3.12.18

Yini Ngempela Ukwamukela Iqiniso?

Iqiniso,IBandla LikaNkulunkulu USomandla


UXiaohe    eDolobheni lasePuyang, esiFundazweni saseHenan

Esikhathini esidlulile, njalo uma ngifunda amazwi ambulwe nguNkulunkulu mayelana nokuthi abantu abemukeli kanjani iqiniso, ngangingakholwa ukuthi lawo mazwi abhekiswe nakimina. Ngangikuthokozela ukudla nokuphuza izwi likaNkulunkulu kanye nokukhuluma ngezwi likaNkulunkulu, futhi ngangikwazi ukwamukela nokwazisa konke uNkulunkulu akukhulume njengokuyiqiniso—kungakhathaleki ukuthi kwakuyichoboza kangakanani inhliziyo yami noma kungahambisani kanjani nokubona kwami. Phezu kwalokho, kungakhathalekile ukuthi kungaki okungaqondile abafowethu nodade ababeye bakukhombe, ngangikwazi ukukuzwa bese ngikwamukela. Angifunanga ukuzivikela, ngakho ngacabanga ukuthi ngingumuntu ngempela oselamukele iqiniso. Ukuphela kwabantu abazidlayo ngempela nabazigqajayo abanemicabango yabo ngezwi likaNkulunkulu, abangafuni ukuvuma ukuthi izwi likaNkulunkulu liyiqiniso yilabo ababengafuni ukwamukela iqiniso. Ngangilokhu ngicabanga ngale ndlela kwaze kwathi ngelinye ilanga ngenkathi ngilalele “Ukuhlanganyela Nokushumayela Ngokungena Empilweni,” lapho ngaqonda khona ngempela ukuthi kusho ukuthini ukwamukela iqiniso.

Kuthi: “Akwanele ukuvuma nje ukuthi izwi likaNkulunkulu liyiqiniso, kufanele ulamukele enhliziyweni yakho futhi uvumele iqiniso libe nendawo enhliziyweni yakho libe namandla. Kufanele lakhele enhliziyweni yakho libe yimpilo yakho. Lena yindlela yangempela yokwamukela iqiniso. … Kuchaza ukuthini ukulamukela enhliziyweni yakho? Inhliziyo yakho iyavuma ukuthi lo musho uyiqiniso futhi iyakwazi ukubona ngeqiniso ubunjalo beqiniso. Ngakho kufanele wamukele ngokuphelele leli qiniso futhi ulivumele lithole indawo enhliziyweni yakho lakhele. Emva kwalokho, kufanele uphile ngaleli qiniso ubone izinto ngokuhambisana naleli qiniso. Lokhu ukwamukela iqiniso. … Ukudla nokuphuza izwi likaNkulunkulu nokuvuma ukuthi izwi likaNkulunkulu liyiqiniso akusho ukuthi umuntu uselamukele iqiniso. Kunalokho, ukwazisa ngokuyikhona ubunjalo beqiniso ezwini likaNkulunkulu nokulamukela enhliziyweni yakho. Ukuphikisana nemicabango yakho ngokuphelele kanjalo nemibono yakudala obewubambelele kuyona ukuze wamukele izwi likaNkulunkulu uphile ngokuhambisana nezwi likaNkulunkulu. Lokhu ukwamukela iqiniso kwangempela” (“Ukwazi Ukuthi UKristu Uyiqiniso, Indlela, NokuPhila” Ukuhlanganyela Nokushumayela Ngokungena Empilweni II). Ngithe uma ngizwa lokhu, inhliziyo yami yathuka ngokushesha. Okusho ukuthi, akukhona lokho ebengikucabanga ngokwamukela iqiniso. Ngalalelisisa futhi ngaze ngagcina ngiqonda ukuthi kusho ukuthini ukwamukela iqiniso. Ukukwazi ukuvuma ngomlomo ukuthi izwi likaNkulunkulu liyiqiniso noma ukukwazi ukwamukela okungamaphutha obekushiwo ngabanye abantu bekungekona ukwamukela iqiniso kwangempela njengoba bengicabanga. Ukwamukela iqiniso kwangempela akuchazi nje kuphela ukuvuma ukuthi izwi likaNkulunkulu liyiqiniso, ukuphinda ukwazi ukubona iqiniso njengoba linjalo uphinde ulamukele enhliziyweni yakho. Kuwukuphika ngokuphelele imicabango yakho yangaphambilini, imibono kanye namaqiniso angashayi khona. Ukuvumela iqiniso lakhele enhliziyweni yakho kanye nokukwazi ukuphila ngeqiniso. Lokhu ukwamukela iqiniso kwangempela.

Emva kokuqonda konke lokhu, ngaqala ukuzihlola: ngikholwa ukuthi ngiwumuntu olamukelayo iqiniso, kodwa sengilamukele izwi likaNkulunkulu enhliziyweni yami? Ingabe iqiniso yilo elinamandla enhliziyweni yami? Ingabe sengiyinqabile imicabango yami yangaphambilini nemibono ebeyisenhliziyweni yami? Emva kokuzihlolisisa, ngabona ukuthi bengingakakwenzi konke lokhu. Isibonelo: uNkulunkulu wambule ukuthi alukho uthando lweqiniso phakathi kwabantu, futhi bafuna nje ukuzuza komunye nomunye. Yize noma ngivuma ngomlomo iqiniso elikhulunywe uNkulunkulu, selokhu ngazi enhliziyweni yami ukuthi unkosikazi wami, izingane, abazali kanye nami sonke sithandana ngokweqiniso. Izindebe zami zavuma iqiniso elithi uNkulunkulu akenzi umuntu angabi nasici ngenxa yezinga akulo, kodwa ngokuthi unalo na iqiniso noma cha; kodwa inhliziyo yami yalokhu ibambelele emibonweni yami yokuthi uma ngisezingeni eliphezulu kanjalo noNkulunkulu uzongenza ngingabi nasici, uma ngisezingeni eliphezulu nabantu bazongazisa babukele kimina. Ngangicabanga ukuthi uNkulunkulu uzojabula ngami. Ngakho-ke, ngangilokhu ngizikhathaza ngokuthi ngisezingeni eliphezulu nokuba ngingalahlekelwa yilokho, futhi lokhu kuyinto engizikhathazayo ngayo. Ngavuma ngomlomo wami ukuthi uNkulunkulu uthe ubunzima nokucwengwa, nokulungisa kanye nokuthena kuluthando lukaNkulunkulu, kuyizinto eziyinzuzo empilweni yomuntu. Kodwa angizange ngifune ukuqonda umongo weqiniso lalawa mazwi futhi angizange ngazi ukuthi uNkulunkulu umthanda kanjani umuntu nokuthi uthando lukaNkulunkulu lubonakaliswa kanjani, kangangokuba ngangingazimisele ukwamukela ukuthi uNkulunkulu usebenzisa abantu, izindaba, nezinto ezingahambisani nokucabanga kwami ukuba angicwenge futhi angilungise, kuze kufike ethubeni lokuthi ngingakhalaza ngikhononde ngako. Ngangazi ukuthi isicelo sikaNkulunkulu kubantu ukuba bathembeke sibalulekile, kodwa angizange ngigcizelele ukusisebenzisa noma ukungena kuso. Ngangilokhu ngivame ukuqamba amanga ngizikhohlisa ngenxa nje yesithunzi sami. Emva kwalokho, angizimiselanga ukukhuluma iqiniso ngokuphelele. Uma ngihlangabezana nenkinga ezonginika ubunzima ngenkathi ngenza imisebenzi yami, bengenza umsebenzi wami njengokugcina icala ngingazinikeli ngokuphelele emsebenzini wami. Umlomo wami bewamukela ukuthi uNkulunkulu uthi sifune intando yaKhe kuzo zonke izinto kanye nokwenza njengokwezimfuno zaKhe, kodwa empeleni uma ngibhekana nezinto, ngangenza izinto ngendlela engithanda ngayo ngokwentando yami. Ngambeka le emuva uNkulunkulu. Futhi, lapho abantu bekhomba ukungenzi kahle kwami ngangiphakama kakhulu bese ngenza izinto ngeyami indlela kuphela, inhliziyo yami ingafuni ukwamukela ukusolwa yibo. Kodwa ngangesaba ukuthi abanye bazothi angamukelanga iqiniso, ngakho nganginqekuzisa ikhanda ngivume ngokuphikisana nentando yami. Kodwa eqinisweni, ngibe ngingathathanga ukusola kwabo ngakwamukela, nokuyingakho ngingakashintshi kuze kube namhlanje. Namanje ngisaziqhenya futhi ngiyazidla njengoSathane. … Kunezinto eziningi ngami ezikhombise ukuthi angikalamukeli iqiniso. Kodwa uma ngibona ukuthi izwi likaNkulunkulu lambula ukuthi bonke abantu abalamukeli iqiniso, angilamukelanga izwi likaNkulunkulu njengeqiniso, futhi angizamanga ukuqonda umongo wamazwi kaNkulunkulu ngizihlolisise. Kunalokho, ngazibona sengathi mina angibalwa kuleli zwi likaNkulunkulu futhi ngazithatha njengomuntu oselamukele iqiniso. Ingabe lokhu kwakungekona ukuveza ngokucacile ukungamukeli iqiniso? Ngaleso sikhathi, ngabona ukuthi ngiwumuntu ongazange alamukele iqiniso nhlobo. Izenzo zami mbumbulu zokwamukela iqiniso zaziyizenzo nje zangaphandle; kwakuyizithubelo mbumbulu nje ezazingasondele nokusondela ekwamukeleni iqiniso. Ngangingazazi mina uqobo, ngempela ngangingazazi! Emva kokukwazi lokhu, ngaba nokwesaba. Ngangazi ukuthi bengikholwa kuNkulunkulu kuyo yonke le minyaka kodwa ngiphila ngaphandle kwamazwi Akhe. Ngangingatholanga ngokweqiniso isahlulelo nokusolwa nguNkulunkulu. Ngangiyikholwa nje enhliziyweni yami ngaphandle kukaNkulunkulu futhi ngaphandle kweqiniso empilweni. Uma ngingaqhubeka kanje, izwi likaNkulunkulu ngeke liphinde likwazi ukuba yimpilo yami. Ngeke ngiphinde ngikwazi ukuzihlangula kulo ithonya likaSathane ngisindiswe futhi ngipheleliswe. Kolunye uhlangothi, ngiyolahlwa uNkulunkulu, ngiwele ekujezisweni uNkulunkulu.

Makabongwe uNkulunkulu ngokungihola nokungivumela ukuba ngiqonde ukuthi kusho ukuthini ngempela ukwamukela iqiniso; ngokungivumela ukuba ngibone ukuthi ulwazi lwami lwangaphambilini nezinqubo bezingasile kakhulu futhi zingahambisani nentando kaNkulunkulu. Ngifuna ukuqala kabusha ngigxilise imizamo yami ekwamukeleni umongo weqiniso enhliziyweni yami kukho konke lokho uNkulunkulu akushilo ngikwenze kulokho engikwenzayo. Ngifuna ukukwazi ukuphila ngeqiniso, ngibe umuntu olamukele ngempela iqiniso.

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana