16.9.18

INkosi uJesu isethembise ukuthi, “noma ubani okholwa kuye ngeke abhubhe, kodwa uyokuba nokuphila okuphakade.” UNkulunkulu uzokufeza kanjani lokho akushilo?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:

Iminyaka eyizi-6,000 yomsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha ihlukaniswe ezigabeni ezintathu: iNkathi Yomthetho, iNkathi Yomusa kanye neNkathi Yombuso. Le zigaba ezintathu zomsebenzi zonke ezokusindiswa kwesintu, okusho ukuthi, ezokusindiswa kwesintu esonakaliswe kakhulu nguSathane. Ngesikhathi esifanayo, kepha, ezokuthi uNkulunkulu alwe noSathane. Ngakho, njengoba umsebenzi wensindiso uhlukaniswe izigaba ezintathu, ngokunjalo impi noSathane ihlukaniswe izigaba ezintathu, futhi le zingxenye zombili zomsebenzi kaNkulunkulu zenzeka ngesikhathi esisodwa. Impi noSathane, empeleni, eyokusindiswa kwesintu, futhi ngenxa yokuthi umsebenzi wokusindiswa kwesintu akuyona into engaqedwa ngempumelelo esigabeni esisodwa, impi noSathane nayo ihlukaniswe ngezigaba nezinkathi, futhi nempi iliwa noSathane ngokuhambisana nezidingo zomuntu kanye nezinga lokonakaliswa kwakhe nguSathane. … Emsebenzini wensindiso yomuntu, izigaba ezintathu zenziwe, okusho ukuthi impi noSathane ihlukaniswe izigaba ezintathu ngaphambi kokuhlulwa okuphelele kukaSathane. Kepha iqiniso elingaphakathi lomsebenzi wonkana wempi noSathane imiphumela yawo itholakala ngokuthela umusa phezu komuntu, kanye nokuba umhlabelo wesono womuntu, ukuthethelela izono zomuntu, ukunqoba umuntu, nokuphelelisa umuntu. Empeleni, impi eliwa noSathane akukhona ukuhloma ngezikhali ubhekane noSathane, kodwa insindiso yomuntu, ukusebenza impilo yomuntu, kanye nokushintsha isimo somuntu ukuze afakazele uNkulunkulu. USathane unqotshwa kanje. USathane unqotshwa ngokushintsha isimo esikhohlakele somuntu. Uma uSathane esehluliwe, okusho ukuthi, uma umuntu esesindisiwe ngokuphelele, uSathane ojabhile uyoboshwa ngokuphelele, futhi ngaleyo ndlela, umuntu uyobe esesindisiwe ngokuphelele. Ngakho, ingqikithi yensindiso yomuntu impi noSathane, kanti impi noSathane ibonakaliswa esikakhulukazi ensindisweni yomuntu. Isigaba sezinsuku zokugcina, lapho umuntu ezonqotshwa khona, isigaba sokugcina sempi noSathane, kanti futhi umsebenzi wokusindiswa okuphelele komuntu emandleni kaSathane. Inhloso yangaphakathi yokunqotshwa komuntu ukubuya kokusamuntu kukaSathane, umuntu owonakaliswe nguSathane, kuMdali, emuva kokunqotshwa kwakhe, ngalokho uyoshiya uSathane futhi abuyele ngokuphelele kuNkulunkulu. Ngale ndlela umuntu uyobe esesindisiwe ngokuphelele. Ngakho, umsebenzi wokunqoba umsebenzi wokugcina empini ebhekene noSathane, kanye nesigaba sokugcina ekuphatheni kukaNkulunkulu ukuze kuhlulwe uSathane. Ngaphandle kwalo msebenzi, ukusindiswa komuntu okuphelele bekungeke kwenzeke neze ekugcineni, ukuhlulwa ngokuphelele kukaSathane nakho bekungeke kwenzeke neze, futhi isintu besingeke neze sikwazi ukungena esiphethweni esimangalisayo, noma ukukhululeka ethonyeni likaSathane.

kwesithi “Ukubuyisela Impilo Ejwayelekile Yomuntu Nokumhambisa Endaweni Emangalisayo Okuphokophelwe Kuyo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Lapho umsebenzi wokunqoba sewuqediwe, umuntu uzolethwa ezweni elihle. Le mpilo, phela, izobe isesekhona emhlabeni, kodwa izobe ingasafani nhlobo nempilo yomuntu yanamuhla. Yimpilo sonke isintu esizoba nayo lapho isintu sonkana sesinqotshiwe, kuzoba isiqalo esisha somuntu emhlabeni, futhi ukuba isintu sibe nempilo enhle kangako, kuyobe kuwubufakazi bokuthi isintu sesingene embusweni omusha futhi omuhle. Kuzoba wukuqala kwempilo yomuntu noNkulunkulu lapha emhlabeni. Isisekelo sempilo enhle kangaka kufanele kube wukuthi, emuva kokuthi umuntu esenziwe waba msulwa futhi wanqotshwa, uyazithoba phambi koMdali. Ngakho, umsebenzi wokunqoba, isigaba sokugcina somsebenzi kaNkulunkulu ngaphambi kokuthi isintu singene esiphethweni esimangalisayo. Impilo enje impilo yesikhathi esizayo yomuntu emhlabeni, yimpilo enhle kunazo zonke emhlabeni, uhlobo lwempilo elangazelelwa ngumuntu, inhlobo umuntu angakaze ayithole emlandweni womhlaba, Ngumphumela wokugcina womsebenzi wokuphatha weminyaka eyizi-6,000, yilokho isintu esikulangazelelayo kunakho konke, futhi kuyisithembiso sikaNkulunkulu kumuntu. Kepha isithembiso sakhe asikwazi ukufezeka masinyane: Umuntu uzongena ekupheleni kwesikhathi esizayo kuphela uma umsebenzi wezinsuku zokugcina sewuqediwe futhi esenqotshiwe ngokuphelele, okusho ukuthi lapho uSathane esehluliwe nya. Umuntu uzongabi nemvelo enesono uma esecwengiwe, ngoba uNkulunkulu uzobe esemnqobile uSathane, okusho ukuthi ngeke kube khona ukuphazamisa kwamandla anobutha, futhi azobe engekho amandla anobutha angahlasela inyama yomuntu. Ngakho umuntu uzobe ekhululekile futhi engcwele—uzobe esengene kwiphakade. Uma kuphela amandla anobutha obumnyama eseboshiwe, ilapho umuntu ezobe ekhululekile konke lapho eya khona, futhi ngaphandle kokudlubulunda noma ukuphikisana. USathane kufanele ukuthi aboshwe nje, ukuze umuntu zimhambele kahle izinto; namhlanje izinto azimhambeli kahle ngoba [a] uSathane usavusa uthuthuva yonke indawo emhlabeni, futhi nangenxa yokuthi umsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha wonke awukafiki ekugcineni kwawo. Uma uSathane esenqotshiwe, umuntu uzobe esekhululekile ngokuphelele; uma umuntu ezuza uNkulunkulu futhi ephuma ngaphansi kwamandla kaSathane, uyobona iLanga lokulunga.

kwesithi “Ukubuyisela Impilo Ejwayelekile Yomuntu Nokumhambisa Endaweni Emangalisayo Okuphokophelwe Kuyo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu Uqobo ungukuphila, neqiniso, futhi ukuphila Kwakhe neqiniso kuyahambisana. Labo abehluleka ukuthola iqiniso abasoze bakuthola ukuphila. Ngaphandle kokuqondiswa, ukusekelwa, kanye nokuhlinzeka ngeqiniso, uyothola izincwadi nje, nezimfundiso, kanti, ngaphezu kwakho konke, ukufa. Ukuphila kukaNkulunkulu kuhlala kukhona, futhi iqiniso Lakhe nokuphila kuyahambisana. Uma wehluleka ukuthola umthombo weqiniso, kusho ukuthi awusoze wathola ukudla kokuphila; uma wehluleka ukuthola isihlinzeko sempilo nakanjani awuzukuba neqiniso, futhi kuqhelelene kakhulu nemicabango nokuqonda, umzimba wakho uwonke awuzukuba yilutho ngaphandle kwenyama, inyama yakho enuka phu. …

…………

UKristu wezinsuku zokugcina uletha ukuphila, futhi ukubekezela kanye nendlela yeqiniso engunaphakade. Leli qiniso liyindlela umuntu angathola ukuphila ngayo, futhi yiyo kuphela indlela umuntu ayokwazi uNkulunkulu ngayo futhi agunyazwe uNkulunkulu. Uma ungayifuni indlela yokuphila evela kuKristu wezinsuku zokugcina, kusho ukuthi awusoze wathola ukugunyazwa uJesu, futhi awusoze wafaneleka ukungena ngesango lombuso wezulu, ngoba ungunopopi kanye nesiboshwa somlando. …

… UKristu uyindlela yomuntu yokungena embusweni ngezikhathi zokugcina, abanye abangangakunaka. Akekho umuntu ongalungiswa uNkulunkulu ngaphandle kokudlula kuKristu. Uyakholwa nguNkulunkulu, futhi kumele wamukele amazwi Akhe futhi uhloniphe indlela Yakhe. Kumele ungacabangi nje ngokuthola izibusiso ngaphandle kokuthola iqiniso, noma ukwamukela okuhlinzeka ngokuphila. UKristu uza ngezinsuku zokugcina ukuze labo abakholelwa Kuye ngokweqiniso bakwazi ukuhlinzekwa ngokuphila. Umsebenzi Wakhe wenzelwa ukuqedela isikhathi esedlule futhi ungena kwesisha, futhi indlela okumele ithathwe yibo bonke abafuna ukungena esikhathini esisha. Uma wehluleka ukumazisa, futhi esikhundleni sokugxeka, ukuthuka, noma ukumkhaphela, kusho ukuthi nakanjani uyosha ingunaphakade, futhi awusoze wangena embusweni kaNkulunkulu.

kwesithi “UKristu Wezinsuku Zokugcina Kuphela Onganika Umuntu Indlela Yokuphila Ingunaphakade” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umbhalo ongezansi:

a. Umbhalo wasekuqaleni uthi “namuhla, kungoba.”

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana