27.9.18

Sikholwa ukuthi lapho iNkosi ibuya, umuntu uyoguqulelwa emzimbeni ongcwele ngokuphazima kweso, ngakho kungani ezinsukwini zokugcina uNkulunkulu kufanele enze umsebenzi wokwahlulela nokuhlanza?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:

Emsebenzini Wakhe wokugcina wokuphetha inkathi, isimo sikaNkulunkulu singesokusola nokwahlulela, embula kukho konke okuwukungalungi, ukuze ahlulele obala bonke abantu futhi aphelelise labo abamthanda ngenhliziyo eqotho. Yisimo esinjalo kuphela esingaphothula le nkathi. Izinsuku zokugcina sezifikile. Zonke izinto ezidalweni ziyohlukaniswa ngokohlobo lwazo futhi zehlukaniswe ngezigaba ezehlukene ngokwemvelo yazo. Lona ngumzuzu lapho uNkulunkulu embula khona umphumela wabantu nesiphetho sabo. Uma abantu bengabhekani nokusola nokwahlulela, ngeke kube khona indlela yokudalula ukungalaleli kanye nokungalungi kwabo. Kungokusola nokwahlulela kuphela lapho kuyokwambula khona isiphetho sazo zonke izinto. Umuntu uveza konke ayikho kuphela lapho ethola ukusola nokwahlulela. Ububi buyobekwa nobubi, ubuhle bubekwe nobuhle futhi sonke isintu siyohlukaniswa ngokohlobo lwaso. Ngokusolwa nokwahlulelwa, umphumela wakho konke okudaliwe uyokwambulwa, ukuze ububi buthole ukujeziswa nobuhle buklonyeliswe, nabo bonke abantu babe ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu. Wonke lo msebenzi kufanele ufezeke ngokusola nokwahlulela okulungile. Ngenxa yokuthi inkohlakalo yomuntu isifike esicongweni kanye nokungalaleli kwakhe kube kubi kakhulu, yisimo esilungile sikaNkulunkulu kuphela, leso esilumbanise ikakhulu ukusola nokwahlulela futhi esembulwa ngezinsuku zokugcina, esingaguqula ngokuphelele futhi siphelelise umuntu. Yilesi simo kuphela esingadalula ububi futhi ngalokhu sijezise kabuhlungu bonke abangalungile.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Noma umuntu angacabangani, ingqikithi yomsebenzi kaNkulunkulu ingeguqulwe. Ukucabanga komuntu akulutho ngaphandle kokuba yilokho okwakhiwe imicabango yomuntu nje futhi kuphuma emqondweni womuntu, kwaqoqwa futhi kwahlanganiswa kulokho umuntu akubonile wakuzwa. Ngakho ngithi, ngisho zingaba wubuhlakani obungakanani izithombe ezakhekile, aziyilutho nje nolungaphezu kwemidwebo futhi azinakuthatha indawo yohlelo lomsebenzi kaNkulunkulu. Vele, umuntu wonakaliswe nguSathane, ngakho angakwazi kanjani ukuqonda imicabango kaNkulunkulu? …

… Ezinsukwni zokugcina, uKristu usebenzisa amaqiniso anhlobonhlobo ukuze afundise abantu, adalule ubunjalo bomuntu, futhi acubungule amazwi kanye nezenzo zakhe. Lawa mazwi aqukethe amaqiniso anhlobonhlobo, njengomsebenzi womuntu, indlela umuntu okumele alalele uNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele athembeke kuNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele aphile ngayo ubuntu obujwayelekile, kanye nobuhlakani kanye nesimo sikaNkulunkulu, njalo njalo. Wonke la mazwi aqondiswe engqikithini yomuntu kanye nasesimweni sakhe esikhohlakele. Ikakhulukazi, lawo mazwi adalula ukuthi umuntu umala kanjani uNkulunkulu akhulunywa mayelana nokuthi ngakho okuphathelene nokuthi umuntu kungani umuntu eyisiqu sikaSathane futhi eyisitha sikaNkulunkulu. Ekwenzeni umsebenzi wakhe wokwahlulela, uNkulunkulu akenzi nje kucace imvelo yomuntu ngamazwana ambalwa; uyayembula, abhekane nayo, ayithene esikhathini eside. Lezi zindlela zokwambula, ukubhekana, kanye nokuthena azikwazi ukushintshaniswa namagama avamile kodwa ngeqiniso umuntu angenalo nhlobo. Yizindlela zalolu hlobo kuphela okuthiwa ngukwahlulela; kungokwahlulela kohlobo olunje lapho umuntu engathotshiswa khona futhi enziwe akholwe ngokuphelele ukuba athobele uNkulunkulu, bese, ngaphezu kwalokho ezuza ulwazi oluyiqiniso ngoNkulunkulu. Okulethwa umsebenzi wokwahlulela ukuqonda komuntu ubuso bukaNkulunkulu beqiniso kanye neqiniso ngokuhlubuka kwakhe uqobo. Umsebenzi wokwahlulela wenza umuntu athole ukuqonda okuningi ngentando kaNkulunkulu, ngenjongo kaNkulunkulu, nezimfihlakalo ezingaqondakali kuye. Kuphinde kwenze umuntu abone futhi azi ubunjalo bakhe obukhohlakele kanye nomsuka wenkohlakalo yakhe, futhi aphinde akwazi ukubona ububi bomuntu. Le miphumela idalwa umsebenzi wokwahlulela, ngoba ingqikithi yalo msebenzi empeleni ingumsebenzi wokudalula iqiniso, indlela, kanye nempilo kaNkulunkulu kubo bonke abakholwa Kuye. Lo msebenzi ngumsebenzi wokwahlulela owenziwa nguNkulunkulu. … Labo abeza phambi kukaNkulunkulu ukuze behlulelwe futhi esebengcwelisiwe bayophila phakade embusweni kaNkulunkulu.

kwesithi “UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Emsebenzini wezinsuku zokugcina, izwi linamandla amakhulu kunokuvezwa kwezibonakaliso nezimangaliso futhi igunya lezwi lingcono kunelezibonakaliso nezimangaliso. Izwi lembula zonke izimo zenkohlakalo ezisenhliziyweni yomuntu. Awukwazi ukuzibonela zona. Lapho zibonakaliswa kini ngezwi, niyobe senizibona ngokwemvelo; ngeke nikwazi ukuziphika, kunalokho niyokholwa ngokuphelele. Ingabe akusilo igunya lezwi leli? Lona ngumphumela womsebenzi wanamuhla wezwi. … Ngaphambili kokuhlengwa komuntu, ubutha obuningi bukaSathane base bufakiwe kuye. Ngemva kweminyaka eyizinkulungwane yokonakala kukaSathane, umuntu usevele enemvelo kuye yokuphika uNkulunkulu. Ngakho, lapho umuntu esekhululiwe, akukho okungaphezu kokukhululwa kwakhe, lapho umuntu ethengwa khona ngenani eliphezulu, kodwa imvelo enobuthi kuye ingakasuswa. Umuntu osengcoliswe kangaka kumele aguquke kuqala ukuze afanele ukukhonza uNkulunkulu. Umuntu uyokwazi kahle ukungcola nokungalungi okukuye ngenxa yokwahlulela nokusola futhi uyokwazi ukuguquka bese ehlanzeka. Kungale ndlela kuphela lapho umuntu eyokwazi khona ukubuyela ngaphambi kwesihlalo sikaNkulunkulu. Wonke umsebenzi owenziwe namuhla wenzelwe ukuba umuntu ahlanzwe futhi aguqulwe; ngokwahlulela nokusola ngezwi kanye nokucwengwa, umuntu angakuxosha ukonakala kuye bese ehlanzeka. Kunokuba kuthiwe lesi sigaba somsebenzi esensindiso kungafaneleka kangcono ukuthi kuthiwe umsebenzi wokuhlanzwa. Eqinisweni, lesi sigaba singesokunqoba nokuba yisigaba sesibili sensindiso. Umuntu uzuzwa uNkulunkulu ngokwahlulela nokusolwa izwi; ngokusebenzisa izwi lapho kucwengisiswa, kwahlulelwa nokudalulwa kwazo zonke izinto ezingcolile, imibono, izinhloso kanye nalokho umuntu akufisayo kuyadalulwa ngokuphelele. Nakuba umuntu esekhululiwe futhi wathethelelwa izono zakhe, kubhekwa kuphela uNkulunkulu engakhumbuli izono zomuntu futhi engamphathi umuntu ngokwezono zakhe. Nokho, lapho umuntu ephila esenyameni futhi engakhululiwe esonweni, angase aqhubeke nesono, alokhu eqhubeka embula ukonakala kwesimo sobusathane. Yile mpilo umuntu ayiphilayo, umjikelezo ongapheli wokona nokuthethelelwa. Iningi labantu liyona emini livume izono ntambama. Ngaleyo ndlela, ngisho umnikelo wesono uhlezi usebenza kumuntu, awukwazi ukumsindisa umuntu esonweni. Kusaqedwe ingxenye kuphela yomsebenzi ngoba umuntu usenesimo esonakele.… Akulula kumuntu ukuba abone izono zakhe; umuntu akakwazi ukubona imvelo yakhe egxilile. Ukwahlulelwa yizwi kuphela okungaba nomthelela onjalo. Yileyo ndlela umuntu angaguqulwa ngayo kancane kancane kusuka kulelo qophelo kuye phambili. Umuntu wayememeza kanje kudala ngoba umuntu wayengenakho ukuqonda isimo sakhe sokudabuka esonakele. Kunjalo ukungcola okukumuntu. Kuso sonke lesi sikhathi eside sokwahlulelwa nokusolwa, umuntu ubephila emoyeni wodweshu. Akufezwanga konke lokhu ngezwi? Animemezanga ngezwi elikhulu phambi kokuhlushwa kwabenzi bomsebenzi? Wafika umbuso! Bonke labo abemukela leli gama bayongena embusweni! Bonke bayohlanganyela noNkulunkulu! Ngenkathi kuhlushwa abenzi bomsebenzi, anibange nisamemeza. Ekuqaleni bonke bamemeza, “Nkulunkulu! Noma ungibeka kuphi, ngiyovuma ukuholwa nguwe.” Ekufundeni amazwi kaNkulunkulu, “Ngubani oyoba uPawulu wami?” umuntu wathi, “Ngiyathanda!” Wayesebona amazwi, “Nithini ngokholo lukaJobe?” Ngakho wayesethi, “Ngizimisele ukuthatha ukholo lukaJobe. Nkulunkulu, ngicela ungivivinye!” Ngenkathi ukuhlushwa kwabenzi bomsebenzi kufika, wawa phansi zisuka nje wacishe wangakwazi ukusukuma. Emva kwalokho, ukungcola okusenhliziyweni yomuntu kwaya ngokuya kuncipha. Akufezwanga ngezwi lokhu? Ngakho lokhu esenikubonile kulesi sikhathi kuyimiphumela efezeke ngezwi, ingaphezulu ngisho kunaleyo eyafezeka ngokwenza kukaJesu izibonakaliso nezimangaliso. …

… bonke babeyozinikela ngokugcwele ezwini, baguqe phansi ngaphandle kwamazwi esambulo, njengoba kwenza uPawulu lapho ewela phansi ngenxa yokukhanya endleleni eya eDamaseku. Ukube uNkulunkulu waqhubeka wasebenza ngale ndlela, umuntu wayengeke akwazi ukubona ukonakala kwakhe ngokwahlulela kwezwi futhi athole insindiso. Kungokuba senyameni kuphela lapho engahambisa khona mathupha amazwi Akhe kuzo zonke izindlebe, ukuze bonke abanezindlebe bezwe amazwi futhi bamukele umsebenzi Wakhe wokwahlulela ngezwi. Inje kuphela imiphumela engatholakala ngezwi Lakhe, kunokuvela koMoya owesabise umuntu umphoqe ukuba azinikele. Kungenzeka kuphela ngomsebenzi owenziwayo osezingeni eliphezulu ukuba isimo esidala somuntu, esifihleke ngaphakathi kuye iminyaka eminingi, sivezwe obala ukuze abantu basibone futhi basiguqule. Lona umsebenzi wangokoqobo owenziwa uNkulunkulu osenyameni; ukhuluma futhi ethule ukwahlulela ngendlela ephathekayo ukuze kuzuzwe imiphumela yokwahlulela kumuntu ngezwi. Leli yigunya likaNkulunkulu osenyameni nokubaluleka kokuba kwakhe senyameni.

kwesithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana