5.9.18

Siyini isizathu esenza inkolo yomphakathi imelane ngokuxhamazela futhi izame ukulahla umsebenzi kaNkulunkulu omusha enkathini ngayinye? Uyini umsuka?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:

Isizathu sokuthi umuntu amelane noNkulunkulu siqhamuka, ngasohlangothini olulodwa, esimweni somuntu esonakele, futhi ngakolunye uhlangothi, ekungabini nolwazi ngoNkulunkulu nokweswela ukuqonda imigomo yomsebenzi kaNkulunkulu kanye nentando yakhe ngabantu. Lezi zimo zombili ziyahlangana zibe umlando wokungavumi ukusondelana nomuntu noNkulunkulu. Izimfundamakhwela okholweni ziphikisana noNkulunkulu ngoba ukuphikisana okunjalo kusemvelweni yazo, kube ukuphikisana noNkulunkulu kwalabo abaneminyaka eminingi bekholwa kuvela ekungabini nolwazi kwabo ngoNkulunkulu, ngaphezu kwesimo sabo esinenkohlakalo.

kwesithi “Bonke Abangamazi UNkulunkulu Bayilabo Abaphikisana NoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyamen

Kungenxa yokuthi umsebenzi kaNkulunkulu uyaguquka yingakho labo abangawazi umsebenzi woMoya oNgcwele nalabo abangenangqondo abangalazi iqiniso babe abaphikisi bakaNkulunkulu. Umsebenzi kaNkulunkulu awukaze ulandele imicabango yabantu, ngoba umsebenzi Wakhe uhlale umusha awubi mdala. Akakaze nanini aphinde umsebenzi omdala kodwa kunalokho uqhubekela phambili nomsebenzi ongakaze wenziwe ngaphambilini. Njengoba uNkulunkulu engawuphindi umsebenzi Wakhe nabantu belokhu behlulela umsebenzi kaNkulunkulu wanamuhla ngomsebenzi Wakhe wesikhathi esidlule, kunzima kakhulu ukuba uNkulunkulu aqhube isigaba ngasinye somsebenzi wenkathi entsha. Umuntu uletha izihibe eziningi kakhulu! Ukucabanga komuntu kuncane impela! Akekho umuntu owazi umsebenzi kaNkulunkulu, kodwa bonke bayawuchaza lo msebenzi. Uma ekude noNkulunkulu, umuntu ulahlekelwa ukuphila, iqiniso, kanye nezibusiso zikaNkulunkulu, kodwa umuntu akamukeli ukuphila noma iqiniso, kanjalo nezibusiso ezinkulu uNkulunkulu azibeke phezu komuntu. Bonke abantu bafisa ukuzuza uNkulunkulu kodwa abakwazi ukubekezelela ushintsho emsebenzini kaNkulunkulu. Labo abangawamukeli umsebenzi omusha kaNkulunkulu bakholelwa ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu awuguquki, nokuthi umsebenzi kaNkulunkulu uhlala ume nse. Ekukholelweni kwabo, konke okudingekayo ukuze uzuze ukusindiswa kwangunaphakade kuNkulunkulu ukuthi ugcine umthetho, nokuthi inqobo nje uma bephenduka bevuma izono zabo, inhliziyo kaNkulunkulu izokwaneliseka ingunaphakade. Bacabanga ukuthi uNkulunkulu angaba uNkulunkulu kuphela ngaphansi komthetho nokuthi uNkulunkulu owabethelwa esiphambanweni ngenxa yabantu; baphinde bacabange ukuthi uNkulunkulu akumele futhi angeke abe ngaphezu kweBhayibheli. Yiyo kanye le mibono ebabophele yabaqinisa emthethweni wakudala yabagcina beboshelelwe emithethweni enzima. Ngisho nabaningi bakholelwa ukuthi noma yimuphi umsebenzi omusha kaNkulunkulu, kumelwe usekelwe iziphrofetho, nokuthi esigabeni ngasinye somsebenzi onjalo, bonke labo abamlandela ngenhliziyo eqinisekile kumele baboniswe izambulo, ngale kwalokho lowo msebenzi ngeke kube okaNkulunkulu. Kakade akuwona umsebenzi olula kumuntu ukwazi uNkulunkulu. Uma usuhlanganisa nenhliziyo yomuntu emangazayo nokuhlubuka kwakhe kwendalo kokuzazisa nokuzidla, konke lokhu kwenza kube nzima kakhulu ukuba abantu bamukele umsebenzi omusha kaNkulunkulu.

kwesithi “Umuntu Oye Wachaza UNkulunkulu Ngokwemibono Yakhe Angazithola Kanjani Izambulo ZikaNkulunkulu?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyamen

Umuntu ukwazi ukwemukela indlela eyodwa kuphela yokusebenza noma indlela eyodwa yokwenza. Kunzima kumuntu ukwemukela umsebenzi noma izindlela zokwenza, ezingavumelani nabo, noma eziphakeme kunabo—kodwa uMoya oNgcwele uhlale enza umsebenzi omusha, ngakho kuye kuqhamuke amaqembu ngamaqembu ochwepheshe kwezokukholwa abamelana nomsebenzi omusha kaNkulunkulu. Laba bantu sebebe “ngochwepheshe” ngenxa yokuthi umuntu akanalo ulwazi lokuthi uNkulunkulu uhlala emusha futhi akabi mdala nhlobo, futhi akanalwazi ngezimiso zomsebenzi kaNkulunkulu, kuphinde, okudlula lokho, akanalwazi ngezindlela eziningi uNkulunkulu asindisa ngazo umuntu. Ngakho, umuntu akakwazi nhlobo ukubona noma umsebenzi ovela kuMoya oNgcwele, noma umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Abantu abaningi babambelela kule simo sengqondo lapho, uma uhambisana namazwi angaphambilini, babe sebeyawemukela, futhi uma kunomehluko kunomsebenzi wangaphambilini, bayamelana nawo futhi bawukhahlele.

kwesithi “Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyamen

Ngoba kuhlala kunokusha okuvelayo emsebenzini kaNkulunkulu, ngakho kunomsebenzi omusha, futhi kunanomsebenzi ongasasebenzi namuhla nomdala. Lo msebenzi omdala nomusha uyaphambana, kodwa uyaphelelisana; isinyathelo ngasinye silandela esokugcina. Ngoba kunomsebenzi omusha, izinto zakudala kumele, nakanjani, zisuswe. Isibonelo, ezinye izinqubo zakudala kanye nokwakuvame ukushiwo umuntu, kuhlanganiswe nalokho umuntu abhekana nakho eminyakeni eminingi eyadlula kanye nezimfundiso, kwakhe yonke inhlobo yemibono emqondweni womuntu. Kodwa okuyimpumelelo enkulu ekwakhekeni lena mibono komuntu wukuthi uNkulunkulu usazobudalula ubuso Bakhe ngokugcwele kanye nesimo esiyisisekelo kumuntu, kuhlanganiswe nokwenabisa, eminyakeni eminingi, kwezimfundiso ezindala zangesikhathi sasendulo. Kungcono ukuthi, ngesikhathi sokukholwa komuntu kuNkulunkulu, umthelela wemibono enhlobonhlobo uholele ekuqhubekeni kokwakhiwa nasekuguqulweni kolwazi olukumuntu okulo kukhona zonke izinhlobo zemibono emayelana noNkulunkulu - okunomphumela wokuthi abantu abaningi abasontayo abasebenzela uNkulunkulu sebephenduke izitha Zakhe. Ngakho, ukuqina kwemibono yenkolo kwabantu, kudala ukuthi baphikisane ngokwengeziwe noNkulunkulu, futhi baba yizitha ezinkulu zikaNkulunkulu. Umsebenzi kaNkulunkulu uhlala umusha futhi awukaze ube mdala, futhi awukaze wakhe imfundiso futhi, kunalokho, uyaqhubeka nokushintsha futhi uzenze musha kakhulu noma kancane. Lo msebenzi uvezwa yisimo esiyisisekelo sikaNkulunkulu Uqobo. Futhi kuyisimiso esiyisisekelo somsebenzi kaNkulunkulu, kanti ungenye yezindlela uNkulunkulu afeza ngazo umsebenzi Wakhe wokuphatha. Ukuba uNkulunkulu bengasebenzi ngale ndlela, umuntu bengeke ashintshe noma akwazi ukumazi uNkulunkulu, futhi uSathane bengeke aze ahlulwe. Ngakho, emsebenzini Wakhe bekuqhubeka nokuba noshintsho olubonakala lwenzeka njalo, kodwa oluye lube ngolwesikhathi esithile. Indlela umuntu akholelwa ngayo kuNkulunkulu, nokho, yehluke kakhulu: Unamathela ezimfundisweni nasezinhlelweni ezindala, ezejwayelekile, futhi uma zizindala kakhulu zihlwabusa kakhulu kuye. Kungenzeka kanjani ukuthi umqondo onobuwula womuntu, umqondo ongaguquki njengetshe, wamukela umsebenzi omusha ongaqondakali kanye namazwi kaNkulunkulu? Umuntu uzonda uNkulunkulu ohlala emusha futhi ongakaze abe mdala; uthanda uNkulunkulu wakudala kuphela onezinwele ezimhlophe nonganyakazi. Njengoba uNkulunkulu nomuntu banalokho abakuthandayo ngokwabo, umuntu usephenduke isitha sikaNkulunkulu.

kwesithi “Yilabo Abazi Umsebenzi KaNkulunkulu Namuhla Kuphela Abangasebenzela UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyamen

Uma ufinyelela ekwazini uNkulunkulu kusukela esigabeni esisodwa somsebenzi Wakhe, ulwazi lwakho luncane kakhulu. Ulwazi lwakho luyiconsi olwandle. Uma kungenjalo, kungani abaningi bamakholwa ohlobo oludala esabethela uNkulunkulu esiphambanweni ephila? Akungenxa yokuthi umuntu ufaka uNkulunkulu emikhawulweni ethile? Abantu abaningi abaphikisani yini noNkulunkulu futhi bavimbe umsebenzi woMoya oNgcwele ngoba bengazi umsebenzi kaNkulunkulu onhlobonhlobo futhi ohlukahlukene, ngaphezu kwalokho, banengcosana yolwazi nemfundiso abakala ngayo umsebenzi woMoya oNgcwele? Nakuba abadlule kukho laba bantu kukha phezulu, bayaqhosha futhi bathanda ukuzitika ngokwemvelo, futhi babuka umsebenzi woMoya oNgcwele ngokudelela bashaya indiva ukuqondisa koMoya oNgcwele futhi, ngaphezu kwalokho, basebenzisa izinkulumo zabo ezindala neziyize ukuqinisekisa umsebenzi woMoya oNgcwele. Bayazenzisa, futhi banelisekile ngokuphelele ngolwazi lwabo uqobo kanye nokufunda kwabo, nokuthi bayakwazi ukuhamba banqamule umhlaba. Abantu abanjalo akubona labo abazondwayo futhi abalahlwe uMoya oNgcwele futhi ngeke yini bakhishwe yinkathi entsha? Akubona labo abeza phambi kukaNkulunkulu bamphikise imbaba abantu abancinyane ababona eduze kuphela, abazama ukumane bakhombise ukuthi bahlakaniphe kangakanani? Ngolwazi oluwubala lweBhayibheli, bazama ukugxamalaza “imikhakha yezemfundo” yomhlaba, benemfundiso ekha phezulu nje abayifundisa abantu, bazama ukuphindisela emuva umsebenzi woMoya oNgcwele, futhi bazame ukuwenza uzungeze lapho inqubo yabo yokucabanga ikhona, futhi, njengoba benokubukela eduze nje, bazama ukujeqeza kanye nje umsebenzi kaNkulunkulu weminyaka eyizi-6,000. Ingabe la bantu banaso isizathu abakhulumela kuso? Empeleni, lapho ulwazi lwabantu lulukhulu ngoNkulunkulu, yilapho bephuza ukwahlulela umsebenzi Wakhe. Ngaphezu kwalokho, bakhuluma kancane kuphela ngomsebenzi kaNkulunkulu namuhla, kodwa abanawo amawala ekwahluleleni kwabo. Lapho kukuncane abantu abakwaziyo ngoNkulunkulu, yilapho beqhosha khona futhi benokuzethemba okweqile, futhi yilapho bememezela ngokungabi namahloni okukhulu ubukhona bukaNkulunkulu—kepha bakhuluma okucatshangwayo nje kuphela, futhi abalethi ubufakazi bangempela. Abantu abanjalo abalusizo kwalutho. Labo ababona umsebenzi woMoya oNgcwele njengomdlalo abanangqondo! Labo abangaqapheli uma behlangabezana nomsebenzi omusha woMoya oNgcwele, abakhuluma noma ikanjani nje, abasheshayo ukwehlulela, abavumela isazela sabo semvelo ukuphika ukulunga komsebenzi woMoya oNgcwele, nabaphinde badelele futhi bawuhlambalaze—abantu abangahloniphi kanjalo anganalwazi ngomsebenzi woMoya oNgcwele na? Akubona, ngaphezu kwalokho, labo bokuqhosha, abaziqhenyayo ngokwemvelo, futhi abangaphatheki?

kwesithi “Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyamen

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana