30.10.18

Ukubaluleka Kokusebenzisana Emsebenzini

insindiso

UMei Jie    Edolobheni laseJinan, EsiFundazweni saseShandong 

Emva kokushintshwa kwabaphathi bebandla kubuyela kokwasekuqaleni, ubambiswano lwasungulwa ezingeni lobuholi ngamunye wezinga lendlu kaNkulunkulu. Ngaleso sikhathi ngangicabanga ukuthi lokhu kwakuwuhlelo olulungile. Isimilo sami sasingesihle kahle futhi nganginomsebenzi omningi; ngangimdinga ngempela umlingani owayezongisiza ngiphothule lonke uhlobo lomsebenzi esizindeni sami.

Ngakho, mina nodadewethu othile saba ngabalingani ngokomsebenzi saqala ukwenza ndawonye umsebenzi wobufundisi ebandleni. Kodwa kancane kancane, ngabona ukuthi wayengenzi zonke izinto njengokwentando yami, kwaqala kwaba nokuphikisana enhliziyweni yami: Yize noma ngiba matasatasa uma ngisebenza ngedwa, kulungile, vele ukuhlela ukuba nomlingani engisebenza naye kuzoba nokunenga. Uma ngimyeka enze umsebenzi othile bese kungabi yinto efanelekayo, kusho ukuthi kungangcono ngizenzele mina ngokwami. Uma ngingamyeki enze umsebenzi, empeleni, ungumlingani wami. … Ngakho, kwaya ngokuya kwanda ukuqophisana enhliziyweni yami, kwaze kwaba yisikhathi lapho, ngangingasakwazi ukuzibamba futhi ngamthukuthelela: “Ungaba kanjani yisiphukuphuku kangaka? Ube umholi iminyaka eminingi, kwenzeka kanjani ukuba namanje awukakwazi ukwenza umsebenzi omuhle? Yini ungakwazi ukuqonda, noma ukuphendula? …” Emva kokuba sengiqedile, angizizwanga kahle neze, empeleni ngalahlwa unembeza. Ngazicabangela ngathi: Ingabe isimo sami silungile? Ngakho ngeza phambi kukaNkulunkulu ngifuna, ngase ngibona amazwi kaNkulunkulu ayethi: “Namuhla izimfuno zokuthi nisebenze ndawonye ngokubambisana ziyafana nendlela uJehova athi ama-Israyeli awamkhonze ngayo. Ngale kwalokho, vele uqede inkonzo yakho. Ngenxa yokuthi ningabantu bakhonza uNkulunkulu ngokuqondile, okungenani kufanele nikwazi ukuba qotho nokulalela enkonzweni yenu, futhi kufanele nikwazi ukufunda izifundo ngendlela engokoqobo. … Anilokothi ngisho nifunde noma ningene ezifundweni ezinjalo ezingokoqobo, futhi nisakhuluma ngokukhonza uNkulunkulu? … Uma nina bantu enengamele ukusebenza emabandleni ningafundi komunye nomunye, futhi nixoxisane, nisekelane eziphambekweni zomunye nomunye, ningazifunda kuphi izifundo? Lapho nihlangabezana nanoma yini, kufanele nixoxisane, ukuze ukuphila kwenu kuzuze” (“Khonza Njengoba Kwenza Ama-Israyeli” kwethi Izwi Livela Lisenyameni). Ngabe sengibona lokhu ekuhlanganyeleni nabantu: “Kunabanye abantu abangakwazi ukusebenzisana nabanye ngenkathi begcwalisa umsebenzi wabo. Akunamuntu okwazi ukusondela eduze kwabo; lokhu kukhombisa ukuzazi nokuqhosha kwabo, ukuthi abanawo umuzwa wobuntu, abaziqondi, futhi babukela phansi abanye. Ingabe lokhu akudabukisi? Isimo salolu hlobo lwabantu asishintshi nhlobo, futhi akulula ukusho ukuthi bangasindiswa na nguNkulunkulu. Abantu abazazi ngempela bayakwazi ukuphatha abanye abantu ngendlela elungile nangaphandle kokugxeka okwedlulele. Bangakwazi futhi nokweseka abanye ngesineke, benze abantu bazizwe bebalulekile futhi bethandeka; bangaba nobudlelwane obuhle nabanye. Bangabantu abanobuntu, futhi ukuphela kwabantu abanobuntu abanokuzinikela kuNkulunkulu, abakwazi ukuphila ngoxolo nabanye abantu, futhi bagcwalise ngokufanele ezabo izibopho” (Ukuhlanganyela Okungenhla). Kuhlangene nalawo mazwi kaNkulunkulu kanye nalokhu kokuhlanganyela kwabantu, ngazihlolisisa ngokuqikelela ngase ngibona ukuthi ngangingakayiqondi intando kaNkulunkulu endlini kaNkulunkulu ekuhleleni abalingani bazo zonke izigaba zabaholi. Phezu kwalokho, ngangingakaqali ukusebenzisa noma ukungena eqinisweni lokubambisana ngoxolo. Esinye sezizathu zokuhlelwa kwendlu kwabalingani bokusebenzisana endlini kaNkulunkulu kithina kungenxa yokuthi imimoya yayiphansi kakhulu, futhi ukuqonda kwethu wonke amaphuzu eqiniso nakho kwakukhawulekile. Sasingakwazi ukuthatha wonke umsebenzi ebandleni sodwa. Ngosizo lomlingani wami, sakwazi ukuphothula umsebenzi webandla kanjalo nokugwema ukungalaleli uNkulunkulu ngokusebenza ngasodwana, ukwenza konke esasifuna ukukwenza, kanye nokuncika kweyethu intando emsebenzini wethu kaNkulunkulu. Esinye isizathu kwakuwukuthi ukuze sikwazi ukwenza kangcono ukungena eqinisweni lobuntu obujwayelekile, ukuze sikwazi ukuba nokuhlanganyela okufanayo nabalingani esisebenza nabo, futhi sifunde omunye komunye. Lokhu kunomvuzo omkhulu emsebenzini webandla kanjalo nasempilweni yethu yokungena. Lokhu kwangenza ngabona ukuthi ukusebenzisana ngoxolo emsebenzini wethu kubucayi kakhulu emsebenzini webandla kanye nesekungeneni kwethu empilweni! Kodwa ngangingakafuni intando kaNkulunkulu nhlobo kulokhu. Nganginganakanga ukuthi yiziphi izifundo zangokoqobo engangingazifunda ngalokhu kubambisana. Ngavele nje ngokunqikaza ngasebenza naye ngenxa yezinhlelo zebandla, futhi kwathi nje lapho udade ehluleka ukubhekana kahle nezinto ezimbalwa, ngamthethisa ngamthukuthelela. Vele ngangilokhu ngicabanga ukuthi wayengakwazi ukusebenza kahle njengami, futhi angibonanga amaphuzu awenza kahle nokuhle ngaye. Ngaze ngaphikisana nohlelo lwebandla. Impela ngangizithwele, ngingaziboni nhlobo, futhi ngangingenabo nobuncane Ubuntu noma ukucabanga ngokujwayelekile, futhi nakakhulu ngangingenayo inhliziyo ethobele uNkulunkulu, futhi ngingafanelekile nokusebenza phambi kukaNkulunkulu.

O Nkulunkulu! Isambulo sami singenze ngabona ukungakwazi kwami ukusebenzisana ngoxolo, ukuqhosha kwami nohlangothi lwami olungeluhle lokusebenzela Wena. Kusukela ngalolu suku kuya phambili, ngizimisele ukugcina inhliziyo enokuzithoba Kuwena, ukungaqhubeki nokuziphakamisa, futhi kuzona zonke izinto ukugxila ezintshisekelweni zebandla. Ukusebenzisana emsebenzini ngizokweseka abanye futhi ngifunde kwabanye. Ngizogxila kokwami ukungena eqinisweni, futhi ngifune ukuba ngisheshe ngibe umuntu oneqiniso nobuntu obufanelekile ukusetshenziswa Nguwe.

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana