4.8.18

Ababi Kumele Bajeziswe


uNkulunkulu,uJesu


Ukuhlola ukuthi wenza ukulunga kukho konke okwenzayo yini, nokuthi zonke izenzo zakho ziyabonwa yini uNkulunkulu, kuyizimiso zokuziphatha zalabo abakholwa kuNkulunkulu. Nizobizwa ngokuthi nilungile ngoba niyakwazi ukwenelisa uNkulunkulu, nangenxa yokuthi namukela ukunakekela nokuvikelwa kukaNkulunkulu. Emehlweni kaNkulunkulu, bonke abamukela ukunakekela, ukuvikela nokuphelela kukaNkulunkulu nabazuzwa Nguye, balungile futhi uNkulunkulu ubabheka ngokwazisa. Uma niqhubeka namukela amazwi kaNkulunkulu lapha namanje, nizoqhubeka namukela futhi niqonda intando kaNkulunkulu, futhi ngaleyo ndlela nizoqhubeka niphila ngamazwi kaNkulunkulu futhi nanelisa izimfuneko Zakhe. Lo ngumyalo uNkulunkulu aninike wona nokuyinto okufanele niyifeze. Uma nisebenzisa imibono ukuze nilinganise futhi nichaze uNkulunkulu, sengathi uNkulunkulu uyisithombe sobumba esingaguquki, futhi uma uchaza uNkulunkulu ngokweBhayibheli, umqoqele emkhawulweni omncane womsebenzi, lokhu kuwubufakazi bokuthi uyamphika uNkulunkulu. Ngoba ezinhliziyweni zawo, amaJuda angenkathi zeTestamente Elidala enza uNkulunkulu waba yisithombe esibunjiwe, sengathi uNkulunkulu angase abizwe ngokuthi unguMesiya kuphela, futhi yilowo owayebizwa ngoMesiya kuphela owayenguNkulunkulu, ngoba babekhonza futhi bekhuleka kuNkulunkulu sengathi ungumfanekiso wobumba (olungaphili), babethela uJesu wangaleso sikhathi esiphambanweni, bemgwebela ekufeni—bebulala uJesu ongenacala. UNkulunkulu akenze cala, kodwa abantu abamyekanga, ngokungangabazi bamgwebela ukufa. Ngale ndlela uJesu wabethelwa. Abantu bahlale bekholwa ukuthi uNkulunkulu akaguquki, futhi bamchaza ngokweBhayibheli, sengathi abantu bake bakubona ukuphatha kukaNkulunkulu, sengathi konke okwenziwa uNkulunkulu kusesandleni somuntu. Abantu bayiziwula ngezinga elikhulu, bazithwele ngendlela engachazeki futhi bahamba phambili ngokukhuluma into engaqondakali. Kungakhathaleki ukuthi unolwazi olukhulu kangakanani ngoNkulunkulu, ngisasho ukuthi awumazi uNkulunkulu, akekho ophikisana kakhulu noNkulunkulu ukwedlula wena, futhi uphika uNkulunkulu, ngoba awunakukwazi ukulalela umsebenzi kaNkulunkulu nokuhamba endleleni evumela ukuba upheleliswe uNkulunkulu. Kungani uNkulunkulu engeneliseki ngokwenziwa abantu? Ngoba abantu abamazi uNkulunkulu, ngoba banemibono eminingi, futhi kunokuba bavumelane neqiniso konke abakwaziyo ngoNkulunkulu kusikwe endwangwini efanayo, kuqinile futhi akuguquguquki. Ngakho, njengoba uNkulunkulu eze emhlabeni namuhla, abantu baphinde bambethela esiphambanweni. Isintu esinonya nesihluku! Ubuqili nokusongelana, ukududulana, ukugijimela udumo nokuceba, ukubulalana—kuzophela nini? UNkulunkulu ukhulume amazwi angamakhulu ezinkulungwane, nokho akekho noyedwa oqondayo. Benza izinto becabangela imindeni yabo, amadodana namadodakazi abo, imisebenzi yabo, ikusasa labo, ukuma kwabo, ukuqhosha nemali, benzela ukugqoka, ukudla nenyama— ngokukabani ukwenza okwenzelwa uNkulunkulu ngempela? Ngisho kulabo abenza okuthile egameni likaNkulunkulu, bambalwa kakhulu abamaziyo uNkulunkulu. Bangaki abangacabangi ngezinto abazifunayo lapho benza okuthile? Bangaki abangacindezeli noma bacwase abanye ngoba nje befuna ukuvikela igama labo? Ngakho, uNkulunkulu wenqatshwa ngokunamandla futhi waphoswa ekufeni izikhathi eziningi. Abahluleli abangenakubalwa abenza ngendlela yobulwane bamlahlile uNkulunkulu, baphinde bambethela esiphambamweni. Bangaki abangabizwa ngokuthi balungile ngoba benza okuthile ngokweqiniso ngenxa kaNkulunkulu?

Ngaphambi kukaNkulunkulu, ingabe kulula kanjalo ukwenziwa uphelele futhi ube umuntu ongcwele noma olungile? Kuyiqiniso elingenakuphikwa ukuthi “abekho abalungileyo kulo mhlaba, abalungileyo abekho emhlabeni.” Lapho niza ngaphambi kukaNkulunkulu, cabangani ngalokho enikugqokile, cabangani ngawo wonke amazwi nezenzo zenu, yonke imicabango nemibono yenu, ngisho namaphupho eniwaphupha mihla yonke—konke kungokwenzuzo yenu. Akulona yini iqiniso lelo? “Ukulunga” akusho ukupha abahluphekayo, akusho ukuthanda umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena, futhi akusho ukungalwi, ukungaphikisani, ukungayibambi inkunzi noma ukungebi. Ukulunga kusho ukuthatha imiyalo evela kuNkulunkulu njengomsebenzi wakho nokulalela iziqondiso nezinhlelo zikaNkulunkulu njengomsebenzi ovela ezulwini, kungakhathaleki ukuthi kunini noma kukuphi, kho konke njenga okwenziwa iNkosi uJesu. Yilokhu kanye ukulunga okukhulunywe uNkulunkulu. Ukuthi uLoti wayengase abizwe ngendoda elungile kungenxa yokuthi wasindisa izingelosi ezimbili ezazithunyelwe uNkulunkulu ngaphandle kokukhathazwa ukuthi yini ayezoyizuza noma ayezolahlekelwa yiyo; lokho akwenza ngaleso sikhathi kubizwa ngokuthi ukulunga, kodwa akakwazi ukubizwa ngendoda elungile. Kwaba ngenxa yokuthi uLoti wayebone uNkulunkulu okwenza wanikela ngamadodakazi akhe amabili endaweni yezingelosi.. Kodwa akuzona zonke izenzo zakhe zangaphambili ezimeele ukulunga, futhi kungakho ngithi “abekho abalungileyo emhlabeni.” Ngisho naphakathi kwalabo abazama ukululama, akekho ongabizwa ngokuthi ulungile. Kungakhathaleki ukuthi izenzo zakho zinhle kangakanani, kungakhathaleki ukuthi ubonakala ukhazimulisa igama likaNkulunkulu kangakanani, awubashayi futhi awubaqalekisi abanye abantu, noma awubabambi inkunzi futhi awuzebi izinto zabo, noma kunjalo awukwazi ukubizwa ngokuthi ulungile, ngoba noma imuphi umuntu ovamile angaba njalo. Namuhla, okubalulekile ukuthi awumazi uNkulunkulu. Namuhla kungamane kuthiwe unokuncane okubonisa ukuthi ungumuntu, noma kunjalo awukwazi ukuba nokulunga uNkulunkulu akhuluma ngakho. Ngakho akukho kokwenzayo okuwubufakazi bolwazi lwakho ngoNkulunkulu.

Ngaphambili, lapho uNkulunkulu esezulwini, abantu bazama ukukhohlisa uNkulunkulu ngezenzo zabo; namuhla, uNkulunkulu useze phakathi kwabantu—ukuthi isikhathi esingakanani akekho owaziyo—noma kunjalo abantu abazibophezele kuNkulunkulu, futhi bazama ukukhohlisa uNkulunkulu. Ingabe indlela yomuntu yokucabanga ayisona isidala ngokwedlulele? Kwakuyinto efanayo ngoJuda: Ngaphambi kokuza kukaJesu emhlabeni, uJuda wayevame ukukhohlisa abafowabo nodadewabo, futhi nangemva kokufika kukaJesu, akaguqukanga; wayengenalo noluncí ulwazi ngoJesu, futhi ekugcineni wamkhaphela uJesu. Kwakungengenxa yini yokuthi wayengamazi uNkulunkulu? Uma, namuhla, nani ningamazi ukuNkulunkulu, kusho ukuthi nizoba uJuda, futhi ukubethelwa kukaJesu okubuhlungu ngeNkathi Yomusa, eminyakeni eyizinkulungwane edlule, kuzophinde kwenzeke futhi. Ingabe awukukholwa lokhu? Kuyiqiniso! Namuhla, abantu abaningi baphila ngaphansi kwezimo ezinjalo—kungase kube ngikusho lokhu singakafiki isikhathi sakho -futhi abantu abanjalo badlala indawo kaJuda. Angikhulumi uwangala, kodwa iqiniso—kumele ukukholwe lokhu. Nakuba abantu abaningi bezenza abathobekile, ezinhliziyweni zabo bafana namanzi amile anukayo. Baningi kakhulu emabandleni abanjalo. Nicabanga ukuthi angazi lutho; namuhla, uMoya Wami uyangiqondisa futhi uyangifakazela. Nicabanga ukuthi angazi lutho? Nicabanga ukuthi angiyiqondi imicabango engalungile esezinhliziyweni zenu nezinto ezisezinhliziyweni zenu? Ingabe uNkulunkulu ukhohliseka kalula kanjalo? Nicabanga ukuthi ningamphatha nganoma iyiphi indlela enithanda ngayo? Esikhathini esingaphambili, ngangikhathazwa ukuthi anikhululekile, ngakho ngaqhubeka ngininika inkululeko, kodwa akekho owaqaphela ukuthi ngibenzela okuhle. Ngabanikeza isandla, kodwa bathatha ingalo yonke. Buzanani: Akekho esengibhekene naye, futhi angizange ngisheshe ukuthethisa noma ngubani—noma kunjalo ngizazi kahle izisusa nemiqondo yabantu. Ucabanga ukuthi uNkulunkulu uqobo uNkulunkulu afakazelana naye uyisiwula? Uma kunjalo, ngithi nawe awuboni kakhulu. Ngeke ngikuvimbe, kodwa ake sibone ukuthi uba mubi kanjani. Ake sibone ukuthi amaqhinga akho angakusindisa yini, noma ngukuzama ukwenza konke ukuze uthande uNkulunkulu kungakusindisa yini. Namuhla, ngeke ngikulahle; ake silinde kuze kufike isikhathi sikaNkulunkulu ukuze sibone ukuthi uzozibuyiselela kanjani kuwe. Okwamanje anginaso isikhathi sokukhuluma okungayi ndawo nawe, futhi angizimisele ukubambezela imisebenzi Yami emikhulu ngenxa yakho, impethu enjengawe ayikufanele ukuba uNkulunkulu angachitha isikhathi sakhe ebhekene nawe—ngakho ake sibone ukuthi kungakanani ukuzitika kwakho. Abantu abanjalo abalandeli ngisho ulwazi oluncane ngoNkulunkulu, futhi abanalo nhlobo uthando ngoNkulunkulu, kodwa basafuna ukubizwa uNkulunkulu ngokuthi balungile—akulona ihlaya lokho? Ngenxa yokuthi empeleni sikhona isibalo esincane sabantu abethembekile, ngizikhathaza ngokunganiki lutho ngaphandle kokuphila kubantu. Ngizokufeza konke lokho okufanele kwenziwe namuhla, futhi kamuva, impindiselo kufanele ilethwe ngokokuziphatha komuntu ngamunye. Ngikushilo obekufanele ngikusho, ngoba kungumsebenzi engiwenzayo. Ngenza lokho okufanele ngikwenze, futhi angikwenzi lokho okungafanele ngikwenze, noma kunjalo ngisenalo ithemba ukuthi nizochitha isikhathi esiningi nicabanga ngalokhu: Lungakanani ngempela ulwazi eninalo ngoNkulunkulu oluyiqiniso? Ingabe ungomunye walabo abaphinde bambethela futhi uNkulunkulu esiphambanweni? Okukugcina, nakhu engikushoyo: Maye kulabo ababethela uNkulunkulu.

Umthombo: “Ababi Kumele Bajeziswe

Awekho amazwana:

Thumela amazwana