21.7.19

Noma Isintu Sonakalisiwe, Sisaphila Ngaphansi Kobukhosi Begunya LoMdali

USathane selokhu onakalisa isintu izinkulungwane zeminyaka. Usedale ububi obungebalwe, ukhohlise isizukulwane ngesizukulwane, futhi wenza amacala esabekayo emhlabeni. Uhlukumeze umuntu, wakhohlisa umuntu, wayenga umuntu ukuthi amelane noNkulunkulu, futhi wenza izenzo ezimbi ezikhungathe zakhinyabeza uhlelo lukaNkulunkulu lokuphatha izikhathi eziningi. Kepha, ngaphansi kwegunya likaNkulunkulu, zonke izinto nezidalwa eziphilayo ziyaqhubeka ukugcina imigomo nemithetho ebekwe nguNkulunkulu. Uma uqhathanisa negunya likaNkulunkulu, imvelo embi kaSathane nedlangile imbi kakhulu, iyanyanyeka kakhulu, futhi iyanyanyisa, futhi incane kakhulu futhi ibuthakathaka. Noma ngabe uSathane uhamba phakathi kwezinto zonke ezidalwe nguNkulunkulu, akakwazi ukudala ngisho oluncane uguquko kubantu, ezintweni, kanye noma yini edalwe nguNkulunkulu. Izinkulungwane eziningi zeminyaka seyidlulile, futhi isintu sisathakasela ukukhanya nomoya okulethwe nguNkulunkulu, sisaphefumula umphefumulo okhishwe nguNkulunkulu uqobo, sisajabulela izimbali, izinyoni, izinhlanzi kanye nezinambuzane ezidalwe nguNkulunkulu; imini nobusuku busadedelana; izinkathi ezine zonyaka zisadedelana njengokujwayelekile; amahansi andiza esibhakabhakeni ayahamba ebusika, futhi abuye entwasahlobo elandelayo; izinhlanzi emanzini aziyishiyi neze imifula namachibi—ikhaya lazo; izihlonono emhlabathini ziyacula ngokuzimisela ehlobo; izinyendle otshanini ziyavungazela kancane zihambisana nomoya ekwindla; amahansi ayaqoqana aba imihlambi, lapho ukhozi lusahlala lodwana; imihlambi yamabhubesi ayazigcina ephila ngokuzingela; inyamazane i-elk ayeduki ibe kude notshani nezimbali…. Zonke izinhlobo zezilwane eziphilayo phakathi kwezinto zonke ziyahamba futhi zibuye, futhi ziphinde zihambe futhi, izigidi zezinguquko zenzeka ngokuphazima kweso—kodwa okungaguquki imizwelo nemithetho yokuphila. Noma isintu, esiphila phakathi kwezinto zonke, sonakalisiwe futhi sakhohliswa nguSathane, umuntu akakwazi ukuphila ngaphandle kwamanzi enziwe nguNkulunkulu, kanye nomoya owenziwe nguNkulunkulu, kanye nezinto zonke ezenziwe nguNkulunkulu, futhi umuntu usaphila futhi azale kakhulu ande kule ndawo edalwe nguNkulunkulu. Isazelo sesintu asikaguquki. Umuntu usathembe amehlo ukubona, izindlebe ukuba ezwe, uthembele engqondweni yakhe ukucabanga, enhliziyweni yakhe ukuqonda, emilenzeni nezinyawo ukuhamba, ezandleni ukusebenza, njalonjalo; yonke imizwa uNkulunkulu ayinika umuntu ukuze akwazi ukwemukela ukuhlinzeka kukaNkulunkulu yilokhu ingaguqukile. Amandla asiza umuntu ukuba asebenzisane noNkulunkulu akakaze aguquke, amandla esintu okwenza umsebenzi wesidalwa esidaliwe awakaguquki, izidingo zesintu zikamoya azikaguquki, ukulangazelela kwesintu ukuba sisindiswe nguMdali akukaguquki. Zinjalo izimo zamanje zesintu, esiphila ngaphansi kwegunya kaNkulunkulu, futhi esibekezelele imbubhiso yegazi edalwe nguSathane. Noma isintu besingaphansi kwencindezelo kaSathane, futhi singasebona o-Adamu no-Eva basekuqaleni kwendalo, kodwa sesigcwele izinto eziphikisana noNkulunkulu, njengolwazi, ukubona ngamehlo engqondo, imicabango, njalo njalo, futhi sigcwele isimo sokukhohlakala sikaSathane, emehlweni kaNkulunkulu, isintu kuseyisintu esifanayo nalesi asidala. Isintu sisabuswa futhi siphethwe nguNkulunkulu, futhi sisaphila emzileni obekwe nguNkulunkulu, ngakho emehlweni kaNkulunkulu, isintu esonakaliswe nguSathane, sisembozwe yinsila, sinesisu esidumayo, nokuphendula okuthanda ukuhamba kancane, ukukhumbula okungasekuhle njengakuqala, nokuthi sesithe ukukhula ngeminyaka—kodwa konke ukusebenza nemizwa yomuntu akulimalanga nhlobo. Lesi isintu uNkulunkulu ahlose ukusisindisa. Lesi sintu kufanele sizwe nje ukumemeza koMdali futhi sizwe iphimbo loMdali, bese sisukuma futhi siphuthume ukuthola umthombo walelo phimbo. Lesi sintu kufanele sibone nje isiqu soMdali, bese sishaya konke indiva, futhi sishiye konke, ukuze sizinikele kuNkulunkulu, futhi size sinikele ngempilo yaso Kuye. Uma inhliziyo yesintu iqonda amazwi athinta inhliziyo aphuma enhliziyweni yoMdali, isintu sizolahla uSathane futhi size ngakuMdali; lapho isintu sesikugezile ngokuphelele ukungcola emzimbeni waso, futhi saphinde sathola ukuhlinzekwa nokondleka kuMdali, ukukhumbula kwesintu kuyobuyela, futhi ngalesi sikhathi isintu siyobe sesibuyele ngempela ekubuseni koMdali.


kwethi Izwi Livela Lisenyameni

Ulwazi Oluthandwayo: South African Music Documentary

Awekho amazwana:

Thumela amazwana