16.11.19

UNkulunkulu wabeka imingcele phakathi kwezizwe ezahlukahlukene

…… Kungani uNkulunkulu eyahlukanise ngale ndlela? Lokhu kubalulekile kubo bonke abantu—kubalulekile impela!

…… Kungani uNkulunkulu eyahlukanise ngale ndlela? Lokhu kubalulekile kubo bonke abantu—kubalulekile impela! UNkulunkulu wehlukanise imikhawulo ngokohlobo lwalokho okuphilayo ngalunye wayimisela ukuba kuqhubeke impilo ngale ndlela enzela uhlobo ngalunye lomuntu ophilayo. Wayesehlukanisa izinhlobo ezahlukahlukene zabantu nezizwe ezahlukahlukene emhlabeni kanye nemikhawulo emisiwe. Yilokhu esithanda ukuxoxa ngakho ngokulandelayo.

Okwesine, uNkulunkulu wabeka imingcele phakathi kwezizwe ezahlukahlukene. Emhlabeni kukhona abantu abamhlophe, abantu abamnyama, abantu abansundu, kanye nabantu abampofu. Lezi yizinhlobo ezahlukahlukene zabantu. UNkulunkulu wayesemisa imikhawulo yezimpilo zalaba bantu abehlukahlukene ngezinhlobo zabo, bengakunakile nakukunaka lokho, abantu bahlala ezindaweni zabo ezifanelekile ukuba baqhubeke nokuphila ngaphansi kokulawula kukaNkulunkulu. Akekho umuntu okwazi ukuphumela ngaphandle kwalokhu. Isibonelo, isizwe esimhlophe—okungukuthi, abantu abamhlophe—yiziphi izindawo abahlala kuzo ikakhulukazi? Ikakhulukazi bahlala emazweni aseYurophu naseMelika. Abantu abamnyama bahlala ikakhulukazi e-Afrika. Bahlala kuziphi izindawo ikakhulukazi abantu abansundu? Ikakhulukazi eNingizimu-Mpumalanga ye-Asia njengaseThailand, e-India, eMyanmar, eVietnam, kanye naseLaos. Okungukuthi, yisezindaweni eziseNingizimu-Mpumalanga ye-Asia. Abantu abampofu ngombala bahlala ikakhulukazi e-Asia, okungukuthi eChina, eJapan, eNingizimu Korea, kanye nasezindaweni ezifuze lezo. UNkulunkulu utshale zonke lezi zinhlobo ezahlukahlukene zezizwe ukuze lezi zizwe ezahlukahlukene zitshaleke ezindaweni ezahlukahlukene zomhlaba. Kulezi zingxenye ezahlukahlukene zomhlaba, uNkulunkulu walungisa kudala izindawo zokuphila ezifanele uhlobo ngalunye lwesizwe sabantu. Kulezi zimo zenhlalo nokuphila, uNkulunkulu ubalungisele inhlabathi ngemibala yawo kanye nangesakhiwo. Akufani ukwakheka kwemizimba yabantu abamhlophe kanye nemizimba yabamnyama, behlukene ngisho nasekwakhekeni kwemizimba yabantu beminye imibala. Ngenkathi uNkulunkulu edala abantu, wayeselungisile vele izimo zenhlalo nokuphila kwabo. Inhloso Yakhe kulokho kwakungukuthi kuthi uma lolo hlobo lwabantu luqala ukwanda, lapho beqala ukukhula ngokwesibalo, bakwazi ukunamathela emkhawulweni lowo. Ngaphambi kokuthi uNkulunkulu abadale abantu wayesekucabangile konke lokhu—wethula ingxenye ethile yendawo kubantu abamhlophe ezobavumela ukuthi bathuthuke baphile. Ngakho-ke ngenkathi uNkulunkulu edala umhlaba wayesenalo isu, wayenenhloso nesifiso ngayezokubeka kuleyo naleyo ngxenye yezwe, nokuthi yini eyayizonakekeleka kulelo zwe. Isibonelo, uNkulunkulu kudalo wahlela ukuthi yiziphi izintaba, nganjani amathafa, mingaki imithombo yamanzi, luhlobo luni lwezinyoni nezilwane, yiziphi izinhlanzi, nokuthi yiziphi izitshalo ezizoba kulelo zwe. Ngenkathi elungisa isimo senhlalo nokuphila kohlobo oluthile lomuntu, lwesizwe uNkulunkulu wabheka izinto eziningi eziyizidingo: uhlobo lomhlaba, ukwakheka komhlabathi, izinhlobo zezinyoni nezilwane, ubukhulu bezinhlobo ezahlukahlukene zezinhlanzi, ukwakheka kwezinhlanzi, izilinganiso ezahlukahlukene zamanzi, kanye nezinhlobo ezahlukahlukene zezitshalo…. UNkulunkulu wayekade ekulungise kudala lokho. Lolo hlobo lwenhlalo wuhlobo lwendabuko lokuphila okuyilo uNkulunkulu aludala walulungisela abantu abamhlophe.

Nina kumele nikwazi ukubona ukuthi ngenkathi uNkulunkulu edala konke okuphilayo, wakujulela ngomcabango. Wazenza izinto ngesu. Niyakubona lokho manje, angithi? (Imibono kaNkulunkulu ngezinhlobo ezahlukahlukene zabantu zinokukhulu ukucabanga. Ezindaweni zokuphila kwezinhlobo ezahlukahlukene zabantu, walungisa izinhlobo zezinyoni nezilwane kanye nezinhlobo zezinhlanzi, inani lezintaba kanye nenani lamathafa okwakumele abe khona. Konke kwenziwa ngokukhulu ukucabanga kanye nokunemba.) Isibonelo, kudla kuni okudliwa ikakhulukazi ngabantu abamhlophe? (Ukudla okuvamise ukuba namaphrotheni amaningi—izinhlobo ezahlukahlukene zenyama, imikhiqizo yobisi, kanye nokudla okwenziwe ngokolweni.) Ukudla okudliwa ngabantu abamhlophe kwehluke kakhulu ekudleni okudliwa ngabantu base-Asia. Ukudla ikakhulu okudliwa ngabantu abamhlophe kunenyama phambili, amaqanda, ubisi, nenyama yenkukhu. Okusanhlamvu njengesinkwa nerayisi akubalulekile kubekwa epuletini eliseceleni. Nangenkathi bedla isaladi, eyenziwa ngemifino, babeka inyama eyosiwe noma inkukhu kuyo. Noma sebedla ukudla okunokolweni, bafaka kukho ushizi, amaqanda, noma inyama. Okungukuthi, ukudla okuvelele kubo akuhambisani nokolweni noma nerayisi; badla inyama eningi noshizi ikakhulu. Bavame ukuphuza amanzi ayiqhwa ngoba basuke bedle ukudla okunezithako ezisesilinganisweni esiphakeme. Uma bedla isidlo, ngaphambi kokuthi kulethwe ukudla baphuza kuqala ingilazi yamanzi aneqhwa, ngakho abantu abamhlophe banomfutho kakhulu. Lena yimithombo yempilo yabo, izimo zabo zenhlalo wazilungisa uNkulunkulu, wabavumela ukuthi babe nalolo hlobo lwempilo. Lwahlukile lolo hlobo lwempilo ezimpilweni zabantu beminye imibala. Akukho okulungile noma okungalungile kule mpilo—umuntu uzalwa nayo, ilungiswe ngaphambilini nguNkulunkulu kanti ingenxa yokubusa kukaNkulunkulu nokuhlela Kwakhe. Lolu hlobo lwesizwe lunempilo ethile nemithombo ethile yokuphila ekhona ngenxa yobuzwe balo, futhi nangenxa yesimo senhlalo nokuphila okulungiselwe lona nguNkulunkulu. Nisangasho nina nithi leso simo senhlalo nokuphila uNkulunkulu asilungisele abantu abamhlophe kanye nokudla kwansuku zonke abakuthola kuleso simo senhlalo sinothile futhi sinenala.

UNkulunkulu ulungisile futhi izindawo eziyisidingo sokuphila zezinye izizwe. Kukhona nabantu abamnyama—batholakala kuphi abantu abamnyama? Batholakala ikakhulukazi maphakathi kanye naseningizimu ye-Afrika. Yini uNkulunkulu abalungisele yona kulolu hlobo lwesimo senhlalo ukuba baqhubeke nokuphila? Amahlathi afudumele, zonke izinhlobo zezinyoni kanye nezilwane, izingwadule nazo zikhona, kanye nazo zonke izinhlobo zezitshalo ezihambisana nawo. Banemithombo yamanzi, izindlela ezingenisa imali, kanye nokudla. UNkulunkulu akazange abacwase. Noma ngabe kunjani noma ngabe benzeni, ukuphila kwabo akukaze kube yinkinga. Nabo banendawo ethile kanye nesigodi esithile engxenyeni yomhlaba.

Make sikhulume kancane ngabantu abampofu manje. Abantu abampofu batholakala ikakhulu e-Orient. Yini umahluko phakathi kwezindawo nomhlaba kanye nalapho kutholakala khona i-Orient ne-Occident? Ku-Orient, ingxenye enkulu yalelo zwe inenhlabathi enothile, inothe ngezinto kanye nangamaminerali. Okungukuthi, zonke izinhlobo zemithombo engaphezulu nengaphansi komhlaba zikhona ngobuningi. Kuleli dlanzana labantu, kulesiya sizwe, uNkulunkulu uphinde ulungisa nenhlabathi ehambisana naso, isimo sezulu, kanye nezindawo zomhlaba ezahlukahlukene ezisifanele. Nakuba kunomahluko omkhulu phakathi kwezindawo zomhlaba kanye nezimo zenhlalo kwabase-Occident, ukudla okuyisidingo sabantu, impilo yabo, kanye nemithombo yokuqikelela ukuphila wakuhlela uNkulunkulu. Umahluko kubo nakubantu abamhlophe base-Occident usenhlalweni kuphela. Kodwa yini-ke leyo nto eyodwa okumele nginiqwashise ngayo? Inani lesizwe esiseMpumalanga liphakeme kakhulu, ngakho uNkulunkulu wengeza kuleli zwe izinto eziningi ezahlukile kwezaseNtshonalanga. Kule ngxenye yomhlaba, wengeza izinhlobo zesimo somhlaba eziningi ezahlukahlukene kanye nezinto eziningi. Imithombo yemvelo miningi nayo; umhlaba wakhona uhlukahlukene nawo, ukulingene ukunakekela isibalo esikhulu sesizwe saseMpumalanga. Okuwumahluko eNtshonalanga ukuthi eMpumalanga—kusukela eningizimu kuya enyakatho, kusukela empumalanga kuya entshonalanga—isimo sezulu singcono kunesaseNtshonalanga. Izinkathi ezine zonyaka zihlukaniswe ngokucacile, amazinga okushisa nokubanda ayemukeleka, imithombo yemvelo miningi, kanti izindawo zemvelo nezinhlobo zomhlaba zingcono kunezaseNtshonalanga. Kungani uNkulunkulu enza lokhu? UNkulunkulu wenza izinto ezilinganayo phakathi kwabantu abamhlophe nabampofu. Kusho ukuthini lokhu? Yonke into ejatshulelwa ngabantu abamhlophe ingcono kunejatshulelwa ngabantu abampofu. Ukudla kwabo kanye nezinto abazisebenzisayo kungcono kakhulu. Nokho, uNkulunkulu akakhethi sizwe. UNkulunkulu wapha abantu abampofu isimo senhlalo esihle kakhudlwana nesingcono ukuba baphile kuso. Lokhu kuyalingana. Ngalokho niqonda kangcono manje, angithi kunjalo?

UNkulunkulu unqume phambilini ukuthi yiluphi uhlobo lwabantu oluzohlala kuyiphi ingxenye yomhlaba kanti abantu ngeke bakwazi ukuweqa lo mkhawulo. Yisimanga sento lesi! Noma kungaba nezimpi noma ukweqiwa komthetho ngezikhathi ezahlukahlukene noma ngezikhathi ezithile, lezi zimpi, lokho kweqiwa komthetho akukwazi nakancane ukubhidliza izimo zenhlalo nokuphila uNkulunkulu azimise phambilini ezimisela isizwe ngasinye. Lokho kusho ukuthi, uNkulunkulu ubeke uhlobo oluthile lwabantu engxenyeni ethile yomhlaba kanti ngeke bakwazi ukuphuma kulowo mkhawulo. Noma ngabe abantu banohlobo oluthile lokufisa ukubona ngaleya ngokushintsha noma ngokwandisa indawo yabo, ngaphandle kwemvume kaNkulunkulu, kulukhuni ukuthi bakuzuze lokho. Kungaba lukhuni kakhulu ukuphumelela. Isibonelo, abantu abamhlophe babefuna ukwelula umhlaba wabo base bethatha amanye amazwe. AmaJalimane awathatha amanye amazwe, iNgilandi yangena e-India. Kwaba yini umphumela? Ekugcineni behluleka. Sibonani kulokho kwehluleka? Okunqunywe nguNkulunkulu ngaphambilini akuvumelekile ukuthi kubhidlizwe. Ngakho, noma ungamkhulu kangakanani umfutho obonakale ekukhuleni kweNgilandi, ekugcineni umphumela uthi kwadingeka bahoxe nokuthi izwe laqhubeka nokuba ngele-India. Abahlala kulelo zwe basengamaNdiya, abawona amaNgisi. Lokhu kungoba yinto uNkulunkulu angayivumeli. Abanye babacwaningi bomlando noma bepolitiki bayenzile imiqulu yocwaningo ngalokhu. Banikeza izizathu ezishoyo ukuthi kungani iNgilandi yehluleka, bayasho ukuthi kungoba isizwe esithile asikwazanga ukunqobeka, bathi kungaba futhi yisizathu esibandakanya abantu…. Lezi akuzona izizathu eziyizo ngempela. Isizathu sangempela ngesithi kungoba uNkulunkulu—akavumeli lokhu. UNkulunkulu uba nesizwe esihlala endaweni ethile ezweni asihlalise lapho, kanti uma uNkulunkulu engasivumeli ukuthi sisuke lapho asisoze sasuka. Uma uNkulunkulu ethula umkhawulo waso, sizohlala kulowo mkhawulo. Umuntu akakwazi ukuzikhulula noma ukuphuma kule mikhawulo. Lokhu kuliqiniso. Noma ngabe makhulu kangakanani amandla abephuli mithetho noma ngabe kabanamandla kangakanani labo umthetho owephulwa kubo, impumelelo yabo incike kuNkulunkulu ekugcineni. Ukunqumile lokhu phambilini kanti akekho ongakuguqula. Lena yindlela uNkulunkulu asabalalise ngayo izizwe ezahlukahlukene. Msebenzi muni uNkulunkulu awenzile ukusabalalisa izinhlanga? Okokuqala, ulungise isimo esibanzi senhlalo emhlabeni, izindawo ezibanzi, walungisela abantu izimo zenhlalo ezahlukahlukene, kwase kuphila kuzo izizukulwane ngezizukulwane. Lokhu kuphelelisiwe—umkhawulo wokuphila uphelelisiwe. Ukudla abakudlayo, impilo abayiphilayo, abakuphuzayo, izinzuzo zabo—uNkulunkulu wakuphelelisa konke lokho. Kanti ngenkathi edala konke okuphilayo uNkulunkulu, wenza amalungiselelo ehlukahlukene enzela izinhlobo ezahlukahlukene zabantu: Kunezinhlobo ezahlukahlukene zesakhiwo senhlabathi, izinhlobo ezahlukahlukene zesimo sezulu, izinhlobo ezahlukahlukene zezitshalo, izinhlobo ezahlukahlukene zezimo zenhlalo emhlabeni. Izindawo ezahlukahlukene zize zinezinyoni nezilwane ezahlukahlukene, amanzi ehlukahlukene anezinhlobo zezinhlanzi ezahlukahlukene nemikhiqizo yamanzi eyahlukahlukene, kube nezinhlobo zezinambuzane ezahlukahlukene ezihlelwe nguNkulunkulu. Isibonelo, kunezinyoni ezibizwa ngemagpie ezahlukahlukene e-Asia kodwa akunjalo e-United States. Lokhu kuyinto ehlukile. Kanti e-US kunezithuthwane ezehlukile kwizithuthwane zaphakathi neChina. Izinto ezikhula ezwekazini laseMelika zinkulu kakhulu, ziphakeme kakhulu kanti zinomfutho futhi omkhulu. Izimpande zezihlahla emahlathini ziphelela phezulu, kodwa izihlahla zikhula ziphakame. Ziphakama zibe zinde kunamanyathelo ayikhulu, kodwa izihlahla emahlathini ase-Asia iningi lazo kaziphakeme kakhulu. Ngineqiniso nonke nike nezwa ngesitshalo okuthiwa yinhlaba. EyaseJaphani kayibanzi, incanyana, kodwa inhlaba yase-US yinkulu kakhulu. Kwehlukile lokhu. Wuhlobo olufanayo lwesitshalo olunegama elifanayo, kodwa ezwenikazi laseMelika lukhulu—kunomahluko obabazekayo. Umahluko kulezi zinto ngeke wabonakala noma uqondakale, kodwa ngenkathi uNkulunkulu edala konke okuphilayo, wehlukanisa walungisa izindawo zomhlaba zenhlalo ezahlukahlukene, iziganga ezahlukahlukene, kanye nezinto ezahlukahlukene ezizweni ezahlukahlukene. Ngokuthi uNkulunkulu wadala izinhlobo ezahlukahlukene zabantu, uyazi Yena ukuthi uhlobo ngalunye ludingani nokuthi impilo yabo iyini. Ngakho, lokho okudalwe nguNkulunkulu kuhle. Manje sekufanele kunicacele lokho.

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Okuqukethwe Okuhlobene: iNdodana yomuntu iyiNkosi ngisho yosuku lwesabatha

Awekho amazwana:

Thumela amazwana