3.9.18

Kungani uNkulunkulu enza umsebenzi omusha enkathini ngayinye? Kungenxa yaziphi izizathu ngempela ukuba nenkathi entsha?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:

Lonke uhlelo Lwami lokuphatha, uhlelo oluhlanganisa iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, lunezigaba ezintathu, noma izinkathi ezintathu: Inkathi yoMthetho ekuqaleni; Inkathi yoMusa (ephinde yaziwe ngokuthi Inkathi yokuHlengwa); neNkathi yoMbuso ezinsukwini zokugcina. Umsebenzi Wami kulezi zinkathi ezintathu wehluka kokuqukethe ngokohlobo lwenkathi ngayinye, kodwa esigabeni ngasinye uhambisana nezidingo zomuntu — noma ukuqonda ngqo, wenziwa ngokwamaqhinga asetshenziswa uSathane empini engiyilwa naye. Inhloso yomsebenzi Wami ukunqoba uSathane, ukubonakalisa ukuhlakanipha Kwami nokuba namandla onke, ukuveza obala wonke amaqhinga kaSathane, ngalokho bese ngisindisa sonke isintu, esiphila ngaphansi kokubusa kwakhe. Kuwukukhombisa ukuhlakanipha nokuba namandla onke Kwami ngibe ngembula ububi bukaSathane obungabekezeleki. Ngaphezu kwalokho, kuwukufundisa izidalwa Zami ukuthi zikwazi ukwahlukanisa phakathi kokuhle nokubi, ukubona ukuthi nginguMbusi wazo zonke izinto, ukubona kahle ukuthi uSathane uyisitha somuntu, ophansi kunakho konke, omubi, nokwehlukanisa ngokunesiqiniseko phakathi kokuhle nokubi, iqiniso namanga, ubungcwele nokungcola, ubukhulu nobuphansi. Ngale ndlela, isintu esingenalwazi sizokwazi ukungifakazela ukuthi akuyimina owonakalisa isintu, futhi Yimi kuphela – iNkosi yendalo – ongasindisa isintu, engingabeka phezu komuntu izinto zokubathokozisa; futhi bazi ukuthi nginguMbusi wazo zonke izinto nokuthi uSathane ungomunye nje wezidalwa engazidala, wabuye wangiphendukela. Uhlelo Lwami lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha luhlukene izigaba ezintathu ukuze kutholakale umphumela olandelayo: ukuvumela izidalwa Zami zibe ofakazi Bami, zazi intando Yami, zibone ukuthi ngiyiqiniso.

kwesithi “Iqiniso Mayelana Nomsebenzi Enkathini Yokuhlengwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyamen

Umsebenzi kaNkulunkulu uyaqhubeka nokuthuthuka, futhi nakuba inhloso yomsebenzi Wakhe ingaguquki, izindlela asebenza ngazo ziyaguquguquka njalo, kanjalo nangalabo abalandela uNkulunkulu. Ubuningi bomsebenzi kaNkulunkulu, busho ukuthi abantu sebemazi kahle uNkulunkulu, nesimo somuntu siguquka ngokuhambisana nomsebenzi Wakhe. …

Ngaleso sikhathi, uJesu wathi umsebenzi kaJehova usalele emuva eNkathini Yomusa, kunjengoba ngisho namuhla ukuthi umsebenzi kaJesu usalele emuva. Uma ngabe kube khona iNkathi Yomthetho kuphela yangaba khona iNkathi Yomusa, uJesu ngabe akabethelwanga futhi ngabe akabahlenganga bonke abantu; uma ngabe kwaba khona iNkathi Yomthetho kuphela, ingabe abantu babezoba khona kuze kube namuhla? Umlando uqhubekela phambili; umlando awuwona yini umthetho wemvelo womsebenzi kaNkulunkulu? Ingabe lokhu akuvezi ukuphatha Kwakhe umuntu emhlabeni wonke? Umlando uqhubekela phambili, kanjalo nomsebenzi kaNkulunkulu, nentando kaNkulunkulu iyaqhubeka nokuguquka. Ngeke kwenzeke ukuthi uNkulunkulu agcine isigaba esisodwa somsebenzi iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, ngoba bonke abantu bayazi ukuthi uhlale emusha akabi mdala. Ubengeke akwazi ukuqhubeka agcine umsebenzi ofana nokubethelwa, kanye, kabili, kathathu … abethelwe esiphambanweni. Lokhu ukubona komuntu ongenangqondo. UNkulunkulu akagcini umsebenzi ofanayo, futhi umsebenzi Wakhe uhlale uguquka futhi umusha njalo, njengoba ngihlale ngikhuluma nani amazwi amasha ngenze nomsebenzi omusha. Lona umsebenzi engiwenzayo, ukubaluleka kwawo kuvezwe emagameni athi “omusha” nelithi “omangazayo.” “UNkulunkulu akaguquki, futhi uNkulunkulu uyohlala enguNkulunkulu”; lesi sisho siyiqiniso ngempela. Ubuqu bukaNkulunkulu abuguquki, uNkulunkulu uhlale enguNkulunkulu, futhi ngeke abe uSathane, kodwa lokhu akubona ubufakazi bokuthi nomsebenzi Wakhe nawo awuguquguquki njengobuqu Bakhe. Uthi uNkulunkulu uyilokhu, kodwa ungakuchaza kanjani ukuthi uNkulunkulu uhlale emusha akabi mdala? Umsebenzi kaNkulunkulu uyaqhubeka nokusabalala uguquguquke njalo, futhi intando kaNkulunkulu ilokhu ibonakala futhi yenziwa yaziwe kubantu. Njengoba umuntu ebona umsebenzi kaNkulunkulu, isimo sakhe silokhu siguquka, nolwazi lwakhe luyaqhubeka luguquke. Pho, ivelaphi le nguquko? Ayiveli yini emsebenzini kaNkulunkulu oguquka njalo? Uma isimo somuntu singaguquka, kungani pho umuntu engavumeli umsebenzi Wami namazwi Ami ukuba kuhlale kuguquka? Ingabe kumele ngizithobe emingceleni ebekwe umuntu? Ingabe anizinikeli enkohlisweni?

kwesithi “Umuntu Oye Wachaza UNkulunkulu Ngokwemibono Yakhe Angazithola Kanjani Izambulo ZikaNkulunkulu?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyamen

UMoya oNgcwele usebenza ngokuhambisana nenkathi, hhayi nje ngokuthanda noma ngemithetho ebekiwe. Inkathi isiguqukile futhi inkathi entsha kumele ifike nomsebenzi omusha. Lokhu kuyiqiniso ngazo zonke izigaba zomsebenzi futhi umsebenzi Wakhe awuphindwa nhlobo. ENkathini Yomusa, uJesu wenza umsebenzi omningi, njengomsebenzi wokuphulukisa, ukuxosha amadimoni, ukubeka izandla kubantu ngokubathandazela nokubabusisa. Nokho, ukuqhubeka nokwenza lowo msebenzi namuhla ngeke kusize ngalutho. UMoya oNgcwele wasebenza ngaleyo ndlela ngaleso sikhathi ngoba kwakuyiNkathi Yomusa futhi umuntu wayeboniswe umusa owanele ukuze ajabule. Akudingekanga ukuba umuntu akhokhe okuthile ukuze athole umusa, kuphela nje uma enokholo. Bonke babephathwe ngomusa. Manje inkathi isiguqukile futhi umsebenzi kaNkulunkulu usuqhubekele phambili; ngokusola nokwahlulela Kwakhe, ukuvukela komuntu nezinto ezingcolile kumuntu zizokhishelwa ngaphandle. Njengoba kwakunjalo ngesigaba sokukhululwa, uNkulunkulu kwadingeka ukuba enze umsebenzi onjalo, ebonisa abantu umusa owanele ukuba bajabule ngawo, ukuze akhulule umuntu esonweni, nangomusa wamxolela umuntu izono zakhe. Lesi sigaba senzelwe ukwambula ububi kumuntu ngokusola, ukwahlulela, ukushaya kwamagama ukuze ngemva kwalokho basindiswe. Lo msebenzi ujule kakhulu kunokukhulula isintu. NgeNkathi Yomusa, umuntu wathola umusa owanele futhi wayesewutholile kakade lo musa futhi awusakulungele ukuba utholwe ngabantu. Umsebenzi onjalo manje usuphelelwe yisikhathi futhi angeke usenziwa. Manje, umuntu usindiswa ngokwahlulelwa yizwi. Ngemva kokwahlulelwa, kokusolwa nangemva kokucwengwa komuntu, ubuntu bakhe buyaguquka. Ingabe lokhu akungenxa yamazwi engiwakhulumile? Isigaba ngasinye somsebenzi senziwe ngokuvumelana nokuthuthuka kwaso sonke isintu nenkathi. Wonke umsebenzi unokuthile kuwo okubalulekile; wenzelwa ukusindisa kokugcina, ukuze isintu sibe nekusasa elihle nokuthi ekugcineni umuntu ahlukaniseke ngokohlobo ayilo.

kwesithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyamen

UNkulunkulu uqobo Lwakhe uza ukuzovula inkathi futhi uNkulunkulu uqobo Lwakhe uza ukuzoqeda inkathi. Umuntu akakwazi ukwenza umsebenzi wokuqala inkathi nokuphetha inkathi. Ukuba uJesu akazange afikise umsebenzi kaJehova ekupheleni, lokho-ke kwakuyoba ubufakazi bokuthi wayengumuntu nje futhi engakwazi ukumela uNkulunkulu. Ngenxa kanye yokuthi uJesu weza waphetha umsebenzi kaJehova, walandela emsebenzini kaJehova ngokuqala umsebenzi Wakhe, umsebenzi omusha, kubonisa ukuthi lokhu kwakuyinkathi entsha nokuthi uJesu wayenguNkulunkulu uqobo. Benza izigaba zomsebenzi ezehlukene ngokucacile. Esinye isigaba sasenziwa ethempelini, kanti esinye sasenziwa ngaphandle kwalo. Omunye wale misebenzi wawungukuhola abantu ngendlela yomthetho kanti omunye wawungukunikela umnikelo wesono. Zombili lezi zigaba zomsebenzi zazehlukene ngokusobala; lokhu kwehlukanisa inkathi entsha kwendala, futhi kuliqiniso elimsulwa ukuthi ziyizinkathi ezimbili ezehlukene. Indawo yomsebenzi Wabo yayehlukene futhi umongo womsebenzi Wabo wawehlukene futhi nezinhloso zomsebenzi Wabo zazehlukene. Ngakho, zingahlukaniswa zibe yizinkathi ezimbili: ITestamente Elisha neTestamente Elidala, okuwukuthi, inkathi entsha nendala. Lapho uJesu efika akangenanga ethempelini, okufakazela ukuthi inkathi kaJehova yayisiphelile. Akangenanga ethempelini ngoba umsebenzi kaJehova ethempelini wawusuphelile, futhi wawungasadingi ukuphinde wenziwe, futhi ukuwenza futhi kwakuyoba ukuwuphinda. Kwaba ngokushiya ithempeli, ukuqala umsebenzi omusha kanye nokuvula indlela entsha ngaphandle kwethempeli, lapho akwazi khona ukufikisa umsebenzi kaNkulunkulu esicongweni sawo. Ukuba akaphumanga ethempelini ukuyokwenza umsebenzi Wakhe, umsebenzi kaNkulunkulu wawuyoma ndawonye ezisekelweni zethempeli, futhi kwakungeke kube nezinguquko ezintsha. Ngakho, lapho uJesu efika akangenanga ethempelini, futhi akenzanga umsebenzi Wakhe phakathi ethempelini. Wenza umsebenzi Wakhe ngaphandle kwethempeli, futhi, ehola abafundi, wenza umsebenzi Wakhe ngokukhululeka. Ukuhamba kukaNkulunkulu ethempelini ukuyokwenza umsebenzi Wakhe kwasho ukuthi uNkulunkulu wayenohlelo olusha. Umsebenzi wakhe wawuzokwenziwa ngaphandle kwethempeli, futhi kwakuzoba umsebenzi omusha owawungeke ubambeke endleleni yokwenziwa kwawo. Eqeda nje ukufika uJesu, waqeda umsebenzi kaNkulunkulu wangesikhathi seTestamente Elidala. Nakuba zazibizwa ngamagama amabili angafani, kwaba nguMoya owodwa owafeza zombili lezi zigaba zomsebenzi, futhi nomsebenzi owawenziwa wawuqhubeka njalo Njengoba igama lalehlukile, nokuqukethwe umsebenzi kwakwehlukile, inkathi yayihlukile. Lapho uJehova efika, leyo kwakuyinkathi kaJehova nalapho uJesu efika, leyo kwakuyinkathi kaJesu. Ngakho, isikhathi ngasinye lapho lowo nalowo efika, uNkulunkulu ubizwa ngegama elilodwa, umela inkathi eyodwa futhi uvula indlela entsha, athathe igama elisha, okubonisa ukuthi uNkulunkulu uhlala emusha futhi akagugi, okuwukuthi umsebenzi Wakhe awuyeki ukuqhubekela phambili. Umlando uhlala uqhubekela phambili nomsebenzi kaNkulunkulu uhlala uqhubekela phambili. Ukuze uhlelo lweminyaka eziyinkulungwane eziyisithupha lufinyelele esiphethweni, kumele luhlale luqhubeka luya phambili. Usuku nosuku, kufanele enze umsebenzi omusha, unyaka nonyaka kumele enze umsebenzi omusha; kumele aqale izindlela ezintsha, kumele aqale izinkathi ezintsha, aqale umsebenzi omusha nomkhulu, futhi kanye nalokhu alethe amagama amasha nomsebenzi omusha. Ukusuka emzuzwini kuya emzuzwini, uMoya kaNkulunkulu wenza umsebenzi omusha, ungabambeleli ezindleleni nasemithethweni emidala. Futhi umsebenzi Wakhe awukaze ume, kodwa uyenzeka ngomzuzu nomzuzu owedlulayo.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyamen

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana