2.12.18

Gospel Choir | "Abantu Baphinde Babuyela Esimweni Sobungcwele Abake baba Naso" (Zulu Subtitles)




Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu "UNkulunkulu Uzobuyisela Isimo Sokuqala Sendalo"
I
Amazwi Akhe engena ekujuleni, uNkulunkulu ubheka umhlaba.
Indalo yonke yenziwe kabusha ezwini likaNkulunkulu.
Izulu liyaguquka, umhlaba ngokunjalo, umuntu uyaziveza ubunjalo bakhe.
Lapho uNkulunkulu edala umhlaba, zonke izinto zazingokwezinhlobo zazo,
nakho konke okunesimo esibonakalayo.
Uma ukuphatha kukaNkulunkulu sekusondele ekugcineni,
UNkulunkulu uzobuyisela izinto kulokho ezaziyikho endalweni.
Kancane kancane, unyawo nonyawo, abantu bayahlukaniswa ngokohlobo lwabo,
babuyela emindenini yabo.
UNkulunkulu uyajabula ngenxa yalokhu.
Akukho okungamphazamisa.
Umsebenzi omkhulu kaNkulunkulu uphela ngaphambi kokuba wazeke.
Ngaphambi kokuba konke kwazi, kwase kuguquliwe.
Kancane kancane, unyawo nonyawo, abantu bayahlukaniswa ngokohlobo lwabo.
II
UNkulunkulu uzobuyisela izinto kulokho ezaziyikho endalweni.
Wenza konke kuguquke ngokuphelele, ubuyisela konke ohlelweni Lwakhe.
Manje, isikhathi sesifikile! Ukuphela kohlelo lokugcina lukaNkulunkulu sekufikile. 
Wena mhlaba ongcolile, nomubi omdala, uzowa ezwini likaNkulunkulu,
uzokwehliselwa kokungekho ngenxa yecebo likaNkulunkulu!
Zonke izinto ezidalwe nguNkulunkulu, zizozuza impilo entsha ezwini Lakhe,
zibe neNkosi Yobukhosi!
Wena mhlaba omusha ongcwelisiwe, uzofika ekuphileni enkazimulweni kaNkulunkulu.
Ntaba YaseSiyoni, yeka ukuthula. UNkulunkulu usebuyile ngokunqoba!
Ubheke kuyo yonke imihlaba, endalweni yonke.
Isintu sesiqale impilo entsha ezweni,  siba nethemba elisha sha.
Kancane kancane, isinyathelo ngesinyathelo, abantu bahlukaniswa ngokohlobo lwabo.
III
Bantu bakaNkulunkulu! Anizukuvuseleleka ekukhanyeni kukaNkulunkulu?
Anizukugxuma nihleke ngenjabulo ngaphansi kokuholwa nokuqondiswa uNkulunkulu?
Imihlaba namanzi kuyahalalisa kuhleke.
U-Israyeli osebuyele ekuphileni!
Anizukuziqhenya ngokukhethwa kuqala uNkulunkulu?
Ubani oke wakhala? Ubani oke walila?
IV
U-Israyeli wakudala akasekho.
U-Israyeli wanamuhla usevukile emhlabeni.
Uphakamile ezinhliziyweni zabo bonke abantu.
Uthola umthombo wempilo ngabantu bakaNkulunkulu
Gibhithe elinenzondo! Uzoqhubeka umelane noNkulunkulu?
Ungakubalekela kanjani ukusolwa Nguye ngenxa yomusa kaNkulunkulu?
Lowo othandwa uNkulunkulu uyophila phakade.
Lowo omelene noNkulunkulu uyokujeziswa phakade. 
Ngokuba uNkulunkulu unguNkulunkulu onomhawu,
Akadedeli izenzo zabantu kalula.
UNkulunkulu uthungatha umhlaba wonke.
Ngokulunga nobukhosi, ngolaka nokusolwa,
Uyavela eMpumalanga yomhlaba,
ukuzambula kubantu bonke emhlabeni!
V
Kancane kancane, unyawo nonyawo, abantu bayahlukaniswa ngokohlobo lwabo,
babuyela emindenini yabo.
UNkulunkulu uyajabula ngenxa yalokhu.
Akukho okungamphazamisa.
Umsebenzi omkhulu kaNkulunkulu uphela ngaphambi kokuba wazeke.
Ngaphambi kokuba konke kwazi, kwase kuguquliwe.
Kancane kancane, unyawo nonyawo, abantu bayahlukaniswa ngokohlobo lwabo.
Umthombo Izwi Livela Lisenyameni 

Unyazi LwaseMpumalanga, IBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla ezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile.

Awekho amazwana:

Thumela amazwana