2.8.18

Ukuhunyushwa Kwezwi Lamashumi Amane Nesithupha

Kuwo wonke la mazwi, awekho akhohlakala ngaphezu kwamanye njengawanamuhla. Amazwi kaNkulunkulu ekuqaleni asembulile isimo somuntu noma izimfihlakalo zasezulwini, nokho le lizwi alifani nelesikhathi esedlule. Alibhuqi noma lihlekise, kodwa lingokuthile okuphelele kungalindelekile: UNkulunkulu wahlala phansi futhi wakhuluma ngokuzithoba nabantu. Iyini inhloso yakhe? Ubonani uma uNkulunkulu ethi, “Namuhla, ngiqalile umsebenzi ngaphezu kwemikhathi. Nginikile abantu emhlabeni isiqalo esisha, ngase ngibacela bonke ukuthi baphume endlini Yami. Nokuthi ngoba abantu bayathanda ukuzinamathisela, ngiyabayala ukuba bazinake bona, bangavami ukuthikameza umsebenzi Wami.”? Futhi kuyini lokhu “kuqala kabusha” akhuluma ngakho uNkulunkulu? UNkulunkulu ubayalile abantu ukuba basuke, kodwa inhloso kaNkulunkulu ngaleso sikhathi kwakungukuvivinya ukukholwa kwabo. Ngakho namuhla, uma ekhuluma ngephimbo elahlukile—ngabe uqotho noma akaqotho? Phambilini, abantu abazange bazazi izilingo uNkulunkulu akhulume ngazo. Kube ngukukhuluma kuphela ngesigaba somsebenzi wabenzi bomsebenzi abawubone ngamehlo abo, futhi bazizwela mathupha, izilingo zikaNkulunkulu. Ngakho, kusukela ngaleso sikhathi, sibonga isibonelo sikaPetru sokulingwa okwaba ngamakhulu, abantu njalo benza iphutha lokukholwa ngukuthi “kwakungukulingwa nguNkulunkulu.” Ukudlula lapho, aphuma amaqiniso emazwini kaNkulunkulu kodwa izikhathi ezimbalwa. Ngokunjalo, abantu bakholelwa ezeni ngokwengeziwe ngezilingo zikaNkulunkulu, ngalokho futhi kuwo wonke amazwi akhulunywa nguNkulunkulu abakholwanga nakanye ukuthi lokhu ngumsebenzi wamaqiniso ofezwa nguNkulunkulu; esikhundleni salokho, bakholwa ukuthi uNkulunkulu, engenakho okunye ayezokwenza, wasebenzisa amazwi ngokuqondile ukuvivinya abantu. Kwaba phakathi nalezi zilingo, okwakungenathemba kepha kubukeka kuletha ithemba, lapho abantu balandela khona, ngakho emva kokuba uNkulunkulu ethe “bonke abasalayo bazohlushwa ekugcineni ngokungabi nanhlanhla nokuba nenhlanhla encane,” abantu babelokhu benakile ukuba balandele, ngalokho futhi abangaba nayo inhloso yokushiya. Abantu balandela bekhungethwe yilokho kudukiswa, akukho noyedwa futhi owaba nesibindi sokuqiniseka ukuthi lalingekho lithemba—okuyingxenye yobufakazi bokunqoba kukaNkulunkulu. Ngokombono kaNkulunkulu kubonakala ukuthi ungenelela kuyo yonke into ukuze isebenzele Yena. Ukudukiswa kwabantu kugqugquzela ukuthi bangamshiyi uNkulunkulu, noma ngabe bakuyiphi indawo noma isikhathi, ngakho esikhathini salesi sigaba uNkulunkulu usebenzisa izisusa ezingaphelele zabantu ukwenza babe nobufakazi ngaye, okubaluleke ngokujulile lapho uNkulunkulu ethi khona, “ngitholile ingxenye yabantu.” USathane usebenzisa izisusa zomuntu ukuba aphazamise, kanti uNkulunkulu usebenzisa izisusa zomuntu ukumenza amsebenzele—okuliqiniso lokushiwo ngamazwi kaNkulunkulu uma ethi “Bacabanga ukuthi bangaphendla indlela engenayo, kodwa uma sebenginika incwadi yokungena engekho emthethweni, ngibajikijela echibini lomlilo ngaso leso sikhathi—futhi, ngokubona ‘ubuhlungu bemizamo yabo’ emalangabini, baphela ithemba.” UNkulunkulu ungenelela kuzo zonke izinto ukubenza basebenze, ngakho futhi akagwemi imibono ehlukahlukene yomuntu, kodwa ngesibindi utshela abantu ukuthi basuke; lokhu kuyimfihlakalo kanye nokuhlakanipha komsebenzi kaNkulunkulu okuhlanganisa ukwethembeka namazwi kanye nendlela kube kunye, kushiya abantu benesiyezi futhi bedideka. Kulokhu kuyabonakala ukuthi uNkulunkulu ucela ngempela ukuthi abantu basuke ekhaya lakhe, ukuthi lokhu akulona nje uhlobo oluthile lwesilingo, futhi uNkulunkulu usebenzisa leli thuba ukuba athi, “Nokho ngiyabatshela abantu ukuthi uma behluleka ukuthola izibusiso, akekho ongakhononda Ngami.” Akekho onokuqonda ukuthi amazwi kaNkulunkulu ayiqiniso noma ayiphutha, nokho uNkulunkulu usebenzisa leli thuba ukuthobisa abantu, ukususa kubo isifiso sabo sokusuka. Ngalokho, uma ngelinye ilanga sebeqalekiswa, bazobe beye bexwayiswa ngaphambilini ngamazwi kaNkulunkulu, njengoba abantu besho bethi “Amazwi amabi yiwo amahle.” Namuhla, uthando lwabantu ngoNkulunkulu luqotho, futhi ngamazwi abangeke bakwazi ukuwasho ukuthi ayiqiniso noma ayiphutha, banqotshiwe base bemthanda uNkulunkulu, okuyikho okwenza uNkulunkulu athi “Ngiwufezile umsebenzi Wami omkhulu.” Ngenkathi uNkulunkulu ethi “Ngethemba ukuthi bazozitholela indlela yabo yokuzisindisa, futhi anginamandla kulokhu,” leli yizwi langempela likaNkulunku kuwo wonke la mazwi—nokho abantu abacabangi kanjalo; esikhundleni salokho, njalo bayalandela ngaphandle kokuwanaka nakancane amazwi kaNkulunkulu. Ngalokho, ngenkathi uNkulunkulu ethi “esikhathini esizayo, ngeke kusaba namazwi phakathi Kwami naye, ngeke kusaba khona esizokhuluma ngakho, asisanothintana ngalutho mina naye, omunye nomunye uzozihambela indlela yakhe,” la mazwi angokoqobo, awanakungcola nokuncane. Noma yini ecatshangwa ngabantu, lokho kungukungabi namqondo kukaNkulunkulu. UNkulunkulu ubuvezile ubufakazi phambi kukaSathane, futhi uNkulunkulu washo wathi uzobenza abantu bonke ukuba bangamshiyi noma ngabe yisiphi isikhathi noma indawo—ngakho lesi sigaba somsebenzi siphethiwe, futhi uNkulunkulu akanaki ukuthi abantu bayakhononda. Nokho uNkulunkulu ukucacisile lokhu kusukela ekuqaleni, ngakho abantu basele kungathi bayaminza, bephoqeleka ukuba bazithobe. Impi phakathi kukaNkulunkulu noSathane imayelana nomuntu ngokuphelele. Abantu abanakuzilawula bona ngokwabo, bangonodoli ngempela, ngenkathi uNkulunkulu noSathane kuyibo abaphethe izintambo le emuva. Ngenkathi uNkulunkulu esebenzisa abantu ukuveza ubufakazi ngaye, wenza konke angase akucabange, wenza konke okuvumayo ukwenzeka, ukwenza ukuthi abantu bamsebenzele, ukwenza abantu basetshenziswe nguSathane, futhi, phezu kwalokho, baqondiswe nguNkulunkulu. Futhi ngesikhathi sebuphelile ubufakazi uNkulunkulu afisa ukuba abunikeze, ubadudulela ohlangothini olulodwa abantu abashiye behlupheka, ngenkathi uNkulunkulu enza sengathi akanalutho angalwenza ngabo. Uma esefuna ukusebenzisa abantu futhi, uyabakhetha futhi abasebenzise—abantu abakunakile nakancane lokhu. Bafana nenkabi noma nehhashi elisetshenziswa ngumninilo ngokuthanda kwakhe, akukho nelilodwa kuwo elikwazi ukuzilawula lona ngokwalo. Lokhu kungezwakala kudabukisa, kodwa ukuthi abantu banakho ukuzilawula noma cha bona ngokwabo, ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu kuyilungelo elikhulu, akuyona into okumele umuntu aphatheke kabi ngayo. Kungathi uNkulunkulu kufanele aziphathe ngale ndlela. Ngabe ukukwazi ukwenelisa uSomandla nezidingo zakhe akuyona into umuntu okumele aziqhenye ngayo? Uthini ngokucabanga kwakho? Ingabe uke wasenza isinqumo sokuba wenze umsebenzi kaNkulunkulu? Kungenzeka yini ukuthi usafisa ukubambelela elungelweni lokuthungatha inkululeko yakho?

Nakuba kunjalo, konke okwenziwa nguNkulunkulu kuhle, futhi kufanele ukulingiswa, kanti umuntu noNkulunkulu, vele, abafani. Kulesi sesekelo, kumele uthande uNkulunkulu ngenhliziyo yomuntu noma ngabe uNkulunkulu ulubhekile noma cha uthando lwakho. Amazwi kaNkulunkulu ayakhombisa ukuthi kukhona futhi ukudabuka okukhulu enhliziyweni kaNkulunkulu. Kungenxa yamazwi kaNkulunkulu kuphela ukuthi abantu bacwengisisiswe. Nokho lo msebenzi, vele, wenzekile izolo—ngakho yini uNkulunkulu azoyenza ngokulandelayo? Kuze kube namuhla, lokhu kulokhu kuyimfihlakalo, ngakho futhi abantu abakwazi ukukuqonda noma ukukuchaza, kuphela bakwazi ukucula ngezikhathi behlabelela amaculo kaNkulunkulu. Noma kunjalo, konke okushiwo nguNkulunkulu kungokoqobo, konke kube yiqiniso—lokhu akungatshazwa!

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana