29.9.19

Indlela Yokwazi Nokunaka Iqiniso Lobukhosi BukaNkulunkulu Phezu Kwesimiselo Somuntu

Akekho Ongashintsha Iqiniso Lokuthi UNkulunkulu Ubambelele Ebukhosini Kunasekudalelweni Komuntu

… Ukukubeka ngamazwi alula, ngaphansi kwegunya likaNkulunkulu wonke umuntu ubemukela ngenjabulo ubukhosi Bakhe namalungiselelo Akhe, futhi akunandaba ukuthi umuntu uhlupheka kangakanani enkambweni yokuphila, kungakhathaliseki ukuthi zingakanani izindlela zokukhohlakala ahamba kuzo, ekugcineni umuntu uyobuyela ekudalelweni uMdali amhlelele kona. Lobu ubukhulu obubabazekayo begunya loMdali, indlela igunya Lakhe elilawula neliqondisa ngayo indawo yonke. Yilobu bukhulu, lolu hlobo lokulawula nokuqondisa, olunesibopho futhi olunquma ukuphila kwazo zonke izinto, obenza abantu baguquguquke ngaphandle kokungenelela kothile, ukuze benze izwe lishintshashintshe futhi liye phambili usuku nosuku, unyaka nonyaka. Seniwazi wonke la maqiniso futhi niwaqonda ngokujulile; ukujula kokuqonda kwakho kuncike ezintweni odlule kuzo nasolwazini lwakho ngeqiniso, nolwazi onalo ngoNkulunkulu. Ulazi kahle kangakanani iqiniso, uwazi kahle kangakanani amazwi kaNkulunkulu, usazi kahle kangakanani isiqu nesimo sikaNkulunkulu—lokhu kumelela ukujula kokuqonda kwakho ubukhosi bukaNkulunkulu namalungiselelo Akhe. Ingabe ukuba khona kobukhosi bukaNkulunkulu namalungiselelo Akhe kuyoncika ekutheni abantu bayawathobela yini? Ingabe iqiniso lokuthi uNkulunkulu unaleli gunya lisho ukuthi abantu bayalithobela? Igunya likaNkulunkulu likhona kungakhathaliseki ukuthi izimo ziyini; kuzo zonke izimo, uNkulunkulu onquma futhi ahlele ukudalelwa kwawo wonke umuntu, futhi zonke izinto zenzeka ngokuvumelana nemicabango Yakhe, nezifiso Zakhe. Lokhu ngeke kushintshe ngenxa yokuthi abantu bayashintsha, futhi akuncikile ezintweni ezithandwa umuntu, ngeke kushintshwe yinoma yiziphi izinto ezenzeka esikhathini, emkhathini, nasendaweni, ngoba igunya likaNkulunkulu linguye uqobo Lwakhe. Ukuthi umuntu uyabazi futhi uyabemukela ubukhosi bukaNkulunkulu, nokuthi uyakwazi ukubuthobela, akubushintshi nakancane ubukhosi bukaNkulunkulu phezu kokudalelwa komuntu. Lokho kusho ukuthi kungakhathalisekile ukuthi umuntu unamuphi umbono ngobukhosi bukaNkulunkulu, ngeke lishintshe iqiniso lokuthi uNkulunkulu unobukhosi obungaphezu kokudalelwa komuntu ngaphezu kwazo zonke izinto. Ngisho noma ungabuthobeli ubukhosi bukaNkulunkulu, usakulawula ukudalelwa kwakho; ngisho noma ungabazi ubukhosi Bakhe, igunya Lakhe lisekhona. Igunya likaNkulunkulu neqiniso lokuthi ubukhosi bukaNkulunkulu bungaphezu kokudalelwa komuntu akuncikile kulokho okuthandwa umuntu, akushintshwa yizinto umuntu azithandayo nazikhethayo. Igunya likaNkulunkulu likuyo yonke indawo, ngawo wonke amahora, ngazo zonke izinkathi. Uma amazulu nomhlaba kuzodlula, igunya Lakhe ngeke lidlule, ngoba unguNkulunkulu uqobo Lwakhe, unegunya eliyingqayizivele, igunya Lakhe alinamingcele noma alilinganiselwa abantu, izehlakalo, noma izinto, noma umkhathi noma indawo. Ngazo zonke izikhathi uNkulunkulu alawula ngazo igunya Lakhe, ubonisa amandla Akhe, uqhubeka nomsebenzi Wakhe wokuqondisa; ubusa zonke izinto ngazo zonke izikhathi, unakekela yonke into, uqondisa yonke into, njengoba ayehlale enza. Akekho ongashintsha lokhu. Kuyiqiniso; bekulokhu kuyilo selokhu kwathi nhló!

Umbono Nomkhuba Ofanele Kulabo Abafisa Ukuzithoba Ebukhosini BukaNkulunkulu
Manje umuntu kufanele abe namuphi umbono ngegunya likaNkulunkulu, iqiniso lobukhosi bukaNkulunkulu phezu kokudalelwa komuntu? Lena inkinga yangempela ephambi kwawo wonke umuntu. Lapho ubhekene nezinkinga zangempela ekuphileni, ungalazi futhi uliqonde kanjani igunya likaNkulunkulu nobukhosi Bakhe? Lapho ungazi ukuthi kufanele uziqonde kanjani, uzisingathe futhi ubhekane kanjani nalezi zinkinga, yimuphi umbono okufanele ube nawo ukuze uveze inhloso yakho, isifiso sakho, nokumisela kwakho ukuthobela ubukhosi bukaNkulunkulu namalungiselelo Akhe? Okokuqala kufanele ufunde ukulinda; bese ufunda ukufuna; bese ufunda ukuthobeka. “Ukulinda” kusho ukulinda isikhathi sikaNkulunkulu, ukulinda abantu, izehlakalo, nezinto akuhlelele zona, ukulinda intando Yakhe ukuba izembule kancane kancane kuwe. “Ukufuna” kusho ukubheka nokuqonda imicabango nezinhloso zikaNkulunkulu ngawe esebenzisa abantu, izehlakalo, izinto akuhlelele zona, ukuqonda ngazo iqiniso, ukuqonda lokho okumele kufezwe abantu nezindlela zokukugcina, nokuqonda imiphumela uNkulunkulu afuna ukuyifeza kubantu nezinto afuna ukuzifeza kubo. “Ukuthobeka,” kubhekisela ekwamukeleni abantu, izehlakalo, nezinto eziqondiswa uNkulunkulu, ukwamukela ubukhosi Bakhe nokwazi indlela uNkulunkulu amisa ngayo ukudalelwa komuntu, indlela anakekela ngayo umuntu ngokuphila Kwakhe, indlela afeza ngayo iqiniso kumuntu. Zonke izinto ezingaphansi kwamalungiselelo kaNkulunkulu nobukhosi Bakhe zilandela imithetho yemvelo, futhi uma unquma ukuvumela uNkulunkulu akuhlelele futhi akunqumele yonke into, kufanele ufunde ukulinda, ufunde ukufuna, ufunde nokuthobeka. Lona umbono wonke umuntu ofuna ukuthobela igunya likaNkulunkulu okumele abe nawo, into eyisisekelo wonke umuntu ofuna ukwamukela ubukhosi bukaNkulunkulu namalungiselelo Akhe okufanele abe nayo. Ukuze ube nombono onjalo, kumele usebenze kanzima; futhi yileyo ndlela kuphela ongangena ngayo eqinisweni.

kwethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Uthando lukaNkulunkulu; UNkulunkulu Wengamela Phezu Kwesiphetho Sesintu Sonke

Awekho amazwana:

Thumela amazwana