10.7.18

Lokho Umalusi Ofanelekayo Okufanele Ahlome Ngakho

Kumele uqonde izimo eziningi abantu abayoba kuzo lapho uMoya Ongcwele wenza umsebenzi kubo. Ikakhulukazi labo ababambisanayo ukuze bakhonze uNkulunkulu kumele baze bazibambe kangcono izimo ezilethwe umsebenzi uMoya Ongcwele owenza kubantu. Uma ukhuluma kuphela ngezimo ezihlukahlukene nezindlela eziningi zokungena, kubonisa ukuthi isimo sakho sisohlangothini olulodwa kakhulu. Ngaphandle kokwazi isimo sakho sangempela noma ukubamba izimiso zeqiniso, akunakwenzeka ukuthi ufinyelele ekuguqukeni esimweni sakho. Ngaphandle kokwazi izimiso zomsebenzi kaMoya oNgcwele noma ukuqonda izithelo ezithwelwe yiwo, kuyoba lukhuni ukubona umsebenzi wemimoya emibi. Kumele wembule umsebenzi wemimya emibi nemibono yabantu futhi uqonde ngqo emnyombweni wenkinga; kumele futhi ubone ukushiyeka okuningi ekwenzeni kwabantu noma izinkinga ekukholelweni kuNkulunkulu ukuze bakubone. Okungenani, akumele ubenze bangazizwa kahle noma bazizwe bengakhuthele. Kodwa, kumele uqonde ubunzima obukhona kubantu abaningi, akumele ungaboneleli noma “uzame ukufundisa ingulube ukucula”; lokho kuwukuziphatha okuwubuphukuphuku. Ukuze uxazulule ubunzima obuningi babantu, kumele uqonde amandla omsebenzi woMoya Ongcwele, kumele uqonde indlela uMoya Ongcwele owenza ngayo umsebenzi kubantu abahlukene, kumele uqonde ubunzima babantu, iziphambeko zabantu, ubone ngale kwezinto eziwumnyombo wezinkinga, ungene emnyombweni wenkinga, ngaphandle kokuphambuka noma kwamaphutha. Yilolu hlobo lomuntu kuphela olufanele ukubambisana ukuze lukhonze uNkulunkulu.

Ukuthi uyakwazi ukubamba izinto eziwumgogodla nokubona izinto eziningi ngokucacile kuncike ezimweni zakho njengomuntu. Indlela obona ngayo ithinta indlela ohola ngayo abanye. Uma uqonda amagama nezimfundiso, khona uholela abanye ekuqondeni amagama nezimfundiso. Indlela obona ngayo ingokoqobo lamazwi kaNkulunkulu yindlela ohola ngayo abanye ekungeneni ekubeni ngokoqobo kwamazwi kaNkulunkulu. Uma ukwazi ukuqonda amaqiniso amaningi futhi ubone ngokucacile izinto eziningi ezisemazwini kaNkulunkulu, khona-ke uyakwazi ukuholela abanye ekuqondeni amaqiniso amaningi, futhi labo obaholayo bayoyiqonda ngokucacile imibono. Uma ugxila ekwazini imizwa engaphezu kweyemvelo, khona-ke nalabo obaholayo nabo bayogxila emizweni engaphezu kweyemvelo. Uma ukugwema ukwenza uqhakambisa ukukhuluma, labo obaholayo nabo bayogxila ekukhulumeni, bangenzi lutho, kungabi nakuguquka ezimweni zabo, futhi bayoshiseka ngaphandle kuphela, bengawenzi amaqiniso. Bonke abantu banika abanye lokho abanakho. Uhlobo lomuntu lunquma indlela oluholela abantu kuyo, futhi uhlobo lomuntu lunquma uhlobo lwabantu olubaholayo. Ukuze nifaneleke ngempela ukusetshenziswa uNkulunkulu, anidingi nje ukuba nogqozi kuphela, kodwa nidinga nokukhanyiselwa okuningi okuvela kuNkulunkulu, ukuqondiswa amazwi kaNkulunkulu, ukusetshenziswa uNkulunkulu, nokucwengwa amazwi Akhe. Kulesi sisekelo kufanele unake ukuqapha, imicabango, ukucabangisisa, iziphetho, ukuphuma noma ukuqedwa ezikhathini ezijwayelekile. Zonke lezi izindlela zokungena kwenu kokugokoqobo futhi zonke futhi zonke zibalulekile—lena indlela uNkulunkulu enza ngayo umsebenzi. Uma kufanele ungene kule ndlela uNkulunkulu enza ngayo umsebenzi, khona-ke uyoba nethuba lokupheleliswa uNkulunkulu mihla yonke. Futhi nganoma yisiphi isikhathi, akunandaba ukuthi izimo ezinzima noma ezikuvunayo, noma ukuthi uyavivinywa noma uyalingwa, ukuthi uyasebenza noma cha, ukuthi uphila wedwa noma njengeqembu, uyohlale uthola amathuba okupheleliswa uNkulunkulu, ngaphandle kokuphuthwa ngelilodwa lawo. Uyokwazi ukuwathola wonke, futhi ngale ndlela uyobe uyitholile imfihlo yokuzizwela amazwi kaNkulunkulu.


Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla



Awekho amazwana:

Thumela amazwana