18.9.18

INkosi uJesu wenze umsebenzi Wakhe wokuhlenga eNkathini Yomusa futhi ezinsukwini zokugcina uNkulunkulu uSomandla wenza umsebenzi Wakhe wokwahlulela. Sikubona kanjani ukuthi umsebenzi wokwahlulela wezinsuku zokugcina kanye nomsebenzi wokuhlenga weNkathi Yomusa kuvela kuNkulunkulu oyedwa?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:

Emva komsebenzi kaJehova, uJesu waba inyama ukuze enze umsebenzi Wakhe phakathi kwabantu. Umsebenzi Wakhe awenziwanga uzimele wodwa, kodwa wakhelwa phezu komsebenzi kaJehova. Kwakungumsebenzi wenkathi entsha ngemva kokuba uNkulunkulu eqedile ngeNkathi Yomthetho. Ngokufanayo, ngemva kokuba uphelile umsebenzi kaJesu, uNkulunkulu waqhubeka nomsebenzi Wakhe weminyaka elandelayo, ngoba konke ukuphatha kukaNkulunkulu kuhlale kuqhubekela phambili. Lapho inkathi yakudala idlula, endaweni yayo kuzongena inkathi entsha, kuthi lapho usuphelile umsebenzi omdala, umsebenzi omusha uqhubeke nokuphatha kukaNkulunkulu. Lokhu kuba senyameni kukaNkulunkulu kungukuba senyameni kukaNkulunkulu kwesibili ngemva kokuqedwa komsebenzi kaJesu. Yebo, lokhu kuba senyameni akwenzeki ngokuzimela kodwa, kunalokho kuyisigaba sesithathu somsebenzi ngemva kweNkathi Yomthetho neNkathi Yomusa. Isigaba ngasinye esisha somsebenzi kaNkulunkulu sihlala siletha ukuqala okusha nenkathi entsha. Ngakho-ke kanjalo kukhona ushintsho oluhambisanayo esimweni sikaNkulunkulu, endleleni Yakhe yokusebenza, endaweni yomsebenzi Wakhe, nasegameni Lakhe. Singama ngale ngokuthi kungani kunzima kumuntu ukwamukela umsebenzi kaNkulunkulu enkathini entsha. Ngale kokuthi uphikiswa kanjani abantu, uNkulunkulu uhlale enza umsebenzi Wakhe, futhi uhlale eqondisa bonke abantu ebayisa phambili. Ngesikhathi uJesu eza emhlabeni wabantu, weza neNkathi Yomusa waqeda iNkathi Yomthetho. Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu wabuye waba yinyama, wathi ukuba abe yinyama ngalesi sikhathi, waqeda iNkathi Yomusa waletha iNkathi Yombuso. Bonke labo abemukela ukuba senyameni kwesibili kukaNkulunkulu bazongena eNkathini Yombuso, bakwazi ukuvuma ngokwabo ukuholwa nguNkulunkulu. Yize uJesu enza umsebenzi omningi kubantu, waqeda kuphela ukuhlengwa kwabantu waba umnikelo wezono zabantu, wangasisusa isimo senkohlakalo yomuntu. Ukusindisa umuntu ngokugcwele ekuthonyweni uSathane akudingi kuphela ukuthi uJesu athathe izono zabantu njengomnikelo wesono, kodwa kudinga ukuba noNkulunkulu enze umsebenzi omkhulu ukuze kuqedwe nya lesi simo somuntu, esiye sonakaliswa uSathane. Ngakho, ngemva kokuba umuntu ethethelelwe izono zakhe, uNkulunkulu wayesebuyele enyameni ukuze aholele abantu enkathini entsha, waqala umsebenzi wokujezisa nokwahlulela, kanti umsebenzi Wakhe usubeke abantu endaweni ephezulu. Bonke labo abathobela ukubuswa nguNkulunkulu bazothokozela iqiniso eliphezulu bathole nezibusiso ezinkulu. Bazophila ekukhanyeni, bazuze iqiniso, indlela, nokuphila.

kwesithi Isandulelo sethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi osuwenziwa manje usuqhubele phambili umsebenzi weNkathi Yomusa; okusho ukuthi, umsebenzi wohlelo lokuphatha weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha uqhubekele phambili. Yize iNkathi Yomusa isiphelile, umsebenzi kaNkulunkulu uqhubekele phambili. Kungani ngisho isikhathi nesikhathi ukuthi lesi sigaba somsebenzi sakhela phezu kweNkathi Yomusa neNkathi Yomthetho? Lokhu kusho ukuthi umsebenzi wanamuhla ungukuqhubeka komsebenzi owenziwe ngeNkathi Yomusa nokuphakanyiswa kwalowo owenziwe ngeNkathi Yomthetho. Izigaba ezintathu zihlangene kakhulu futhi ikhongco ngalinye eketangweni lixhumene ngokuqinile kwelinye. Kungani ngibuye ngithi lesi sigaba somsebenzi sakhele kulowo owenziwa uJesu? Uma lesi sigaba singakhelanga emsebenzini owenziwe uJesu, bekuyofuneka abethelwe futhi kulesi sigaba, futhi umsebenzi wokuhlenga owenziwe ngaphambilini bekuzodingeka ukuba uphindwe. Lokhu bekungeke kube namqondo. Ngakho-ke, akusho ukuthi umsebenzi usuphele nya, kodwa ukuthi inkathi iqhubekele phambili futhi nezinga lomsebenzi seliphakanyiselwe phezudlwana kunakuqala. Kungathiwa lesi sigaba somsebenzi sakhelwe esisekelweni seNkathi Yomthetho nedwala lomsebenzi kaJesu. Umsebenzi wakhiwa ngesigaba nesigaba, kanti lesi sigaba asikhona ukuqala kabusha. Ngukuhlangana kuphela kwezigaba ezintathu zomsebenzi okungathiwa uhlelo lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha. Umsebenzi kulesi sigaba wenziwe esisekelweni somsebenzi weNkathi Yomusa. Ukuba lezi zigaba ezimbili zomsebenzi azihlobene, kungani ukubethelwa kungaphindwa kulesi sigaba? Kungani ngingathwali izono zomuntu? Angifiki ngokuthatshathwa ngoMoya oNgcwele, futhi angithwali izono zomuntu ngokubethelwa; kodwa, ngilapha ukuze ngisole umuntu ngokuqondile. Ukuba ukusola Kwami umuntu nokufika Kwami manje ngokungathatshathwa ngoMoya oNgcwele akulandelanga ukubethelwa bengingeke ngifanele ukusola abantu. Ngempela kungenxa yokuthi ngimunye noJesu ukuthi ngiza ngokuqondile ukuzosola nokwahlulela umuntu. Lesi sigaba somsebenzi sakhele ngokuphelele phezu kwesigaba esingaphambili. Yingakho kungumsebenzi onjalo kuphela ongaletha umuntu ensindisweni, isinyathelo ngesinyathelo. Mina noJesu sivela eMoyeni owodwa. Noma inyama yethu ingenabudlelwano, uMoya Wethu munye; yize ingqikithi yesikwenzayo nomsebenzi esiwenzayo kungefani, ingqikithi Yethu iyefana; inyama Yethu ithatha izimo ezihlukene, kodwa lokhu kwenziwa yinguquko enkathini nokwehlukana kwezidingo zomsebenzi Wethu; izinkonzo Zethu azifani, ngakho umsebenzi esiwenzayo nesimo esisembula kumuntu nakho akufani. Kungakho lokhu umuntu akubonayo nakuqondayo namuhla kungafani nokwedlule; lokhu kwenziwa ukuguquka kwenkathi. … Ngokufanayo, uMoya kaJehova awuyena uyise woMoya kaJesu, noMoya kaJesu awuyona indodana yoMoya kaJehova. BaMoya munye. NjengoNkulunkulu osesimweni somuntu wale mihla noJesu nje. Yize bengahlobene ngegazi, Bamunye; lokhu kungenxa yokuthi uMoya Wabo munye. Angenza umsebenzi womusa nesisa, kanye nalowo wokwahlulela ngokulunga nokusolwa kwabantu, nowokuqalekiswa kwabantu; futhi ekugcineni, angenza umsebenzi wokubhubhisa umhlaba nokujezisa ababi. Ingabe akakwenzi lokhu ngoKwakhe? Ingabe lokhu akukhona ukuba namandla onke kukaNkulunkulu? Wakwazi kokubili ukushayela abantu imithetho nokumnika imiyalelo, futhi wakwazi ukuhola ama-Israyeli asendulo ukuba aphile izimpilo zawo emhlabeni aphinde awaqondise ukuba akhe ithempeli nama-altare, ebusa phezu kwawo wonke ama-Israyeli. Ngokwethembela egunyeni Lakhe, wahlala nabo emhlabeni iminyaka eyizinkulungwane ezimbili. Abakwa-Israyeli bebengelokothe bamhlubuke; bonke babehlonipha uJehova kakhulu begcina imiyalelo Yakhe. Lo kwakuwumsebenzi owenziwa ngokwethembela egunyeni Lakhe nokuba namandla onke Kwakhe. Kwathi, eNkathini Yomusa, uJesu weza ukuzohlenga sonke isintu esiwile (hhayi ama-Israyeli kuphela). Wakhombisa umusa nesisa kubantu. UJesu owabonwa abantu eNkathini Yomusa wayegcwele isisa futhi wayehlala enothando ngoba wayeze ukuzosindisa abantu esonweni. Wayekwazi ukuxolela abantu izono zabo kwaze ukubethelwa Kwakhe kwasindisa isintu ngokuphelele ezonweni. Ngaleso sikhathi, uNkulunkulu wavela kubantu ngomusa nangesisa; okusho ukuthi, waba ngumnikelo wesono wabantu futhi wabethelwa ngenxa yezono zabantu ukuze baxolelwe kuze kube phakade. Wayenomusa, uzwelo, ukubekezela nothando. Futhi bonke labo ababelandela uJesu ngeNkathi Yomusa ngokufanayo babefuna ukuba nokubekezela nothando kuzo zonke izinto. Babebekezela, futhi abazange baziphindiselele ngisho sebeshaywa, beqalekiswa, noma bekhandwa ngamatshe. Kodwa akunjalo kulesi sigaba sokugcina. Ngokufanayo, noma uMoya wabo wawumunye, umsebenzi kaJesu nokaJehova wawungafani ncimishi. Umsebenzi kaJehova wawungewona owokuqeda inkathi kodwa ukuyiqondisa, ungenisa impilo yesintu emhlabeni. Noma kunjalo, umsebenzi manje ukunqoba labo bantu abonakaliswe kakhulu ezizweni zabeZizwe, nokungaholi kuphela umndeni waseShayina kodwa umhlaba wonke jikelele. … Ukusuka ekudalweni komhlaba kuze kufike manje uMoya kaNkulunkulu useqale umsebenzi omkhulu kakhulu, futhi ngaphezu kwalokho sewenze imisebenzi ehlukene ngezinkathi ezahlukene futhi ezizweni ezahlukene. Abantu benkathi ngayinye babona isimo Sakhe esehlukile, esivezwa ngokwemvelo yimisebenzi ehlukene ayenzayo. UnguNkulunkulu, ogcwele umusa nesisa, ungumnikelo wesono wabantu futhi ungumelusi wabantu kepha ubuye abe ukwahlulelwa komuntu, ukusola nesiqalekiso. Angahola umuntu ukuba aphile emhlabeni iminyaka eyizinkulungwane ezimbili abuye ahlenge isintu esonakele esonweni. Namuhla, uyakwazi nokunqoba isintu esingamazi asenze sibe ngaphansi kombuso Wakhe, ukuze sonke sizithobe ngaphansi Kwakhe ngokuphelele. Ekugcineni, uzoshisa konke okungcolile nokungalungile kubantu emhlabeni wonke jikelele, ukubakhombisa ukuthi akayena uNkulunkulu womusa nothando kuphela, uNkulunkulu wobuhlakani nezimangaliso kuphela, uNkulunkulu ongcwele kuphela, kodwa ngaphezu kwalokho, unguNkulunkulu owahlulela abantu. Kulabo ababi phakathi kwabantu, ungukushisa, ukwahlulela kanye nokusola; kulabo okufanele bapheleliswe, uwukuhlupheka, ukucwengwa, ukulingwa kanye nokunethezeka, ukuhlinzekwa, ukunikezwa amazwi, ukubheka, nokuthena. Kanti kulabo abakhishiwe, uwukujezisa kanye nokushaywa. Ake ungitshele, ingabe uNkulunkulu akayena onamandla onke? Angawenza wonke futhi noma yimuphi umsebenzi, hhayi ukubethelwa kuphela njengoba ubucabanga. Uthathela uNkulunkulu phansi kakhulu!

kwesithi “Ukuba Sesimweni Somuntu Okubili Kuphelelisa Ukubaluleka Kokuba Sesimweni Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana