3.9.19

Ukujikeleza kwempilo Yokuphila Nokufa Kwabantu Abalandela uNkulunkulu

izwi likaNkulunkulu,ukwambula iqiniso,Indlela Eya Embusweni Wezulu

Okulandelayo, masikhulume ngokujikeleza kwempilo yokuphila nokufa kwalabo abalandela uNkulunkulu. Lokhu kuthinta nina, ngakho lalelani. Okokuqala, cabangani ngezigaba abantu abakholwa wuNkulunkulu esingabehlukanisa ngazo. Zimbili: kunabakhethwa nguNkulunkulu kanye nezisebenzi Zakhe. Okokuqala sizokhuluma ngabakhethwa nguNkulunkulu, abambalwa-ke nokho. Kusho ukuthini ukuthi “abakhethwa nguNkulunkulu”? emva kokuthi uNkulunkulu edale zonke izinto kwabe sekuba nesintu, uNkulunkulu wakhetha iqeqebana labantu abamlandela, wayesebabiza “ngabakhethwa nguNkulunkulu.” Kunokuhlola kanye nokubaluleka endleleni uNkulunkulu akhetha ngayo laba bantu. Ukuhlola ukuthi sonke isikhathi uNkulunkulu enza umsebenzi obalulekile kumele beze—okuba yinto yokuqala ezintweni ezibenza babe ngabakhethekile. Kuyini ukubaluleka kwabo? Ukukhethwa kwabo nguNkulunkulu kusho ukuthi babaluleke kakhulu. Okuchaza ukuthi, uNkulunkulu ufisa ukubaphelelisa laba bantu, abenze bagcwaliseke, emva kokuphetha umsebenzi Wakhe wokuphatha, uzobazuza laba bantu. Akukukhulu lokhu kubaluleka? Ngalokho, laba bantu abakhethiwe bangababalulekile kakhulu kuNkulunkulu, ngokuba bayilabo uNkulunkulu afuna ukubazuza. Kanti izisebenzi Zakhe —khona-ke, masithi ukusuka ekumiselweni kusengaphambili kukaNkulunkulu, siqale ngokukhuluma ngemvelaphi. Incazelo esobala “yezisebenzi” isho lowo osebenzayo. Labo abasebenzayo bangabesikhashana; abakwenzi lokhu isikhathi eside, noma okokuphela, kodwa baqashwa noma batholwe okwesikhashana. Abaningi babo bakhethwa kulabo abangakholwayo. Uma befika emhlabeni kuba yisikhathi bekhonjwa njengabazothatha indima yokuba yizisebenzi emsebenzi kaNkulunkulu. Kungaba ukuthi bebekade beyizilwane empilweni yabo edlule, kodwa kungenzeka ukuthi bebekade bengabanye balabo abangakholwayo. Bavela lapho abasebenzela uNkulunkulu.

Make sibuyele kwabakhethwa nguNkulunkulu. Uma befa, abakhethwa nguNkulunkulu baya endaweni ehlukile kunaleyo okuya kuyo abangakholwayo kanye nabanye benkolo. Yindawo abaphelekezelwa kuyo yizingelosi kanye nezithunywa zikaNkulunkulu, futhi elawulwa nguNkulunkulu ngoKwakhe. Nakuba, bekule ndawo, abakhethwa nguNkulunkulu abakwazi ukubheka uNkulunkulu ngamehlo abo, akufani nakwezinye izindawo emhlabeni kamoya; yindawo lapho le ngxenye yabantu iya khona emva kokufa. Uma befa, nabo bayahlolwa kabanzi yizithunywa zikaNkulunkulu. Yini ehlolwayo? Izithunywa zikaNkulunkulu ziphenya izindlela ezathathwa yilaba bantu empilweni yabo yonke yokukholwa kuNkulunkulu, noma ngabe, ngesikhathi sabo, bamphikisile uNkulunkulu, noma bamqalekisile, noma benze izono ezimbi nobubi noma cha. Lokhu kuhlolwa kubheka uhlangothi lokuthi laba bantu bayahamba noma bayahlala yini. Kusho ukuthini ukuthi “bayahamba”? Futhi kusho ukuthini ukuthi “bayahlala”? “Ukuhamba” kusho ukuthi, ngokokuziphatha kwabo, bahlala ezikhundleni zalabo abakhethwe nguNkulunkulu. “Ukuhlala” kusho ukuthi bangahlala nabantu abapheleliswe nguNkulunkulu ngesikhathi sezinsuku zokugcina. Kulabo abahlalayo, uNkulunkulu unezinhlelo ezikhethekile. Ngesikhathi ngasinye somsebenzi Wakhe, uNkulunkulu uzothumela labo bantu ukuthi babe ngabafundi noma benze umsebenzi wokuvuselela amasonto, noma bawanakekele. Kodwa abantu abakwazi ukwenza lowo msebenzi ababuyiselwa enyameni kaningi njengabangakholwayo, abaphinda bazalwe njalo-njalo; esikhundleni salokho, babuyiselwa emhlabeni ngokwezidingo kanye nezinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu, kanti ababona abanye balabo ababuyiselwa njalo enyameni. Ngabe ngalokho ikhona yini imithetho ebhekele ukuthi uma sebebuyiseliwe enyameni? Ngabe bafika kanye eminyakeni embalwa? Ngabe beza kaningi kanjalo? Akunjalo. Kuncike kuphi lokhu? Kuncike emsebenzini kaNkulunkulu, ezinyathelweni zomsebenzi Wakhe, nasezidingweni Zakhe, futhi akukho mithetho. Yimuphi umthetho okungukuphela kwawo? Ngukuthi uma uNkulunkulu enza isinyathelo sokugcina somsebenzi Wakhe ezinsukwini zokugcina, abantu Bakhe abakhethiweyo laba babuya beze kubantu. Uma befika bonke, kuzoba yisikhathi sokugcina lesi sokuthi babuyiselwe enyameni. Kungani kunjalo? Lokhu kuncike emiphumeleni ezotholakala ngesikhathi uNkulunkulu enza isinyathelo sokugcina somsebenzi Wakhe—ngokuthi ngalesi sikhathi sesinyathelo sokugcina somsebenzi, uNkulunkulu uzobaphelelisa ngokugcwele laba bantu abakhethiweyo. Kusho ukuthini lokhu? Uma, ngesikhathi sesinyathelo sokugcina, bepheleliswa laba bantu, futhi benziwa abangenasici, ngeke ngaleso sikhathi babuyiselwe enyameni njengakuqala; isikhathi sabo sokuba ngabantu sizofika ekuphelelisweni kokugcina, njengoba kuzokwenzeka ekubuyiselweni enyameni. Lokhu kukhuluma ngalabo abazosala. Bayaphi-ke labo abangakwazi ukuhlala? Labo abangakwazi ukuhlala banendawo efanele abaya kuyo. Okokuqala—kufana nakwabanye—njengomphumela wokwenza kwabo okubi, amaphutha abawenzile, kanye nezono abazenzile, nabo futhi bayajeziswa. Emva kokujeziswa, uNkulunkulu ubakhipha abathumele ukuba babe nabangakholwayo; njengokufanele izimo, uzolungisela ukuthi babe nabangakholwayo, kungenjalo babe nabantu abehlukahlukene benkolo. Okusho ukuthi, bamelwe ukukhetha kokubili: Okokuqala ukuthi mhlawumbe bahlale nabantu benkolo ethile kulandela ukujeziswa, okunye kube mhlawumbe ukuba ngabangakholwa. Uma beba ngabangakholwa, bazowalahla wonke amathuba. Kanti uma beba ngabantu benkolo—uma, isibonelo nje, beba ngamaKrestu—basenethuba lokubuyela ezikhundleni zokuba ngabakhethwa nguNkulunkulu; kuhlobene ngendlela eyinxakanxaka lokhu. Kafushane nje, uma oyedwa wabakhethwa nguNkulunkulu edelela uNkulunkulu, uzojeza njengawo wonke omunye umuntu. Bheka uPawulu, njengesibonelo, okukhulunyiwe ngaye ekuqaleni. UPawulu uyisibonelo salabo abajeziswayo. Uyawuthola kodwa umqondo walokhu engikhuluma ngakho? Ngabe ukuhlola abakhethwa nguNkulunkulu kuyalungiseka? (Yebo kabanzana.) Ingxenye enkulu iyalungiseka, kodwa ingxenye encane ayilungiseki. Kungani kunjalo? Kungoba benze okubi. Lapha, ngibhekise esibonelweni esisobala: ukwenza okubi. Uma benza okubi, uNkulunkulu akabafuni, kanti uma uNkulunkulu engabafuni, ubaphonsa ezinhlangeni nezinhlobo ezahlukahlukene zabantu, okubashiya bengenathemba, kuphinde kwenze kube lukhuni ukubuya. Konke lokhu yizinto zokujikeleza kwempilo yokuphila nokufa yabakhethwa nguNkulunkulu.

Okulandelayo ukujikeleza kwempilo yokufa nokuphila kwezisebenzi. Sikhulume ngezisebenzi; iyini imvelaphi yazo? (Abanye bazo ngababengakholwayo, abanye bebeyizilwane.) Lezi zisebenzi zabuyiselwa enyameni kade zingabangakholwayo ezinye kade ziyizilwane. Ukufika kwesinyathelo sokugcina somsebenzi, uNkulunkulu ukhethe kwabangakholwayo iqeqebana labantu abanjalo, kanti yiqeqebana elikhethekile. Inhloso kaNkulunkulu yokukhetha abantu abanje ukuthi benze umsebenzi Wakhe. “Umsebenzi” akulona igama elihle nelizwakalayo, noma into noma ngubani angangena alingane kahle kuyo, kodwa kumele sibheke ukuthi libhekiswe kubani. Kunokubaluleka okukhethekile ebukhoneni bezisebenzi zikaNkulunkulu. Akekho omunye ongenza umsebenzi wazo, ngoba zakhethwa nguNkulunkulu, kanti yilapho-ke lapho kukhona ukubaluleka kobukhona bazo. Yini iqhaza elibanjwa yilezi zisebenzi? Ukusebenzela abakhethwa nguNkulunkulu. Ikakhulu, iqhaza lazo ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu, ukubambisana nomsebenzi kaNkulunkulu, kanye nokubambisana ekupheleliseni kukaNkulunkulu abakhethwa Bakhe. Ngaphandle kokuthi bayasebenza, benza umsebenzi othile, noma banikwe okuthile kokwenziwa, siyini isidingo sikaNkulunkulu kulaba bantu? Ngabe uNkulunkulu ufuna okungaphezu kokwenza kubo? (Ucela kuphela ukuthi bethembeke.) Izisebenzi kumele zethembeke. Akubhekwa ukuthi imvelaphi yakho iyiphi, noma kungani uNkulunkulu ekhethe wena, kumele wethembeke: kumele wethembeke kuNkulunkulu, kulokho uNkulunkulu akwethwese khona, nasemsebenzini osemahlombe akho kulokho obekelwe ukuthi ukwenze. Uma izisebenzi zikwazi ukwethembeka, zimenelisa uNkulunkulu, isiphelo sazo sizoba yini? Zizokwazi ukusala. Ngabe kuyisibusiso ukuba yisisebenzi esisalayo? Kusho ukuthini ukusala? Sisho ukuthini lesi sibusiso? Ngokwezinga, zibukeka zingafani nabakhethwa nguNkulunkulu, zibukeka zehlukile. Eqinisweni, nokho, ngabe lokho ezikuzuza zikujabulele kule mpilo akufani nokwabakhethwa nguNkulunkulu? Ezingeni eliphansi kulokhu, kule mpilo kuyafana. Awukuphiki lokhu, yebo? Amazwi kaNkulunkulu, umhawu kaNkulunkulu, ukuhlinzekela kukaNkulunkulu, izibusiso zikaNkulunkulu—ngubani ongekujabulele lokhu? Wonke umuntu uyayijabulela inala engaka. Okuchaza kabanzi isisebenzi ukuthi yisisebenzi, kodwa kuNkulunkulu, bonke abayizisebenzi bangenye yezinto azidalile—ukuthi nje iqhaza lazo ngelokuthi yizisebenzi. Manje uthini, njengesinye sezidalwa zikaNkulunkulu, ukhona umahluko phakathi kwesisebenzi sikaNkulunkulu nokhethwe nguNkulunkulu? Ngokucacile, awukho. Uma sikhuluma ngegama, kunomahluko, ngokwengqikithi futhi ukhona impela umahluko, eqhazeni elibanjwayo ukhona umahluko, kodwa uNkulunkulu akabehlukanisi laba bantu. Kungani pho laba bantu bechazwa njengezisebenzi? Kumele uqonde lokhu. Izisebenzi ziphuma kwabangakholwayo. Ukuphathwa kwegama elithi abangakholwayo kusitshela ukuthi imuva labo libi: Bonke bangabangakholwa ukuthi uNkulunkulu ukhona, empilweni yabo edlule bebengabangakholwa ukuthi uNkulunkulu ukhona, abakholwanga kuNkulunkulu, bamelene noNkulunkulu, neqiniso, kanye nezinto ezamukelekayo. Abakholwanga kuNkulunkulu futhi abakholwanga ukuthi ukhona uNkulunkulu, ngakho-ke ngabe bamelwe ukukwazi ukuqonda amazwi kaNkulunkulu? Kuyemukeleka ukusho ukuthi, ngokwezinga elikhulu, abaqondi. Njengoba izilwane zingawaqondi amazwi omuntu, izisebenzi aziqondi ukuthi uNkulunkulu uthini, udingani, kungani akha izidingo ezinjengalezo—lezo zinto aziqondakali ezisebenzini, zihlezi zingakhanyiselekile. Ngalesi sizathu, laba bantu abanalo uhlobo lwempilo esesikhulume ngalo. Ngaphandle kwempilo, bangaliqonda abantu iqiniso? Kungabe bahlomile ngeqiniso? Kungabe bahlomile ngamava kanye nolwazi lwamazwi kaNkulunkulu? Eqinisweni cha. Injalo imvelaphi yezisebenzi. Kodwa ngoba uNkulunkulu wenza laba bantu babe yizisebenzi, kusekhona imigomo ezidingweni Zakhe ngabo; akababukeli phansi, akabi ngongabacabangeli. Nakuba bengawaqondi amazwi Akhe, bengenayo nempilo futhi, uNkulunkulu usenawo umusa kubo, isekhona nemigomo yezidingo Zakhe kubo. Ukhulume ngale migomo: Ukwethembeka kuNkulunkulu, kanye nokwenza lokho akushoyo. Emsebenzini wakho kumele usebenze lapho kudingeka khona, futhi usebenze kuze kube sekugcineni. Uma usebenza kuze kube sekugcineni, uma ungaba yisisebenzi esethembekile, ukwazi ukusebenza kuze kube sekugcineni, futhi ukwazi ukuphetha ngokuphelele owethweswe khona nguNkulunkulu, kusho ukuthi uzophila impilo ebalulekile, futhi uzokwazi ukusala. Uma uthi ukwengeza kancane ngaphezulu kwalokho okwenzayo, uma uzama kakhudlwana, ukwazi ukuphinda kabili okwenzayo ukuze umazi uNkulunkulu, ukwazi ukukhuluma kancane ngolwazi lukaNkulunkulu, ukwazi ukufakaza ngoNkulunkulu, kuthi nangaphezulu, ukwazi ukuqonda okuthile okuyintando kaNkulunkulu, ubambisana emsebenzini kaNkulunkulu, ubhekisisa ngandlela thile intando kaNkulunkulu, wena lapho, njengesisebenzi, izoguquka inhlanhla yakho. Luyini lolo shintsho enhlanhleni yakho? Awuzusala nje kuphela. Ngokokuziphatha kwakho kanye nentshisekelo yakho ukulandela lokhu, uNkulunkulu uzokwenza omunye wabakhethwa Bakhe. Lokhu yikho okuzoba wushintsho enhlanhleni yakho. Ezisebenzini, yini enhle ngalokhu? Ukuthi zizoba ngabanye babakhethwa nguNkulunkulu. Kusho ukuthini-ke ukuthi babe ngabakhethwa nguNkulunkulu? Kusho ukuthi abbuyiselwa enyameni njengezilwane bafane nabangakholwayo. Ngabe kuhle lokho? Kuhle, futhi kuyizindaba ezimnandi. Okusho ukuthi, izisebenzi sezingakwazi ukulungiseka. Akusho ukuthi njengesisebenzi, uma uNkulunkulu ekunika umthwalo wokuba yisisebenzi, uzowenza okokuphela; akunasidingo esinjalo. Ngokokuziphatha kwakho, uNkulunkulu uzokuphatha ngendlela ehlukile, akuphendule ngokuhlukile.

Kodwa zikhona izisebenzi ezingakwazi ukusebenza kuze kube sekugcineni; ngesikhathi zisebenza, kukhona eziphela amandla phakathi nesikhathi zimshiye uNkulunkulu, kukhona ezenza izinto ezimbi eziningi, kube khona nalezo ezenza umonakalo omkhulu kakhulu ziwenze umonakalo omkhulu nasemsebenzini kaNkulunkulu, kukhona nezisebenzi ezimqalekisayo uNkulunkulu, njalo-njalo—isho ukuthini le miphumela engalungiseki? Noma yisiphi isenzo esibi sisho ukumiswa emsebenzini. Okusho ukuthi, ngoba ukuziphatha kwakho ngesikhathi somsebenzi kube kubi, ngoba udlulile lapho kufanele khona, uma uNkulunkulu ebona ukuthi umsebenzi wakho awanelisi uyasisusa kuwe isidingo sokuthi usebenze, akakuvumeli ukuthi usebenze, uyakususa emehlweni Akhe, nasendlini kaNkulunkulu. Akukhona ukuthi awufuni ukusebenza? Awufisi njalo-njalo ukwenza okubi? Awuyena ongethembekile njalo? Lapho-ke, kunesixazululo esilula: Uzothathelwa ukufaneleka kokusebenza. NgokukaNkulunkulu, ukuthatha Kwakhe esisebenzini ukufaneleka kokusebenza kwaso kusho ukuthi isiphelo saleso sisebenzi sesinqunyiwe, ngakho, asisafanele ukusebenzela uNkulunkulu, uNkulunkulu akasenaso isidingo somsebenzi waso, noma singakhuluma amazwi amahle kangakanani awasasho lutho. Uma izinto sezifika kuleli zinga, lesi simo sizoba ngesingalungiseki; izisebenzi ezifana nalesi azinakho ukubuyela emuva. UNkulunkulu ululungisa kanjani udaba olunjengalolu ezisebenzini ezinjengalesi? Kungabe uvele azimise nje emsebenzini? Cha. Kungabe uyazivimba zingasali? Noma mhlawumbe uzibeka eceleni, ame elinde ukuthi ziguquke? Akakwenzi lokho. UNkulunkulu akazithandi kangako izisebenzi, ngokweqiniso. Ngakho uma umuntu eziphethe ngale ndlela emsebenzini kaNkulunkulu, uNkulunkulu, ngesizathu salokhu kuziphatha, uzemuka ukufaneleka ukusebenza, aphinde futhi aziphonse emuva kwabangakholwayo. Siyini isiphetho somuntu oyisisebenzi ophindiselwe emuva kwabangakholwayo? Siyafana nesalabo abangakholwayo: kuba ukubuyiselwa enyameni abe yisilwane athole isijeziso sabangakholwayo emhlabeni kamoya. Kanti uNkulunkulu akazibandakanyi Yena Uqobo ekujezisweni kwabo, ngoba abasawulungele umsebenzi kaNkulunkulu. Akubi ukuphela kwesiphetho sempilo yabo yokukholwa kuNkulunkulu, kodwa isigcino sesiphetho sabo, ukunqunywa kwesiphetho sabo, ngakho uma izisebenzi sizebenza kabi, ziyothwala imiphumela ngokwazo. Uma isisebenzi singakwazi ukusebena kuze kube sekugcineni, noma sephucwa ukufaneleka kokusebenza phakathi nesikhathi, siphonswa kwabangakholwayo—kuthi uma siphonswa kwabangakholwayo siphathwe ngendlela efanayo nokuphathwa ngayo imfuyo, ngendlela efanayo nokuphathwa ngayo abantu abangenakho ukuhlakanipha nokucabanga. Uma ngiyibeka kanje uyaqonda, yebo?

Lokho yindlela uNkulunkulu aphatha ngayo ukujikeleza kwempilo yokuphila nokufa yabakhethwa Nguye kanye nezisebenzi Zakhe. Uzizwa kanjani emva kokuzwa lokhu? Ngake ngakhuluma ngalesi sihloko engikhulume ngaso, isihloko sabakhethwa nguNkulunkulu kanye nezisebenzi? Ngike ngakhuluma ngaso, kodwa anisakhumbuli. UNkulunkulu ulungile kwabakhethwa Nguye kanye nasezisebenzini. Ulungile kukho konke, akungabazeki lokhu. Mhlawumbe, kunabantu abazothi: “Khona-ke kungani uNkulunkulu ebabekezelela kangaka abakhethwa? Yini ebekezela kancane uma kuza ezisebenzini?” Ukhona umuntu ofuna ukuzisukumela izisebenzi? “Angekwenze uNkulunkulu ukuthi azelulele isikhathi izisebenzi, athi ukuzibekezelela azimele?” Ngabe afanelekile la mazwi? (Cha, akunjalo.) Kungani engafanelekile? (Kungoba sikhonjiswe ukuthandwa ngokuthi nje siphiwe ithuba lokuba yizisebenzi.) Izisebenzi zikhonjiswe ukuthandwa ngokuthi nje ziphiwe ithuba lokuba yizisebenzi! Ngaphandle kwegama elithi “izisebenzi,” nangaphandle komsebenzi wezisebenzi, bezizoba kuphi lezi zisebenzi? Kulabo abangakholwayo, ziphila futhi zifa kanye nemfuyo. Mkhulu umhawu abawujabulela namuhla, ukuvunyelwa ukuba phambi kukaNkulunkulu, kanye nokuba sendlini kaNkulunkulu! Umhawu omkhulu lona! Uma uNkulunkulu ubengakunikanga ithuba lokumsebenzela, bewungeke ulithole ithuba lokuza phambi kukaNkulunkulu. Ukuphawula nje kancane, noma ngabe ungumBuddha futhi uzuze ukungafi, ngaphezu kwalokho uyisithunywa emhlabeni kamoya; awusoze uhlangane noNkulunkulu, noma uzwe izwi Lakhe, noma uzwe amazwi Akhe, noma uzwe izibusiso nothando Lwakhe kuwe, ngeke futhi ukwazi nangelinye ilanga ukumbona ubuso nobuso. KumaBuddha kukhona kuphela imisebenzi elula. Awakwazi ukwazi uNkulunkulu, anamathela njengabangaboni agcine imiyalelo, kanti izisebenzi zizuza okuningi kabi ngesikhathi somsebenzi! Okokuqala, zikwazi ukubonana ubuso nobuso noNkulunkulu, ukuzwa izwi Lakhe, ukuzwa amazwi Akhe, ukuhlangabezana nomhawu kanye nezibusiso Zakhe azinika abantu. Ngaphezu kwalokho, zijabulela amazwi namaqiniso eziwanikwa nguNkulunkulu. Zizuza okukhulu kakhulu! Kakhulu! Ngakho uma, njengesisebenzi, ungakwazi ukuthatha isinyathelo esifanele, uNkulunkulu angakugcina? Akaceli ngisho okungakanani kuwe! UNkulunkulu akakwazi ukukugcina; akukho akucelayo okwenza ngendlela eyiyo, awunamathelanga emsebenzini wakho—ngakho-ke, ngaphandle kokungabaza, uNkulunkulu akakwazi ukukugcina. Lokhu kuwukuziphatha kukaNkulunkulu okunokulunga. UNkulunkulu akakuvikeli ngokweqile, futhi akakukhiphi inyumbazana. Lokhu kuyimigomo enza ngayo izinto uNkulunkulu. UNkulunkulu wenza kanje kubantu bonke nezidalwa zonke.

kwethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana