9.9.18

Uma umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla ezinsukwini zokugcina uyindlela yeqiniso, kungani abadala, abefundisi, nabapristi bebandla bengayamukeli?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:

Niyafisa ukwazi umsuka wokuthi kungani abaFarisi babephikisana noJesu? Niyafisa ukwazi ubunjalo babaFarisi? Babegcwele imicabango ngoMesiya. Okungaphezulu, ukuthi babekholwa ukuthi uMesiya uyofika, kodwa abafunanga iqiniso lokuphila. Ngakho, nanamuhla, basalindele uMesiya, ngokuba abanalwazi ngendlela yokuphila, futhi abazi ukuthi iyiphi indlela yeqiniso. Kungenzeka kanjani, kusho wena, ukuthi abantu abayiziwula, abanenkani futhi abangazi njengalaba bazuze isibusiso sikaNkulunkulu? Babengambheka kanjani uMesiya? Baphikisana noJesu ngoba babengayazi indlela yomsebenzi kaMoya oNgcwele, ngoba babengayazi indlela yeqiniso eyakhulunywa uJesu, okunye futhi, ingoba babengamqondi uMesiya. Futhi njengoba babengakaze bambone uMesiya, futhi bengakaze bahlalisane noMesiya, benza iphutha lokuba nokuhlonipha igama likaMesiya okuyize kulapho bephikisana nobunjalo bukaMesiya nanoma ingayiphi indlela. Laba baFarisi ngobunjalo babo babenenkani, bezikhukhumeza, futhi bengalilaleli iqiniso. Umgomo wenkolo yabo kuNkulunkulu uthi: Noma intshumayelo Yakho inomqondo kangakanani, noma ngabe igunya Lakho liphezulu kangakanani, awusiye uKristu, ngaphandle uma ubizwa ngoMesiya. Ayive le mibono ingezwakali futhi ingenangqondo na? Ngiyabuza futhi: Akulula kakhulu na kinina ukuthi nenze amaphutha abaFarisi basekuqaleni, njengoba ningenakho nokuncane ukuqonda ngoJesu? Niyakwazi yini ukubona indlela yeqiniso? Ningaqinisekisa ukuthi ngeke nimelane noKristu? Niyakwazi yini ukulandela umsebenzi kaMoya oNgcwele? Uma ungazi noma uyomphikisa yini uKristu, ngithi vele usuphila engcupheni yokufa. Labo ababengamazi uMesiya babekwazi ukuphikisana noJesu, noma bamdikile uJesu, noma bamhlebe. Bonke abantu abangamqondi uJesu bangakwazi ukumphika, futhi bamthuke. Ikakhulukazi, bangakwazi ukubona ukubuya kukaJesu njengenkohliso kaSathane, futhi abantu abaningi bazomehlulela uJesu uma ebuyela enyameni. Akukusabisi yini konke lokhu? Lokhu oyobhekana nakho ukuhlambalaza uMoya oNgcwele, ukona amazwi kaMoya oNgcwele emabandleni, nokulahla konke okwabonakaliswa uJesu. Ungazuzani kuJesu uma udideke kangaka? Ningawuqonda kanjani umsebenzi kaJesu uma ebuya enyameni ngefu elimhlophe, uma ninqaba ngenkani ukubona amaphutha enu? Nginitshela lokhu: abantu abangalamukeli iqiniso, nokho, ngobumpumputhe balindele ukufika kukaJesu ngamafu amhlophe, ngokuqinisekileyo bayohlambalaza uMoya oNgcwele, futhi bayisizwe esiyobhujiswa. Nimane nifisa umusa kaJesu, futhi nimane nifuna ukuthokozela umkhathi wasezulwini onentokozo, kepha anikaze niwalalele amazwi akhulunywa uJesu, futhi anikaze nilamukele iqiniso elakhulunywa uJesu uma Ebuya enyameni. Yini oyoyiphakamisela ukubuya kukaJesu ngefu elimhlophe? Ubuqotho enenza ngabo izono niphindelela bese niyazivuma, njalo njalo? Yini oyoyenza ibe umnikelo kuJesu Kristu uma ebuya ngefu elimhlophe? Ingabe iminyaka yokusebenza eniziphakamisa ngayo? Yini oyoyiphakamisa ukuze uJesu osebuyile akwethembe? Ingabe imvelo yakho yokuzikhukhumeza, engalilaleli nanoma iliphi iqiniso?

kwesithi “Lapho Nibona Umzimba KaJesu KaMoya Kuyoba Lapho UNkulunkulu Esenze Izulu Nomhlaba Kabusha” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyamen

Ingenxa kanye yokuthi amaqiniso akamvumeli umuntu ukuthi akhulule ukubuka kwakhe ngamehlo engqondo, futhi, ngaphezu kwalokho, akulula ukuthi aphikiswe ngumuntu, futhi nemibono nokubona ngamehlo engqondo komuntu, akuvumeli ukubakhona kwamaqiniso, phezu kwalokho, ngoba umuntu akacabangi ngokulunga nokunemba kwamaqiniso, futhi ngokuzicabangela yedwa umane adedele imibono yakhe, futhi asebenzise ukubona kwakhe ngamehlo engqondo, ukuthi imibono nemicabango yomuntu isiphenduke isitha somsebenzi namhlanje, umsebenzi ongavumelani nemibono yamuntu. Lokhu kungathiwa nje kuphela iphutha lemibono yomuntu, futhi ngeke kuthiwe iphutha lomsebenzi kaNkulunkulu.

kwesithi “Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyamen

Kuphela yilabo abaziyo futhi abazinanelayo izigaba ezintathu zomsebenzi abangamazi uNkulunkulu ngokuphelele futhi ngokuyikho. Okungenani, ngeke bamchaze uNkulunkulu njengoNkulunkulu wama-Israyeli, noma amaJuda, futhi ngeke bambone njengoNkulunkulu oyohlala ebethelwe esiphambanweni ngenxa yomuntu. Uma ufinyelela ekwazini uNkulunkulu kusukela esigabeni esisodwa somsebenzi Wakhe, ulwazi lwakho luncane kakhulu. Ulwazi lwakho luyiconsi olwandle. Uma kungenjalo, kungani abaningi bamakholwa ohlobo oludala esabethela uNkulunkulu esiphambanweni ephila? Akungenxa yokuthi umuntu ufaka uNkulunkulu emikhawulweni ethile? Abantu abaningi abaphikisani yini noNkulunkulu futhi bavimbe umsebenzi woMoya oNgcwele ngoba bengazi umsebenzi kaNkulunkulu onhlobonhlobo futhi ohlukahlukene, ngaphezu kwalokho, banengcosana yolwazi nemfundiso abakala ngayo umsebenzi woMoya oNgcwele? Nakuba abadlule kukho laba bantu kukha phezulu, bayaqhosha futhi bathanda ukuzitika ngokwemvelo, futhi babuka umsebenzi woMoya oNgcwele ngokudelela bashaya indiva ukuqondisa koMoya oNgcwele futhi, ngaphezu kwalokho, basebenzisa izinkulumo zabo ezindala neziyize ukuqinisekisa umsebenzi woMoya oNgcwele. Bayazenzisa, futhi banelisekile ngokuphelele ngolwazi lwabo uqobo kanye nokufunda kwabo, nokuthi bayakwazi ukuhamba banqamule umhlaba. Abantu abanjalo akubona labo abazondwayo futhi abalahlwe uMoya oNgcwele futhi ngeke yini bakhishwe yinkathi entsha? Akubona labo abeza phambi kukaNkulunkulu bamphikise imbaba abantu abancinyane ababona eduze kuphela, abazama ukumane bakhombise ukuthi bahlakaniphe kangakanani? Ngolwazi oluwubala lweBhayibheli, bazama ukugxamalaza “imikhakha yezemfundo” yomhlaba, benemfundiso ekha phezulu nje abayifundisa abantu, bazama ukuphindisela emuva umsebenzi woMoya oNgcwele, futhi bazame ukuwenza uzungeze lapho inqubo yabo yokucabanga ikhona, futhi, njengoba benokubukela eduze nje, bazama ukujeqeza kanye nje umsebenzi kaNkulunkulu weminyaka eyizi-6,000. Ingabe la bantu banaso isizathu abakhulumela kuso? Empeleni, lapho ulwazi lwabantu lulukhulu ngoNkulunkulu, yilapho bephuza ukwahlulela umsebenzi Wakhe. Ngaphezu kwalokho, bakhuluma kancane kuphela ngomsebenzi kaNkulunkulu namuhla, kodwa abanawo amawala ekwahluleleni kwabo. Lapho kukuncane abantu abakwaziyo ngoNkulunkulu, yilapho beqhosha khona futhi benokuzethemba okweqile, futhi yilapho bememezela ngokungabi namahloni okukhulu ubukhona bukaNkulunkulu—kepha bakhuluma okucatshangwayo nje kuphela, futhi abalethi ubufakazi bangempela. Abantu abanjalo abalusizo kwalutho. Labo ababona umsebenzi woMoya oNgcwele njengomdlalo abanangqondo! Labo abangaqapheli uma behlangabezana nomsebenzi omusha woMoya oNgcwele, abakhuluma noma ikanjani nje, abasheshayo ukwehlulela, abavumela isazela sabo semvelo ukuphika ukulunga komsebenzi woMoya oNgcwele, nabaphinde badelele futhi bawuhlambalaze—abantu abangahloniphi kanjalo anganalwazi ngomsebenzi woMoya oNgcwele na? Akubona, ngaphezu kwalokho, labo bokuqhosha, abaziqhenyayo ngokwemvelo, futhi abangaphatheki? Noma ngabe usuku luyafika lapho abantu abanjalo bemukela umsebenzi omusha woMoya oNgcwele, nakalokhu, uNkulunkulu ngeke ababekezelele. Ababukeli phansi labo abasebenzela uNkulunkulu nje kuphela, kodwa bahlambalaza uNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Abantu abanobuwula kanje ngeke baxolelwe, noma kulenkathi noma enkathini ezayo futhi bayobhubha ingunaphakade esihogweni! Abantu abanjalo, abangahloniphi, abathanda ukuzitika bayazenzisa ukuthi bakholelwa kuNkulunkulu, futhi lapho beqhubeka nokwenze njalo, yilapho bengazithola bephula izinqumo zikaNkulunkulu zokuphatha. Akuve bonke labo abaqhoshayo, abangalawuliwe ngokwemvelo, futhi abangakaze bahloniphe muntu, bonke behamba le ndlela? Abaphikisani noNkulunkulu usuku nosuku, Yena ohlala emusha futhi engagugi?…

…………

… emsebenzini Wakhe ohlale umusha futhi ongabi mdala neze, uNkulunkulu uhlala eveza ingxenye yesimo Sakhe engakaze ivezwe ngaphambilini kumuntu, futhi uhlala eveza kumuntu umsebenzi Wakhe omusha, nobuyena Bakhe obusha. Futhi nakuba amakholwa ahambisa ngokudala enza konke okusemandleni ukumelana nalokhu, futhi aphikisana nakho imbaba, uNkulunkulu uyawenza njalo umsebenzi omusha ahlose ukuwenza. Umsebenzi Wakhe uhlale ushintsha, futhi ngenxa yalokhu, uhlale uhlangabezana nokuphikiswa ngumuntu. Naso, ngokunjalo, isimo Sakhe sihlale sishintsha, njengenkathi nabamukeli bomsebenzi Wakhe? Ngaphezu kwalokho, njalo uhlale enza umsebenzi ongakaze wenziwe ngaphambilini, wenza ngisho umsebenzi obukeka uphambene nomsebenzi obuwenziwa ngaphambilini, ahambise ngokuphambene nawo. Umuntu ukwazi ukwemukela indlela eyodwa kuphela yokusebenza noma indlela eyodwa yokwenza. Kunzima kumuntu ukwemukela umsebenzi noma izindlela zokwenza, ezingavumelani nabo, noma eziphakeme kunabo—kodwa uMoya oNgcwele uhlale enza umsebenzi omusha, ngakho kuye kuqhamuke amaqembu ngamaqembu ochwepheshe kwezokukholwa abamelana nomsebenzi omusha kaNkulunkulu. Laba bantu sebebe “ngochwepheshe” ngenxa yokuthi umuntu akanalo ulwazi lokuthi uNkulunkulu uhlala emusha futhi akabi mdala nhlobo, futhi akanalwazi ngezimiso zomsebenzi kaNkulunkulu, kuphinde, okudlula lokho, akanalwazi ngezindlela eziningi uNkulunkulu asindisa ngazo umuntu. Ngakho, umuntu akakwazi nhlobo ukubona noma umsebenzi ovela kuMoya oNgcwele, noma umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Abantu abaningi babambelela kule simo sengqondo lapho, uma uhambisana namazwi angaphambilini, babe sebeyawemukela, futhi uma kunomehluko kunomsebenzi wangaphambilini, bayamelana nawo futhi bawukhahlele. Namuhla, akuve nonke nibambelele kuleyo miyalelo?… Yazini ukuthi nimelana nomsebenzi kaNkulunkulu, noma nisebenzisa imibono yenu siqu ukukala umsebenzi wanamhlanje, ngoba anizazi imiyalelo yomsebenzi kaNkulunkulu, futhi ngoba aniwuthathi ngokuthi ubalulekile ngokwanele umsebenzi woMoya oNgcwele. Ukumelana kwenu noNkulunkulu kanye nokuvimbela umsebenzi woMoya oNgcwele kudalwa imibono yenu kanye nokukhukhumala okusemvelweni yenu. Akukhona ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu awulunganga, kodwa yingoba anilaleli kakhulu ngokwemvelo. Emuva kokuthola ukholo lwabo kuNkulunkulu, abanye abantu abakwazi ngisho ukusho ngesiqiniseko ukuthi umuntu waqhamuka kuphi, kepha bayalokotha bathule izinkulumo emphakathini behlola ukulunga nokungalungi komsebenzi woMoya oNgcwele. Futhi baze bafundise abaphostoli abanomsebenzi omusha woMoya oNgcwele, bephawula futhi bekhuluma kungafanele; ubuntu babo buphansi kakhulu, futhi abanangqondo kwakona. Ngeke lufike na usuku lapho abantu abanjalo beyolahlwa umsebenzi woMoya oNgcwele, futhi bashe emililweni yasesihogweni. Abawazi umsebenzi kaNkulunkulu, kodwa kunalokho bayawugxeka umsebenzi Wakhe, futhi baphinde bazame ukutshela uNkulunkulu ukuthi asebenze kanjani. Bangamazi kanjani abantu abangenangqondo kanjalo uNkulunkulu?

kwesithi “Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyamen

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana