi alifani nelesikhathi esedlule.

1.8.18

Umsebenzi Wokusabalalisa IVangeli Umsebenzi Futhi Wokuhlenga Umuntu

Bonke abantu badinga ukuqonda inhloso yomsebenzi Wami emhlabeni, okungukuthi, injongo yokugcina yomsebenzi Wami kanye nezinga ekumele ngifinyelele kulo kulo msebenzi ngaphambi kokuba ungaqedwa.