16.11.18

Ukucwasa Abangaphandle Yinzondo Eyedlulele!



UXiaojin Endaweni yasePan’an, esiFundazweni saseZhejiang 

NgoNhlolanja wezi-2007, ibandla lathola umsebenzi osihloko esithi “Niselani Nilekelele Amakholwa Asemasha Ukuwasiza Athole Ukuzinza Ngokushesha.” Wawugcizelela ukuthi “Kubalulekile ukusebenzisa bonke abasebenza ngempumelelo nasebemnkantshubomvue ekuniseleni amakholwa asemasha ukuze kuphothulwe lo msebenzi. Abantu abangafanelekile ukuchelela amakholwa asemasha akufanele basetshenziswe; kufanele bashintshwe ukuze kugwenywe ukubambezela ukuhamba komsebenzi” (“Izindaba Ibandla Elibhekene Nazo Manje Kufanele Zisonjululwe” Amarekhodi Okuhlanganyela Nokuhlelwa Komsebenzi weBandla I). Emva kokubona lolu hlelo, esikhundleni sokusebenzisa imigomo yokulinganisa ukuthi udade wasesifundeni sethu owayenakekela amakholwa amasha ingabe wayefanelekile na, ngaba nemicabango engemihle ngaye: Lo muntu wenza nje umsebenzi wakhe ngokunganaki futhi akangagxila ekudleni nasekuphuzeni amazwi kaNkulunkulu. Ngale kwalokho, wayenaka inyama, ngakho wayengafanelekile ukunakekela amakholwa amasha. Okubaluleke kakhulu, wayecabanga ukuthi wayehlakaniphe kakhulu ngakho waba nokuqhosha waba nokubukela phansi abanye. Esikhathini esidlule sokugcina, waya kumuntu owengamele umsebenzi wokunakekelwa kwamakholwa esizindeni wayokhuluma kabi ngami. Ukube bekungeve kungenxa yezidingo zomsebenzi wami omatasa, bengingeke ngimnake nhlobo. Ngithe uma ngicabanga, ngaqhamuka necebo: Kungani ngingathathi leli thuba ngifake omunye umuntu esikhundleni sakhe ukuze ngingaphindi ngimbone? Angithi vele uyazidla? Ngizovele ngifake omunye umuntu esikhundleni sakhe sibone-ke ukuthi uzozidla kanjani!

Ngenxa yalokho, angizange ngikukale ukwenzeka ngempumelelo komsebenzi wakhe futhi ngangingabekanga ukubaluleka kwebandla kuqala. Ngangijahe nje ukumkhipha esikhundleni ngifake omunye umuntu. Kamuva, ngokunganaki ngaletha umholi webandla kuleso sifunda ukuba azongena esikhundleni sokunakekelwa kwamakholwa asemasha. Ngokwami ukubona, lo muntu wayezokwazi ukubekezelela ubunzima, wayekhuluma amazwi anomusa futhi esebenza ngokushesha. Wayenozwelo kubantu futhi wayewufanele nje lo msebenzi wokunakekelwa kwamakholwa asanda kuphenduka. Angizange nginake kuthi umuntu owayengamele umsebenzi wokunakekelwa kwamakholwa asanda kuphenduka kanye nomdidiyeli wayecabanga ukuthi lo muntu wayengafanelekile kanye nokuthi lo dade engangimgudluzile uyena owayefanelwe yilo msebenzi. Ngenza konke okusemandleni ukukhuluma izinto ezinhle ngalo mholi webandla, ngaze ngaqhakambisa ukuthi akekho omunye owayengcono kunaye. Kuthe lapho sengingasazimisele ukwamukela iziphakamiso, ngathola izindaba ezazithi lo mholi webandla wayebhekwe ngudrako omkhulu obomvu. Ngaphandle kweminye imibono, ngayeka ukuzicabangela mina ngokukhulu ukuzihudula ngabuyisela udade lo wasekuqaleni. Inhliziyo yami yayiphukile kakhulu futhi inengcindezi, futhi kwakungathi ngangingasenandawo yokukhiphela indikibalo yami.

Lokhu kwaqhubeka kwaze kwathi langa limbe lapho ngifunda indima ethile yentshumayelo yendoda: “Indlela abaholi abaphatha ngayo abafowabo nodadewabo abangaboni ngaso linye nabo, abaphikisana nabo, abangavumelani nabo—lolu wudaba olubucayi kakhulu futhi okufanele luphathwe ngokuqikelela. Uma bengangeni eqinisweni, nakanjani bazocwasa bagadle kulo muntu uma behlangabezana nesimo esinjengalesi. Lolu hlobo lwesenzo luveza ngqo imvelo kadrako omkhulu obomvu emelana futhi ekhaphela uNkulunkulu. Uma umholi engumuntu olilandelayo iqiniso, enonembeza, nengqondo, uzolifuna iqiniso bese eliphatha ngendlela elungile” (“Abaholi Abangacabangisisi Abangaqhubi Umsebenzi Wabo Ngendlela Efanele Kufanele Baxoshwe” Amarekhodi Okuhlanganyela Nokuhlelwa Komsebenzi weBandla I). Ngalesi sikhathi, ngazithola ngicabanga emuva esehlakalweni sakamuva sokushintshwa kwalowo owayesesifundeni esiza ukunakekela amakholwa asemasha. Ngalesiya sikhathi, uNkulunkulu wayengivimbele ukuba ngenze into embi ukuze avikele umsebenzi waKhe, okwavimba ukuphumelela kwecebo lami. Noma kunjalo, imvelo enobusathane nobuthi bukadrako omkhulu obomvu ngaphakathi kimina yavutha amalangabi. Ukuhlelwa komsebenzi kwakucacisa ngokusobala ukuthi kwenziwe konke okusemandleni ukuba kunakekelwe amakholwa asemasha nokuba kulethwe abantu abafanelekile ukuba bazosebenza nabo. Kodwa phezu kokushiseleka komsebenzi kaNkulunkulu wokusindisa abantu, kanye nangaphandle kokucabangisisa ngokwenziwa komsebenzi ngendlela, ngazithathela leli thuba ngacwasa futhi ngamhlasela umuntu owayengangiphathanga kahle mina. Ngokwenza lokho, ngangingasebenzisi yona indlela enyanyekayo njengodrako omkhulu obomvu esusa abangabangaphandle? Ngangimkhonza kanjani uNkulunkulu uma ngenza kanje? Kwakuwukucindezela abantu nje nokubajezisa. Kwakuwukuphazamisa umsebenzi webandla. Ngase ngingcoliswe uSathane ngokunzulu futhi mina uqobo sengiwudrako omkhulu obomvu uqobo. Izenzo zami zazingahlukile kulezo zikadrako omkhulu obomvu. Udrako omkhulu obomvu usebenzisa amasu esabisayo ukukhiphela abantu ngaphandle. Nami ngangigudluza umuntu owayenginengile ngacasha ngokungathi ngihlela umsebenzi. Udrako omkhulu obomvu unyusela phezulu labo abethembayo kanti nami nganginyusela phezulu umuntu engangicabanga ngokwami ukuthi wayemuhle futhi ehambisana nombono wami. Udrako omkhulu obomvu ulandela ikhodi yobusathane ethi “Zinikele kimi kungenjalo uzobhubha.” Nami ngasebenzisa “amandla ami” ukuthola ukuziphindiselela kumuntu owayenginengile futhi owayeveze umbono wakhe ngami. Udrako omkhulu obomvu uyawahlanekezela amaqiniso; akunabulungiswa futhi akulunganga. Ngangibuswa yimizwa ngenkathi ngihlaba umuntu owayengahambisani nentando yami. Ngakhuluma kahle ngomuntu owayethandwa yimi ngaze ngagcina senginehaba, ngahambela kude neqiniso. … Manje ngiyabona ukuthi ubuthi bukadrako omkhulu obomvu bungene bajula kimina. Sebuvele buyingxenye yempilo yami, kangangokuthi bunomthelela endleleni engiziphatha ngayo. Ubuthi bukadrako omkhulu obomvu bungenza ngibe nobubi ngibe nenhliziyo embi; benza umphefumulo wami ube ngongcolile, owesabekayo, nomubi, nokungenza ngobuwula ngimhlamuke uNkulunkulu. Uma bekungekhona yokukhanyiselwa uNkulunkulu, ngabe ngisaphila enkohlakalweni yami futhi ngicabangana namacebo ami abhuntshile. Ngabe ngempela angikazi ukuthi ngilahlekelwe yingqondo nonembeza nokuthi ukuziphatha kwami kusicanulile isimo sikaNkulunkulu.

Nkulunkulu Somandla, izambulo Zakho zingenze ngabona ukuthi imvelo yami yimbi kakhulu futhi iyenyanyeka. Mina wonkana ngiyisimo sikadrako omkhulu obomvu; ukuziphatha kwami akwehlukanga kulokho kukadrako omkhulu obomvu. Kusukela manje kuya phambili, ngizimisele ukuthungatha iqiniso ngokukhuthala. Ngizozihlaziya ngingedwana ngokuqhathanisa imicabango yami, amazwi kanye nezenzo namazwi kaNkulunkulu, ngiyibone imvelo kadrako omkhulu obomvu kimina. Ngizobona umongo wawo ngokucacile bese ngiwuzonda ngokweqiniso, ngisuke kuwona, ngibe ngumuntu weqiniso onobuntu obuzoduduza inhliziyo Yakho!

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana