10.9.18

Singaqiniseka kanjani ukuthi uNkulunkulu uSomandla unguJesu obuyile?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:

Kuqala, ukwazi ukuvula isikhathi esisha; okwesibili, ukwazi ukuhlinzeka ngokuphila kumuntu futhi akhombise umuntu indlela okumele ayilandele. Lokhu kwanele ukuze kubonakale ukuthi UnguNkulunkulu Uqobo. Okungenani, umsebenzi awenzayo ungamela uMoya kaNkulunkulu, futhi lowo msebenzi ungathathwa ngokuthi unguMoya kaNkulunkulu ongaphakathi Kwakhe. Njengoba umsebenzi owenziwa uNkulunkulu osesimweni somuntu kungukudlulisela umuntu esikhathini esisha, ukuhola umsebenzi omusha, futhi uvulekele izimo ezintsha, le migomo embalwa iyodwa yanele ukuze kubonakale ukuthi unguNkulunkulu Uqobo.

kwesithi “Umehluko Phakathi Kwenkonzo KaNkulunkulu Onesimo Somuntu kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ukufunda into enjengalena akunzima, kodwa kudinga ukuba sonke silazi leli qiniso: Lowo onguNkulunkulu osenyameni uzoba nesiqu sikaNkulunkulu, lowo onguNkulunkulu osenyameni uzobonakala njengoNkulunkulu. Njengoba uNkulunkulu eba yinyama, uzoletha umsebenzi okumele awenze, njengoba uNkulunkulu eba yinyama, uzoveza lokhu ayikho, futhi uzokwazi ukuletha iqiniso kubantu, alethe ukuphila phezu kwabantu, akhombise abantu indlela. Inyama ayinaso isiqu sikaNkulunkulu ayiyena uNkulunkulu osenyameni; asingabazi kulokhu. Ukuphenya ukuthi ngabe uNkulunkulu wenyama osenyameni, abantu kumele bathole isimo asivezayo kanye namazwi awakhulumayo. Okungukuthi, ingabe nguNkulunkulu osenyameni noma cha, nokuthi ingabe yindlela yeqiniso noma cha, kumele kwahlulelwe ngesiqu Sakhe. Ngakho-ke, ekutholeni[a] ukuthi yinyama kaNkulunkulu osenyameni, okubalulekile ukuthi unake usiqu Sakhe (umsebenzi Wakhe, amazwi Akhe, isimo Sakhe, nokunye okuningi), kunokubheka okubonakala ngaphandle. Uma abantu bebona ingaphandle kuphela, bese bengabheki usiqu Sakhe, lokho kuveza ukungazi komuntu. Indlela obukeka ngayo ngaphandle ayisho isiqu; ngaphezu kwalokho, umsebenzi kaNkulunkulu awukaze ulandele ukuqonda kwabantu. Ingabe ukubonakala kukaJesu ngaphandle akuzange kushayisane nokuqonda kwabantu? Ingabe ukubonakala Kwakhe kwangaphandle nendlela yokugqoka akuzange kuhluleke ukunika abantu izinkomba zokuthi ungubani Yena ngokweqiniso? Ingabe kwakungesona isizathu sokuthi abaFarisi bokuqala bamphikisa uJesu ngenxa yokuthi bebebuka ingaphandle Lakhe, bangawanaka amazwi ayewakhuluma? Ngethemba ukuthi abafowethu nodadewethu abafuna ukubonakala kukaNkulunkulu bangakuphindi lokhu okwenzeke emlandweni. Akumele nibe ngabaFarisi besikhathi samanje niphinde nibethele uNkulunkulu esiphambanweni futhi. Kumele niyibhekisise indlela enizokwamukela ngayo uNkulunkulu lapho ebuya, nibe nomqondo ocacile ngokuthi ningaba kanjani ngabantu abathobela iqiniso. Lokhu kungumthwalo wawo wonke umuntu olinde ukubuya kukaJesu ngamafu.

kwesithi Isandulelo sethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi osuwenziwa manje usuqhubele phambili umsebenzi weNkathi Yomusa; okusho ukuthi, umsebenzi wohlelo lokuphatha weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha uqhubekele phambili. Yize iNkathi Yomusa isiphelile, umsebenzi kaNkulunkulu uqhubekele phambili. Kungani ngisho isikhathi nesikhathi ukuthi lesi sigaba somsebenzi sakhela phezu kweNkathi Yomusa neNkathi Yomthetho? Lokhu kusho ukuthi umsebenzi wanamuhla ungukuqhubeka komsebenzi owenziwe ngeNkathi Yomusa nokuphakanyiswa kwalowo owenziwe ngeNkathi Yomthetho. Izigaba ezintathu zihlangene kakhulu futhi ikhongco ngalinye eketangweni lixhumene ngokuqinile kwelinye. Kungani ngibuye ngithi lesi sigaba somsebenzi sakhele kulowo owenziwa uJesu? Uma lesi sigaba singakhelanga emsebenzini owenziwe uJesu, bekuyofuneka abethelwe futhi kulesi sigaba, futhi umsebenzi wokuhlenga owenziwe ngaphambilini bekuzodingeka ukuba uphindwe. Lokhu bekungeke kube namqondo. Ngakho-ke, akusho ukuthi umsebenzi usuphele nya, kodwa ukuthi inkathi iqhubekele phambili futhi nezinga lomsebenzi seliphakanyiselwe phezudlwana kunakuqala. Kungathiwa lesi sigaba somsebenzi sakhelwe esisekelweni seNkathi Yomthetho nedwala lomsebenzi kaJesu. Umsebenzi wakhiwa ngesigaba nesigaba, kanti lesi sigaba asikhona ukuqala kabusha. Ngukuhlangana kuphela kwezigaba ezintathu zomsebenzi okungathiwa uhlelo lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha. Umsebenzi kulesi sigaba wenziwe esisekelweni somsebenzi weNkathi Yomusa. Ukuba lezi zigaba ezimbili zomsebenzi azihlobene, kungani ukubethelwa kungaphindwa kulesi sigaba? Kungani ngingathwali izono zomuntu? Angifiki ngokuthatshathwa ngoMoya oNgcwele, futhi angithwali izono zomuntu ngokubethelwa; kodwa, ngilapha ukuze ngisole umuntu ngokuqondile. Ukuba ukusola Kwami umuntu nokufika Kwami manje ngokungathatshathwa ngoMoya oNgcwele akulandelanga ukubethelwa bengingeke ngifanele ukusola abantu. Ngempela kungenxa yokuthi ngimunye noJesu ukuthi ngiza ngokuqondile ukuzosola nokwahlulela umuntu. Lesi sigaba somsebenzi sakhele ngokuphelele phezu kwesigaba esingaphambili. Yingakho kungumsebenzi onjalo kuphela ongaletha umuntu ensindisweni, isinyathelo ngesinyathelo. Mina noJesu sivela eMoyeni owodwa. Noma inyama yethu ingenabudlelwano, uMoya Wethu munye; yize ingqikithi yesikwenzayo nomsebenzi esiwenzayo kungefani, ingqikithi Yethu iyefana; inyama Yethu ithatha izimo ezihlukene, kodwa lokhu kwenziwa yinguquko enkathini nokwehlukana kwezidingo zomsebenzi Wethu; izinkonzo Zethu azifani, ngakho umsebenzi esiwenzayo nesimo esisembula kumuntu nakho akufani. Kungakho lokhu umuntu akubonayo nakuqondayo namuhla kungafani nokwedlule; lokhu kwenziwa ukuguquka kwenkathi. Yize ubulili nesimo senyama Yabo kwehlukene noma bengazalwa emndenini munye, nangasikhathi sinye, uMoya Wabo noma kunjalo munye. Noma inyama yabo ingenabo ubudlelwane begazi nenyama nganoma iyiphi indlela, lokhu akukuphikisi ukuthi bawukuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu ngezikhathi ezimbili ezingefani. Yiqiniso elingephikwe ukuthi bayinyama esesimweni somuntu kukaNkulunkulu, yize bengenagazi elifanayo noma ulimi oluvamile lwabantu (omunye wayengowesilisa okhuluma ulimi lwamaJuda omunye ungowesifazane okhuluma isiShayina kuphela). Yilezi zizathu ezenze baphile emazweni ukuze benze umsebenzi okumele bobabili bawenze, nasezikhathini ezehlukene futhi. Ngaphandle kokuba Moya munye, banengqikithi eyodwa, akukho ukufana koqobo phakathi kwamagobolondo enyama Yabo yangaphandle. Bafana ngobuntu kuphela, kodwa ukubukeka nokuzalwa kwenyama Yabo akufani. Lokhu akunamthelela emisebenzini Yabo ehlukene noma ulwazi umuntu analo Ngabo, ngoba, ekugcineni, bawuMoya munye futhi akekho ongabahlukanisa. Noma bengahlobene ngegazi, ububona Babo bonke buphethe uMoya Wabo, obahlukanisela umsebenzi ongefani ngezikhathi ezingefani, nenyama Yabo uyinike izinhlobo ezehlukene zegazi. Ngokufanayo, uMoya kaJehova awuyena uyise woMoya kaJesu, noMoya kaJesu awuyona indodana yoMoya kaJehova. BaMoya munye. NjengoNkulunkulu osesimweni somuntu wale mihla noJesu nje. Yize bengahlobene ngegazi, Bamunye; lokhu kungenxa yokuthi uMoya Wabo munye.

kwesithi “Ukuba Sesimweni Somuntu Okubili Kuphelelisa Ukubaluleka Kokuba Sesimweni Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo engezansi:

a. Umbhalo wokuqala ushiya "ukuthi ngabe unguNkulunkulu Uqobo.”

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana