16.9.18

Ngesikhathi uJesu enza umsebenzi Wakhe, waphulukisa abagulayo, wakhipha amadimoni, futhi wenza izibonakaliso nezimangaliso. Kungani uNkulunkulu uSomandla engenzi izibonakaliso nezimangaliso emsebenzini Wakhe?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:

UNkulunkulu akawuphindi umsebenzi owodwa. Umsebenzi kaNkulunkulu ngeke uhambisane nemicabango yabantu; njengesibonelo, iTestamente Elidala labikezela ngokuza kukaMesiya, kodwa kwenzeka ukuthi uJesu afike, ngakho kungaba yiphutha ukuthi omunye uMesiya afike futhi. UJesu usefikile kanye, futhi kungaba yiphutha uma uJesu ubengeza futhi manje. Kunegama elilodwa enkathini ngayinye, futhi igama ngalinye lifuza inkathi. Emicabangweni yomuntu, uNkulunkulu kufanele njalo enze izimpawu nezimangaliso, kufanele njalo asindise abagulayo futhi akhiphe amadimoni, futhi kufanele njalo abenjengoJesu, kepha manje uNkulunkulu akanjalo neze. Uma, ngezinsuku zokugcina, uNkulunkulu wayesenza izimpawu nezimangaliso, futhi esakhipha amadimoni futhi asindise abagulayo—ukuba ubenza njengoJesu uqobo—uNkulunkulu ubengabe uphinda umsebenzi ofanayo, futhi umsebenzi kaJesu ubungeke ube nokubaluleka nosizo. Ngakho uNkulunkulu wenza isigaba esisodwa somsebenzi kuzo zonke izinkathi. Uma isigaba somsebenzi wakhe sesiphelile, silingiswa yimimoya emibi ngokushesha emuva kwalokho, futhi emuva kokuthi uSathane eqalise ukulandela uNkulunkulu eduzane, uNkulunkulu uguqukela kwenye indlela; uma uNkulunkulu eseqedile isigaba somsebenzi wakhe, ulingiswa imimoya emibi. Kufanele ucacelwe yilezi zinto. Kungani umsebenzi kaNkulunkulu namhlanje uhlukile kunomsebenzi kaJesu? Kungani uNkulunkulu engenzi izimpawu nezimangaliso, engakhiphi amadimoni, futhi engasindisi abagulayo? Uma umsebenzi kaJesu wawufana nalowo owenziwa ngeNkathi Yomthetho, wayengammela uNkulunkulu weNkathi Yomusa? Wayengakwazi uJesu ukufeza umsebenzi wokubethelwa? Uma, njengaseNkathini Yomthetho, uJesu wayengene ethempelini futhi wagcina iSabatha, wayengeke ahlushwe unoma ubani futhi wayeyokwamukelwa yibo bonke. Uma lokho kwakunjalo, wayengabethelwa? Wayengawuqedela umsebenzi wokuhlenga? Kwakungaba nalusizo luni ukuthi uNkulunkulu osesimweni somuntu ezinsukwini zokugcina enze izimpawu nezimangaliso, njengoJesu? Kungesikhathi kuphela uNkulunkulu enza enye ingxenye yomsebenzi Wakhe ngezinsuku zokugcina, leyo emele ingxenye yohlelo lwakhe lokuphatha, lapho umuntu engazuza ulwazi olujule kakhulu ngoNkulunkulu, futhi kungaleso sikhathi kuphela lapho uhlelo lukaNkulunkulu lokuphatha luyofezeka khona.

…………

Namhlanje, kufanele kucace kinina nonke ukuthi, ezinsukwini zokugcina, into esemqoka iqiniso lokuthi “uLizwi waba yinyama” elifezwa nguNkulunkulu. Ngomsebenzi wakhe woqobo emhlabeni, wenza umuntu ukuthi amazi, nokuthi asebenzisane Naye, futhi ukubona izenzo Zakhe uqobo. Wenza umuntu ukuthi abone ngokucacile ukuthi uyakwazi ukwenza izimpawu nezimangaliso futhi kunezikhathi lapho engakwazi ukukwenza lokho, futhi lokhu kuncike enkathini. Ngalokhu uyabona ukuthi akukhona ukuthi uNkulunkulu akakwazi ukwenza izimpawu nezimangaliso, kodwa kunalokho, uyakuguqula ukusebenza kwakhe ngokuhambisana nomsebenzi wakhe, nangokuhambisana nenkathi. Kulesi sigaba somsebenzi Wakhe wamanje, akazikhombisi izimpawu nezimangaliso; ukuthi wakhombisa izimpawu nezimangaliso eziyingcosana ngenkathi kaJesu yingoba umsebenzi wakhe kuleyo nkathi wawuhlukile. UNkulunkulu akasawenzi lowo msebenzi namhlanje, futhi abanye abantu bakholwa ukuthi akakwazi ukwenza izimpawu nezimangaliso, noma uma kungenjalo bacabanga ukuthi uma engakhombisi izimpawu nezimangaliso, akayena uNkulunkulu. Akuyona into engekho leyo? UNkulunkulu uyakwazi ukukhombisa izimpawu nezimangaliso, kodwa usebenza enkathini ehlukile, ngakho akawenzi umsebenzi onjalo. Ngenxa yokuthi yinkathi ehlukile lena, nangenxa yokuthi yisigaba esihlukile somsebenzi kaNkulunkulu lesi, izenzo ezenziwa obala nguNkulunkulu nazo zihlukile. Ukukholwa komuntu kuNkulunkulu akukhona ukukholwa ezimpawini nezimanga, noma ukukholwa ezimangalisweni, kodwa ukukholwa emsebenzini wakhe wangempela ngale nkathi entsha. … Enkathini ngayinye, uNkulunkulu wenza izenzo ezithile zibe sobala. Enkathini ngayinye, ubeka obala ingxenye yezenzo zikaNkulunkulu, futhi nomsebenzi wenkathi ngayinye, umele ingxenye eyodwa yesimo sikaNkulunkulu, futhi umele ingxenye eyodwa yezenzo zikaNkulunkulu. Izenzo azenza zicace zihlukahlukana ngenkathi asebenza kuyo, kodwa zonke zinika umuntu ulwazi olujule kakhulu ngoNkulunkulu, nenkolo kuNkulunkulu ezithobile futhi eyiqiniso kakhulu.

kwesithi “Ukwazi Umsebenzi kaNkulunkulu Namhlanje” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu uze emhlabeni ikakhulu ukuzokhuluma amazwi Akhe; okhuluma ngakho yizwi likaNkulunkulu, okubonayo yizwi likaNkulunkulu, okuzwayo yizwi likaNkulunkulu, okuthobelayo yizwi likaNkulunkulu, okwaziyo yizwi likaNkulunkulu, kanti lokhu kuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu kusebenzisa izwi ukuphelelisa umuntu. Akakhombisi izimpawu nezimangaliso, ikakhulukazi akawenzi umsebenzi owenziwa nguJesu ngesikhathi esedlule. Yize bengoNkulunkulu, futhi bobabili beyinyama, izinkonzo Zabo azifani. … Namuhla, uNkulunkulu usebe yinyama ukuze aqedele umsebenzi “weZwi elivela lisenyameni,” ukusebenzisa izwi ukuphelelisa umuntu, nokwenza umuntu amukele ukusebenza kwezwi kanye nokucwengwa kwezwi. Emazwini Akhe unenza nikwazi ukuhlinzekwa nizuze nokuphila; emazwini Akhe, nibona imisebenzi nezenzo Zakhe. … Ngalokho-ke, kule nkathi uNkulunkulu eba yinyama, ungazami ukubona uNkulunkulu ephilisa futhi ekhipha amadimoni futhi, ungazami ukuhlala ubona izimpawu—asikho isidingo! Lezo zimpawu ngeke zimphelelise umuntu! Ukukhuluma ngokusobala nje: Namuhla, uNkulunkulu wenyama wangempela uqobo Lwakhe uyakhuluma kuphela, akenzi. Leli yiqiniso! Usebenzisa amazwi ukuze akuphelelise, asebenzise amazwi ukukondla nokukuphuzisa. Uphinde asebenzise amazwi ukusebenza, futhi usebenzisa amazwi endaweni yamaqiniso ukwenza wena wazi iqiniso. … uNkulunkulu wenza abantu bazuze ukuphila emazwini Akhe, kanti lolu yilona phawu olukhulu kunazo zonke, futhi phezu kwalokho, kuyiqiniso elingephikwe. Lobu ubufakazi obukhulu ongaba nolwazi ngoNkulunkulu ngabo, futhi kuwuphawu olukhulu kunezinye izimpawu. Yila mazwi kuphela angaphelelisa umuntu.

…………

… UNkulunkulu wezinsuku zokugcina usebenzisa izwi ukuphelelisa umuntu. Akasebenzisi izimpawu nezimangaliso ukucindezela abantu, noma ukubathonya; lokhu ngeke kucacise amandla kaNkulunkulu. Uma uNkulunkulu ekhombisa izizimpawu nezimangaliso kuphela, kusho ukuthi kuzoba nzima ukucacisa iqiniso likaNkulunkulu, ngakho-ke kube nzima ukuphelelisa umuntu. UNkulunkulu akamphelelisi ngezimpawu nangezimangaliso umuntu, kodwa usebenzisa izwi ukunisela nokwelusa umuntu, ngemva kwalokho abantu bakwazi ukulalela nokwazi uNkulunkulu. Lena yinhloso yomsebenzi awenzayo namazwi awakhulumayo. UNkulunkulu akasebenzisi indlela yokukhombisa izimpawu nezimangaliso ukuphelelisa umuntu—usebenzisa amazwi, futhi usebenzisa izindlela eziningi ezehlukene zokusebenza ukuphelelisa umuntu. Noma ngabe ukucwengwa, ukusebenzelana, ukuthenwa, noma ukunikezwa amazwi, uNkulunkulu ukhuluma ngezindlela eziningi ukuze aphelelise umuntu, futhi anike umuntu ulwazi olukhulu ngomsebenzi, ubuhlakani nokumangalisa kukaNkulunkulu. … Ukuveza izimpawu nezimangaliso kulula kakhulu, kodwa lowo akuwona umgomo womsebenzi kaNkulunkulu, futhi akuyona inhloso yohlelo lukaNkulunkulu lokuphatha umuntu. Ukuba umuntu wabona izimpawu nezimangaliso, futhi uma umzimba kamoya kaNkulunkulu ubungabonakala kubantu, ingabe bonke abantu bebengeke bakholwe kuNkulunkulu? Ngike ngasho phambilini ukuthi iqembu labanqobi lizuzwe eMpumalanga, abanqobi abaphuma ekuhluphekeni okukhulu. Asho ukuthini lawa mazwi? Asho ukuthi laba bantu abazuziwe bahlonipha ngeqiniso ngemva kokwahlulelwa nokusolwa, ukusetshenzwa nokuthenwa, nazo zonke izinhlobo zokucwenga. Ukukholwa kwabantu abanjalo akufiphele futhi akukhona okucatshangwayo nje, kodwa kuyiqiniso. Ababonanga zimpawu nezimangaliso, noma naziphi izimanga; abakhulumi ngezincwadi ezinzima nezimfundiso, noma ngemibono ejulile; kunalokho baneqiniso, namazwi kaNkulunkulu, nolwazi lweqiniso likaNkulunkulu. Ingabe iqembu elinjengaleli akufanele liwenze acace amandla kaNkulunkulu? Umsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina ngumsebenzi wangempela. Ngenkathi kaJesu, wayengezanga ukuzophelelisa umuntu, kodwa ukuzomhlenga, ngakho-ke waveza ezinye izimanga ukuze abantu bamlandele. Ngoba wayezele ukuzoqedela umsebenzi wokubethelwa, ukuveza izimpawu kwakungeyona ingxenye yomsebenzi wenkonzo Yakhe. Izimpawu nezimangaliso kwakungumsebenzi owenziwa ukuze umsebenzi Wakhe uphumelele; kwakuwumsebenzi ongaphezulu, wawungamele umsebenzi wenkathi yonke. Ngesikhathi seNkathi Yomthetho yeTestamente Elidala, uNkulunkulu waphinde waveza ezinye izimpawu nezimangaliso—kodwa umsebenzi uNkulunkulu awenza namuhla ngumsebenzi wangempela, futhi ngeke aveze izimpawu nezimangaliso manje. Uma nje engaveza izimpawu nezimangaliso, umsebenzi Wakhe wangempela ungaxoveka, angabe esakwazi ukwenza omunye umsebenzi. Uma uNkulunkulu wayethe izwi alisetshenziselwe ukuphelelisa umuntu, kodwa wabuye wakhombisa izimpawu nezimangaliso, ngabe ukuthi abantu bayakholwa noma abakholwa Kuye kwakungacaciswa? Ngalokho, uNkulunkulu akazenzi izinto ezinjalo. Abantu bagcwele inkolo; uNkulunkulu ufikile ezinsukwini zokugcina ukuzochitha imibono yenkolo nezinto ezingaphezu kwemvelo kumuntu, enze abantu bazi uqobo lukaNkulunkulu. Uzele ukuzosusa isithombe sikaNkulunkulu esisengqondweni nesingamanga—isithombe, ngamanye amazwi—esingekho nhlobo. Ngakho-ke, manje into eyigugu ukuthi ube nolwazi lweqiniso! Iqiniso ledlula konke okunye. Uneqiniso elingakanani namuhla? Ingabe konke lokho kuveza uNkulunkulu wezimpawu nezimangaliso? Imimoya emibi nayo ingaveza izimpawu nezimangaliso; ingabe yonke inguNkulunkulu? Ekukholweni kwakhe kuNkulunkulu, into efunwa umuntu yiqiniso, lokho akufunayo ukuphila, kunezimpawu nezimangaliso. Lokhu kumele kube yinhloso yabo bonke abakholwa kuNkulunkulu.

kwesithi “Konke Kuyafezeka Ngezwi LikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kulesi sigaba somsebenzi uNkulunkulu akazenzi izibonakaliso nezimangaliso, ukuze umsebenzi uphumelele ngamazwi. Ngaphezu kwalokho, kulesi sikhathi umsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu akuwona owokuphulukisa abagulayo nowokuxosha amadimoni, kodwa ungowokunqoba umuntu ngokukhuluma, okusho ukuthi ikhono eyazalwa nalo le nyama kaNkulunkulu ethathe isimo somuntu, ukukhuluma amazwi nokunqoba umuntu, hhayi ukwelapha abagulayo nokuxosha amadimoni. Umsebenzi Wakhe ebuntwini obujwayelekile akukhona ukuba enze izimangaliso, akukhona ukwelapha abagulayo nokuxosha amadimoni, kodwa ukukhuluma, ngakho inyama kaNkulunkulu yesibili ibonakala ijwayeleke kakhulu kubantu kuneyokuqala. Abantu bayabona ukuthi ukuba kukaNkulunkulu esimweni somuntu akuwona amanga; kodwa loNkulunkulu osesimweni somuntu uhlukile kunoJesu osesimweni somuntu nakuba bobabili bengoNkulunkulu abasesimweni somuntu, kodwa abafani ncamashi. UJesu wayenobuntu obujwayelekile, ubuntu obuvamile, kodwa wayelandelwa izibonakaliso nezimangaliso eziningi. Kulo Nkulunkulu osesimweni somuntu, amehlo abantu angeke abone izimangaliso noma izibonakaliso, noma ukuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni, noma ukuhamba phezu kolwandle, noma ukuzila ukudla izinsuku ezingamashumi amane. … Akenzi umsebenzi ofana nalowo owenziwa uJesu, kungekhona ukuthi inyama Yakhe ihlukile kwekaJesu empeleni, kodwa ngenxa yokuthi akuyona inkonzo Yakhe ukuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni. Akawudicileli phansi umsebenzi Wakhe noma aphazamise umsebenzi Wakhe. Njengoba enqoba umuntu ngamazwi Akhe angempela, asikho isidingo sokuba amthobise ngezimangaliso ngakho lesi sigaba singesokuqedela umsebenzi wokuba sebuntwini kukaNkulunkulu. … Uma ngalesi sikhathi, uNkulunkulu osesimweni somuntu wayenza izimangaliso nezimangaliso ezingajwayelekile, uma wayephulukisa abagulayo, exosha amadimoni noma abulale nje ngezwi elilodwa, umsebenzi wokunqoba bewungenziwa kanjani? Umsebenzi ungasakazeka kanjani ezizweni zabeZizwe? Ukuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni kwakuwumsebenzi weNkathi Yomusa, isinyathelo sokuqala emsebenzini wokuhlenga futhi manje njengoba uNkulunkulu esemsindisile umuntu esiphambanweni, akasawenzi lowo msebenzi. Uma ezinsukwini zokugcina “UNkulunkulu” ofana nokubonakala kukaJesu, lowo owaphulukisa abagulayo, waxosha amadimoni futhi owabethelwa ngenxa yomuntu, “lowo Nkulunkulu,” nakuba efana nalowo ochazwa eBhayibhelini futhi kulula kumuntu ukuba amamukele, ubengeke, empeleni abe inyama egqokwe nguMoya kaNkulunkulu, kodwa egqokwe ngumoya omubi. Ngoba kuyisimiso somsebenzi kaNkulunkulu ukungalokothi aphinde lokho asekufezile. Ngakho, umsebenzi kaNkulunkulu wesibili osesimweni somuntu uhlukile kulowo wokuqala. Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu wenza umsebenzi wokunqoba enyameni evamile, ejwayelekile; aphulukise abagulayo, angeke abethelwe ngenxa yabantu kodwa uyakhuluma nje kuphela amazwi esesimweni somuntu, anqobe abantu esesimweni somuntu. Inyama enjalo kuphela ebonakalisa ukuba uNkulunkulu othathe isimo somuntu; inyama enjalo kuphela engafeza umsebenzi kaNkulunkulu enyameni.

kwesithi “Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana