6.10.18

Ngokombono wami, zonke izinkolo zifundisa isintu ukuba silunge. Ingabe lokho kusho ukuthi kungakhathalekile ukuthi iyiphi inkolo isintu esiyilandelayo, kuphela nje uma siqotho futhi singenzi izenzo ezimbi sizothola insindiso?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:

Ongazange awudale umhlaba ngeke akwazi ukuwufikisa ekugcineni, kepha Lowo owadala umhlaba ngokuqinisekile uzowufikisa ekugcineni, ngakho uma umuntu engakwazi ukuletha inkathi esiphethweni futhi amane esiza umuntu ukuthi alungise umqondo wakhe, impela ngeke abe uNkulunkulu, futhi ngokuqinisekile ngeke abe yiNkosi yesintu. Ngeke akwazi ukwenza umsebenzi omkhulu kanjalo; munye kuphela ongenza lo msebenzi onjalo, futhi bonke labo abangakwazi ukwenza lo msebenzi ngokuqinisekile izitha ngaphandle kwaNkulunkulu. Uma beyinkolo-ze, abahambisani noNkulunkulu, futhi uma bengahambisani noNkulunkulu, ngakho bayizitha zikaNkulunkulu. Wonke umsebenzi wenziwa yilo Nkulunkulu oyedwa oyiqiniso, kanti nomhlaba wonke nezulu lonke likhuzwa ngulo Nkulunkulu oyedwa.

kwesithi “Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ekupheleni kwalo msebenzi, wonke amahlelo ayoba elilodwa, zonke izidalwa ziyobuyela ngaphansi kombuso woMdali, zonke izidalwa ziyokhonza uNkulunkulu oyedwa oyiqiniso, futhi zonke izinkolo mbumbulu ziyophela, futhi zingaphinde zivele.

kwesithi “Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kuyiqiniso elingenakuphikwa ukuthi “abekho abalungileyo kulo mhlaba, abalungileyo abekho emhlabeni.” Lapho niza ngaphambi kukaNkulunkulu, cabangani ngalokho enikugqokile, cabangani ngawo wonke amazwi nezenzo zenu, yonke imicabango nemibono yenu, ngisho namaphupho eniwaphupha mihla yonke—konke kungokwenzuzo yenu. Akulona yini iqiniso lelo? “Ukulunga” akusho ukupha abahluphekayo, akusho ukuthanda umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena, futhi akusho ukungalwi, ukungaphikisani, ukungayibambi inkunzi noma ukungebi. Ukulunga kusho ukuthatha imiyalo evela kuNkulunkulu njengomsebenzi wakho nokulalela iziqondiso nezinhlelo zikaNkulunkulu njengomsebenzi ovela ezulwini, kungakhathaleki ukuthi kunini noma kukuphi, kho konke njenga okwenziwa iNkosi uJesu. Yilokhu kanye ukulunga okukhulunywe uNkulunkulu. Ukuthi uLoti wayengase abizwe ngendoda elungile kungenxa yokuthi wasindisa izingelosi ezimbili ezazithunyelwe uNkulunkulu ngaphandle kokukhathazwa ukuthi yini ayezoyizuza noma ayezolahlekelwa yiyo; lokho akwenza ngaleso sikhathi kubizwa ngokuthi ukulunga, kodwa akakwazi ukubizwa ngendoda elungile. Kwaba ngenxa yokuthi uLoti wayebone uNkulunkulu okwenza wanikela ngamadodakazi akhe amabili endaweni yezingelosi.. Kodwa akuzona zonke izenzo zakhe zangaphambili ezimeele ukulunga, futhi kungakho ngithi “abekho abalungileyo emhlabeni.” Ngisho naphakathi kwalabo abazama ukululama, akekho ongabizwa ngokuthi ulungile. Kungakhathaleki ukuthi izenzo zakho zinhle kangakanani, kungakhathaleki ukuthi ubonakala ukhazimulisa igama likaNkulunkulu kangakanani, awubashayi futhi awubaqalekisi abanye abantu, noma awubabambi inkunzi futhi awuzebi izinto zabo, noma kunjalo awukwazi ukubizwa ngokuthi ulungile, ngoba noma imuphi umuntu ovamile angaba njalo. Namuhla, okubalulekile ukuthi awumazi uNkulunkulu. Namuhla kungamane kuthiwe unokuncane okubonisa ukuthi ungumuntu, noma kunjalo awukwazi ukuba nokulunga uNkulunkulu akhuluma ngakho. Ngakho akukho kokwenzayo okuwubufakazi bolwazi lwakho ngoNkulunkulu.

kwesithi “Ababi Kumele Bajeziswe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Izinga umuntu ahlulela ngalo omunye, lisekelwe endleleni aziphatha ngayo; lowo oziphatha kahle ungumuntu olungile, lowo oxegelwa isimilo ukhohlakele. Izinga uNkulunkulu ahlulela ngalo umuntu lisekelwe ekutheni lowo muntu uyamlalela yini; lowo olalela uNkulunkulu ungumuntu olungile, futhi lowo ongamlaleli uNkulunkulu uyisitha futhi ungumuntu okhohlakele, kungakhathaliseki ukuthi ukuziphatha kwalowo muntu kuhle noma kubi, kungakhathaliseki ukuthi lowo muntu ukhuluma ngendlela efanele noma engafanele. Abanye abantu bafisa ukusebenzisa lezo zenzo ezinhle ukuze bazitholele indawo enhle abazoya kuyo, kanti abanye bafisa ukusebenzisa amazwi ukuze bathenge ngawo indawo enhle. Abantu bacabanga ngokuyiphutha ukuthi uNkulunkulu unquma ikusasa lomuntu ngokwendlela aziphatha nakhuluma ngayo, ngakho abantu abaningi bazofuna ukusebenzisa lokhu ukuze bazitholele umusa wesikhashana ngokukhohlisa.

kwesithi “UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Manje baningi abantu abangakwazi ukubona ikusasa lesintu nalapho siphokophele khona futhi abangawakholwa amazwi engiwakhulumayo; bonke labo abangawakholwa, kanye nalabo abangaphili ngeqiniso, bangamademoni! Labo abalifunayo nalabo abangalifuni manje bayizinhlobo ezimbili ezingafani zabantu, futhi bayizinhlobo ezimbili zabantu eziphokophele ezindaweni ezimbili ezingafani. Labo abafuna ulwazi lweqiniso futhi benze okushiwo iqiniso bangabantu uNkulunkulu ayobasindisa. Labo abangayazi indlela yeqiniso bangamademoni nezitha; bayinzalo yengelosi embi enkulu futhi bayobhujiswa. Ngisho nabantu abakholelwa kuNkulunkulu ongaqondakali—ingabe abawona yini nabo amademoni? Abantu abanonembeza ohlanzekile kodwa abangayamukeli indlela yeqiniso bangamademoni; ubuntu babo buyamphika uNkulunkulu. Labo abangayamukeli indlela yeqiniso yilabo abamphikayo uNkulunkulu, futhi ngisho noma laba bantu bebekezelela ubunzima obuningi, basazobhujiswa. … Noma ubani ongakholelwa ekubeni nesimo somuntu kukaNkulunkulu unobudemoni; okungaphezu kwalokho, ukuthi uzobhujiswa.

kwesithi “UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana