2.10.18

Kungani abantu abakholwa kuNkulunkulu kufanele bathandaze, bahlangane, futhi bafunde izwi likaNkulunkulu ukuze bathole ukuphila okusha?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:

Umthandazo enye yezindlela umuntu asebenzisana ngazo noNkulunkulu, yindlela umuntu abiza ngayo uNkulunkulu, futhi yinqubo umuntu athintwa ngayo uMoya kaNkulunkulu. Kungashiwo ukuthi labo abangenawo umthandazo ngabafile emoyeni, ubufakazi bokuthi abanazo izindlela zokuthintwa uNkulunkulu. Ngaphandle komthandazo, abakwazi ukuthola impilo yomoya ejwayelekile, futhi abakwazi nokulandela umsebenzi kaMoya oNgcwele; ngaphandle komthandazo, balimaza ubudlelwane babo noNkulunkulu, futhi abakwazi ukuthola imvume evela kuNkulunkulu. Uma ungumuntu okholwa kuNkulunkulu, ngenkathi uthandaza kaningi, kungale nkathi uzothintwa uNkulunkulu. Abantu abafana nalaba baneziphakamiso ezinkulu futhi bayakwazi ukuthola njalo ukukhanyiselwa okuvela kuNkulunkulu; ngenxa yalokho ngabantu abafana nalaba kuphela abakwazi ukupheleliswa ngokushesha nguMoya oNgcwele.


kwesithi "Mayelana Nenqubo Yokuthandaza" encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Injongo yomthandazo ukuthi abantu beze ebukhoneni bukaNkulunkulu futhi bathole izinto uNkulunkulu ahlose ukubanika zona. Uma uthandaza njalo futhi uza njalo ebukhoneni bukaNkulunkulu, khona-ke uzoba nobuhlobo obuqhubekayo noNkulunkulu, futhi ngaso sonke isikhathi uzokwenza ukuthi uthinteke, ngaso sonke isikhathi uthole amalungiselelo aKhe, ngakho uzoguqulwa; izimo zakho zizoqhubeka zithuthuka futhi ngeke uphindele emuva. Ikakhulu lapho abafowethu nodadewethu behlangana ndawonye emthandazweni. Lapho umthandazo usuphelile, kuba namandla amakhulu kakhulu, ubuso bawo wonke umuntu bugcwale umjuluko futhi bezwa ukuthi bazuze izinto eziningi. Empeleni, ngemva kwezinsuku ezimbalwa zokuba ndawonye bengazange baxoxe kangako, kwakuwumthandazo owabenza baba namandla, futhi bafisa ukuthi ngabe bashiya imindeni yabo nezwe lonke ngaso leso sikhathi, bafisa sengathi bangadela yonke into, konke ngaphandle kukaNkulunkulu. Uyabona ukuthi amandla abo makhulu kakhulu. UMoya oNgcwele usebenza ukunika abantu la mandla futhi abantu abasoze bawajabulela ngokugcwele! Uma ungathembeli kula mandla, wenza lukhuni inhliziyo yakho futhi ube ntamo-lukhuni; noma uma uthembela emandleni akho okuzimela nasezifisweni zakho, ngakho-ke ungaya kuphi? Ngeke uye kude ngaphambi kokuba ukhubeke futhi uwe, futhi ngeke ube nalawo mandla njengoba uhamba. Abantu kufanele babe nokuxhumana noNkulunkulu kusukela ekuqaleni kuye ekugcineni, kodwa abantu balahla uNkulunkulu njengoba behamba. UNkulunkulu unguNkulunkulu, abantu ngabantu, futhi bahamba ngezindlela zabo ezihlukene. UNkulunkulu ukhuluma ngezwi laKhe kanti abantu bahamba ngezindlela zabo, kunezindlela ezimbili ezihlukene. Lapho abantu bengenawo amandla, bangeza kuNkulunkulu futhi basho amazwi ambalwa ukuze baboleke amandla athile. Ngemva kokuboleka amandla amancane, bahamba bangabuyi. Ngemva kokubaleka isikhathi esithile, baphelelwa amandla, bese bephindela kuNkulunkulu futhi bacele ukuba abanike amandla amancane engeziwe. Abantu banjalo nje futhi abakwazi ukubambelela isikhathi eside. Lapho abantu beshiya uNkulunkulu, khona-ke abanayo indlela.

… Abantu abalifundi izwi likaNkulunkulu futhi abanakho ukuxhumana nezinto zempilo engokomoya. Abanakho ukuqonda izimo zabo. Ngaphandle kokuthandaza futhi ngaphandle kwempilo yebandla, akunakwenzeka ukuqonda isimo sempilo engokomoya. Ingabe nizizwa ngale ndlela? Ukuze ukholelwe kuNkulunkulu, kuyadingeka ukuba uthandaze kanje. Ngaphandle kokuthandaza, khona-ke ngeke ube nomfanekiso wokukholelwa kuNkulunkulu.


kwesithi “Ukubaluleka Nendlela Yokwenza Umthandazo” encwadini ethi Izinkulumo ZikaKristu Ezilotshiwe

Nakuba sengiqedile ukukhuluma amazwi Ami, abantu abakaqondi ngokuphelele, futhi lokhu kungenxa yokuthi bantula isimo esifanele. Le nkinga ingaxazululeka ngokuphila kwebandla nangokuhlangana nabanye.


kwesithi "Isenzo (1)" encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngokubona ukuthi uNkulunkulu uhlale ekhuluma, abanye bavele bakhathale yizwi Lakhe bacabange ukuthi alinamiphumela noma ngabe bayalifunda noma abalifundi. Lokho akusona isimo esijwayelekile. Izinhliziyo zabo azomele ukungena eqinisweni, abantu abanjalo abomi noma babone ukubaluleka kokupheleliswa. Uma sewuzizwa ungasomeli izwi likaNkulunkulu, kukhombisa ukuthi isimo sakho asijwayelekile. … Manje ufanele ukudla ubuye uphuze izwi likaNkulunkulu noma ngabe kukusiphi isimo, noma ngabe umatasa noma cha, noma ngabe izimo ziphikisana nawe noma cha, noma ngabe uyalingwa noma cha. Empeleni, izwi likaNkulunkulu liyisisekelo sokuba khona komuntu. Akekho ongafulathela izwi Lakhe futhi kumele adle ezwini Lakhe kube sengathi yizidlo ezintathu zosuku. Kungaba yindaba elula kanjalo ukupheleliswa, uzuzwe uNkulunkulu? Noma ngabe uyaqonda noma awuqondi manje, noma unombono emsebenzini kaNkulunkulu, kumele udle uphuze kakhulu ezwini likaNkulunkulu. Lokhu ukuhambela phambili ukungena. Uma usulifundile izwi likaNkulunkulu, shesha ukusebenzisa lokho ongangena kukho, ubekele eceleni okwesikhashana lokho ongekwazi.… Bonke labo abangakhombisi ukubaluleka ezwini likaNkulunkulu abahlala bakhombise enye indlela yokuziphatha ezwini Lakhe, indlela yokunganaki nokukholwa ukuthi alenzi mehluko noma ngabe bayalifunda izwi Lakhe, yilabo abangenalo iqiniso. Abakwazi ukubona noma ngabe umsebenzi kaMoya oNgcwele noma ukukhanwa okulethwa Nguye. Abantu abanjalo bayahamba nje, abazenzisi abangenaziqu, njengoMnu. Nanguo womzekeliso. [a]

…………

… Njengoba ukholwa kuNkulunkulu, ufanele ukudla uphuze ezwini Lakhe, uphile ngaphakathi kwalo, ubuye uliphile. Yilokhu okungukukholwa kuNkulunkulu! Uma uthi uyakholwa kuNkulunkulu kodwa ungakwazi ukukhuluma noma yimaphi amazwi Akhe noma uwenze, awuthathwa njengomuntu okholwa kuNkulunkulu. Lokhu ukufuna “isinkwa sokuqeda indlala.” Ukusho ubufakazi obuncane, izinto ezingenamsebenzi, nezinto zangaphandle, ezingenakho ngisho nokuncane okweqiniso akwenzi ukholwe kuNkulunkulu. Kanjalo,[b] awukayibambi indlela efanele yokukholwa kuNkulunkulu. Kungani ufanele ukudla nokuphuza kakhudlwana emazwini kaNkulunkulu? Ngabe kuthathwa njengokholo uma ungadli ungaphuzi emazwini Akhe ufune nje ukukhuphukela ezulwini? Yisiphi isinyathelo sokuqala salowo okholwa kuNkulunkulu? UNkulunkulu umphelelisa ngayiphi indlela umuntu? Ungapheleliswa ngaphandle kokudla nokuphuza izwi likaNkulunkulu? Ungathathwa njengomuntu wombuso ngaphandle kwezwi likaNkulunkulu njengeqiniso lakho? Yini ngempela ukukholwa kuNkulunkulu? Abakholwa kuNkulunkulu kufanele babe nokuziphatha kahle ngaphandle, okungenani, kanti okubaluleke kakhulu ukuba nezwi likaNkulunkulu. Noma ngabe kunjani, ngeke ukwazi ukufulathela izwi Lakhe. Ukwazi kwakho uNkulunkulu nokugcwalisa intando Yakhe konke kufezeka ngezwi Lakhe. Zonke izizwe, amahlelo, izinkolo ezehlukene, nezindawo eziklanyiwe konke kuyonqotshwa ngezwi esikhathini esizayo. UNkulunkulu uzokhuluma ngqo, futhi bonke abantu bazobamba izwi likaNkulunkulu ezandleni zabo; abantu bazopheleliswa ngalokhu. Izwi likaNkulunkulu lisabalale yonke indawo: Abantu bakhuluma ngezwi likaNkulunkulu benze ngokwezwi likaNkulunkulu, nalokho abakugcine kubona kulokhu kuyizwi likaNkulunkulu. Ngaphakathi nangaphandle, bacwiliswe ezwini likaNkulunkulu, ngakho baphelelisiwe. Labo abagcina intando kaNkulunkulu bakwazi nokufakaza Ngaye yilabo abanezwi likaNkulunkulu njengeqiniso.

Ukungena eNkathini Yezwi, okungukuthi, iNkathi Yenkulungwane Yeminyaka Yombuso ngumsebenzi oqedwayo manje. Ukusuka manje, qala ukuhlanganyela ngezwi likaNkulunkulu. Ngokudla nangokuphuza ezwini Lakhe, nangokuthola ulwazi ngalo ungalibonisa izwi likaNkulunkulu. Kungamazwi akho kuphela olwazi onalo angenza abanye bakukholwe. Uma ungenalo izwi likaNkulunkulu, akekho umuntu ongakukholwa! Bonke labo abasetshenziswa nguNkulunkulu bayakwazi ukukhuluma ngezwi likaNkulunkulu. Uma ungakwazi, lokhu kukhombisa ukuthi uMoya ONgcwele awukasebenzi kuwe futhi awukapheleliswa. Lokhu ukubaluleka kwezwi likaNkulunkulu. Unayo inhliziyo enxanele izwi likaNkulunkulu? Labo abanxanele izwi likaNkulunkulu banxanele iqiniso, kanti yilabo bantu abanjalo ababusiswa nguNkulunkulu. Esikhathini esizayo, maningi kakhulu amazwi azowasho uNkulunkulu kuwo wonke amabandla nakuwo wonke amahlelo. Uqala ngokukhuluma asho ngeZwi Lakhe kini aniphelelise ngaphambi kokuqhubeka ngokukhuluma asho izwi Lakhe kwabezizwe abanqobe. Ngezwi, bonke bazokwaneliseka ngeqiniso. Ngezwi likaNkulunkulu nezambulo Zakhe, isimo esikhohlakele somuntu sishabalele. Bonke banesimo somuntu, kanti isimo somuntu sokuhlubuka sinciphile kakhulu. Izwi lisebenza kumuntu ngegunya limnqobe ekukhanyeni kukaNkulunkulu. Umsebenzi lowo uNkulunkulu azowenza kule minyaka yamanje kanye nokuguquka komsebenzi Wakhe, konke kungatholakala ezwini Lakhe. Uma ungafundi izwi Lakhe, ngeke uqonde lutho. Ngokudla nangokuphuza ezwini Lakhe, ngokuhlanganyela nabazalwane nolwazi lwakho, ulwazi lwakho lwezwi likaNkulunkulu luzophelela. Yile ndlela ongakwazi ngayo ukuliphila empilweni yangempela.


kwesithi "INkathi Yombuso YiNkathi Yezwi" encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Iqiniso umuntu okufanele alazi litholakala ezwini likaNkulunkulu, iqiniso elizuzisayo futhi eliwusizo olukhulu esintwini. Liwumuthi nokudla okudingwa imizimba yenu, into enisizayo nibuyise ubuntu benu obujwayelekile, iqiniso okufanele nihlonyiswe ngalo. Uma nenza izwi likaNkulunkulu, ukuphila kwenu kuzoqhakaza nakakhulu; uma nenza izwi likaNkulunkulu, iqiniso licaca nakakhulu. Njengoba isimo senu sikhula, izinto zasezweni likamoya nizozibona ngokucacile, futhi nizoba namandla okunqoba uSathane. … Ngakho, ungaya nomaphi ngeqiniso, kodwa uma ungenalo iqiniso, ungalokothi uzame ukuqinisekisa abantu abakholwayo, ingasaphathwa eyomndeni wakho. Ngaphandle kweqiniso ufana noshibilika eqhweni, kodwa ngeqiniso ungajabula futhi ukhululeke, akekho ongakuhlasela. Akunandaba ukuthi imfundiso inamandla kangakanani, ngeke ilehlule iqiniso. Ngeqiniso, kungagudluzwa umhlaba nezintaba kanye nolwandle, kanti ukungabi neqiniso kuholela ekudliweni izibungu; leli iqiniso elilula.


kwesithi "Landelani Iqiniso Uma Seniliqonda" encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo yaphansi:

a. Umbhalo wokuqala awuyifaki “imizekeliso.”

b. Umbhalo wokuqala awukufaki ukuthi “Kanjalo.”

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana