25.2.18

Umlilo Owathusa Isizwe Esizindeni SaseJiIdolobha lase Tianjin

UChen Yao, waseTianjin 

Isakhiwo iLaide sasingenye yezinxanxathela ezinkulukazi zezitolo esifundeni saseJi. UNhlangulana ziwu 30, 2012 wawunguMgqibelo, iLaide yayinendali, ngakho kwakunesibalo sabathengi abayinqwaba. Ngesikhathi esithile emva kuka-3:00 ngaleyo ntambama, isakhiwo samane sathungeleka ngomlilo ngokuphazima kweso. Umphathi, esaba ukuthi esiphithiphithini abathengi bazothatha izinto noma bangakhokhi, wavala wahluthulela umnyango omkhulu esitezi sokuqala, wakhomba abathengi esitezi sesibili nesesithathu. Okwakungalindelekile ukuthi umlilo ukhule udlondlobale, ugcine ungasalawuleki nhlobo. Ugesi esakhiweni sonke wacima. Kusukela esitezi sokuqala kuya kwelesine, amakheshi ayengasebenzi, kanti umnyango owawuvaliwe esitezi sokuqala wawungavuleki. Intuthu emnyama yanda naso sonke isakhiwo, izinhlansi zandiza phezulu emoyeni. Amalangabi amakhulu agxuma kuwo wonke amafasitela, intuthu yemboza sonke isifunda, umoya wahila abantu ababekude ngamamitha angamakhulu amaningi. Ngaleso sikhathi abantu abaningi ababevaleleke esitezi sesithathu bakhetha ukubaleka ngokugxumela ngaphandle kwesakhiwo, abantu bafela lapho bewela khona, okwakuhlasimulisa umzimba.

Nakuba uphiko lwezicishamlilo lwalungekho kude nesakhiwo, imizuzu eyishumi kuphela uma uhamba ngezinyawo, kwaba nemizuzu engaba ngama-25 phakathi kocingo lokucela usizo nokufika kwamalori ezomlilo. Ukutakula kwase kuvele kubambezelekile. Abatakuli balula isitebhisi besiyisa esitezi sesithathu, kepha batakula abantu abayisikhombisa kuya kwisishiyagalombili ngaphambi kokuba umlilo wenze isitebhisi sishise bhe, ngakho abokugcina babo bawa esitebhisini bashonela khona lapho. Kanti phakathi abaningi abantu ababevalelekile babeqhweba njengezinhlanya emafasiteleni becela usizo, kepha kungakabi yisikhathi esingakanani kwakungasabonwa sandla esiqhwebayo …

Umlilo omkhulu wavutha kusukela ngo-3:30 ngaleyo ntambama kwaze kwaba u-9:00 kulobo busuku. Babedlulile emakhulwini amathathu abantu abasha baze bafa ngaphakathi (isibalo esiqondile sisabhekwa, kepha uhulumeni we CCP wabika abali-10 kuphela). Kukhona owashayela imindeni yabo ucingo ngehora lesithathu, kepha kuthe imindeni isishaya ucingo ngehora lesihlanu akwaphendula muntu. Omunye umndeni wabayisikhombisa wawuye eLaide ukuyothenga ndawonye, umndeni wonke wafa emlilweni. … Ziningi kakhulu izindaba ezibuhlungu.

Kusukela lapho umlilo uqala, abanye bafaka lesi sehlakalo ezinkundleni zokuxhumana, ngokushesha uMlilo eLaide wanyakazisa iSifunda iJi kwathusa isizwe. Abantu besifunda saseJi baba nengebhe, baba semoyeni wokwesaba; abantu abaningi baphuthuma bayobheka amalunga emindeni yabo.

Nakuba lenhlekelele yethusa yaphinda yalimaza abantu abajwayelekile, kubazalwane abanokukholwa kuNkulunkulu uSomandla, abaningi bathola insindiso enkulu kaNkulunkulu kanye nokuvikelela kulesi sehlo, babona izenzo zikaNkulunkulu ezingummangaliso. Umzalwane uGao kanye nonina babesanda kuthola umsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina ngo Nhlangulana ka-2012. Kulo mlilo babona izenzo zikaNkulunkulu, baqiniseka kakhulu ngomsebenzi kaNkulunkulu omusha. Umzalwane omdala, unina kaGao, uneminyaka engama-73 kulo nyaka kanti unenkinga yokuhamba. Uhamba ngenduku, kepha ngokwejwayelekile wayengavamile ukuwa. Ngosuku lomhla ka-29 kuNhlangulana, unina kaGao wamane wawa endaweni eqondile. Nakuba engazange aphuke mathambo, wathola ukulimala okubi nje, wayengasakwazi ukuzinakekela, wayesedinga u mzalwane uGao eduzane kombhede wakhe. Ngosuku olulandelayo (ngosuku lomlilo), omunye umzalwane washayela umzalwane uGao ucingo wathi uthathwe yibhulukwe eLaide, wacela umzalwane uGao ukuba ahambe naye ukuyolithenga. Umzalwane uGao wathi: “Umama udinga umuntu ozomnakekela okwamanje, ngakho ngidinga ukuhlala naye. Kuzofuneka uhambe wedwa!” Lo mngani wayeseke wamcela udade uGao ngaphambili, kanti wayengakaze anqabe. Kodwa kulokhu ngenxa yokuthi unina wayedinga ukunakekelwa, wasenqaba isicelo somngani wakhe omuhle.

Kungesikhathi kuphela esezwa ukuthi sekube nomlilo eLaide lapho umzalwane uGao waqaphela khona ngokushesha ukuthi: Sonke lesi sikhathi ubengazi ukuthi ubengaphansi kokuvikela kukaNkulunkulu. UNkulunkulu ngokulimala kukanina wayevimbe indlela yakhe. Ukube wayehambile nomngane wakhe ukuya enxanxatheleni yezitolo, wayezofa nakanjani emlilweni. UNkulunkulu wasebenzisa izindlela Zakhe ezikhethekile ukuvikela impilo yakhe, uNkulunkulu ngempela uyamangalisa! Okunye okwakungalindelekile, ebusuku emva komlilo unina kamzalwane uGao wayesekwazi ukuzivukela embhedeni ahambe. Emva kwesikhathi, ngokuhlangana kanye nobudlelwano unina ka Gao owayesemdala wayiqonda inhloso enhle kaNkulunkulu, wathi: “Nakuba ngingqubuzekile kancane, uNkulunkulu usebenzise ukukhubazeka kwami ukusindisa indodakazi yami. Ngibonga uNkulunkulu uSomandla!”

Umzalwane uGao wengeza ngokuthi umngani wakhe omuhle owayemmemele eLaide ngalolo suku (naye owayekholwa kuNkulunkulu uSomandla) naye wathola ukuvikelwa okumangalisayo nguNkulunkulu. Ngokubona ukuthi udmzalwane uGao ngeke ahambe, umngane wayeshayele umyeni wakhe ucingo, ukumcela ukuba ahambe naye ukuyothenga ibhulukwe elalimthathile. Ngezikhathi zika-2:30 ntambama umyeni wakhe wafika ekhaya wazama ukumsheshisa, kepha wayeselahlekelwe umuzwa wokuphuthuma, wase emtshela ukuthi: “Mhlawumbe ngokuhamba kwesikhathi.” Ngehora lesithathu, umyeni wakhe waphinda wamkhumbuza, waphinda wathi akalinde kancane. Okwesithathu ebuza, lo dade ekugcineni wahamba naye baya eLaide. Phakathi nendlela babona intuthu emnyama iqhamuka ngaseLaide, bathi uma bebuza, bathola ukuthi inxanxathela yezitolo iyasha. Umzalwane wehluleka ukuzibamba wathi: “Ngiyabonga Nkulunkulu ngokungivikela!” ngesikhathi esifanayo wabona ukuthi ukulokhu ehlehlisa kwakhe kwakunomsuka ebungcwetini bukaNkulunkulu, futhi kwakungadalwanga isinqumo sakhe.

Amandla kaNkulunkulu ahlezi ekhona, ubuhlakani bukaNkulunkulu budlula ukuqonda kwabantu. Nakuba simkhohlwa uNkulunkulu ezimpilweni zethu zemihla, uNkulunkulu uyasiqapha njalo, esivikela, eseduze nathi, engasishiyi. Uma sikholwa uNkulunkulu, uma izinhlekelele zenzeka, uNkulunkulu ngazo zonke izindlela uyasisindisa asikhiphe enhlekeleleni. Ngosuku lomlilo, abazalwane abaningi bazibona izenzo zikaNkulunkulu. Umzalwane wayeseLaide ethenga izinto, wase ebizwa wucingo ukuba ayokwenza okunye ngesikhathi kanye esibalulekile, nomlilo lapha emva kwakhe. Omunye umzalwane wayesendleleni ephuma esakhiweni sakhe eya eLaide, wase ezwa nje isisu sakhe siba buhlungu, kangangokuthi waze wabuyela emuva, wangabe esahamba, ngakho wayivika ingozi…. Ngokucacile, enhlekeleleni nguNkulunkulu kuphela oyisiphephelo sethu seqiniso, umbhoshongo oqinile, ngoba uNkulunkulu uthe: “Yimina kuphela insindiso yesintu, Ngiyithemba elilodwa lesintu frthi ngaphezu kwalokhu, nginguye okuhlala kuye ubukhona besintu sonke. Ngaphandle Kwami, isintu siyoma ndawonye masinyane. Ngaphandle Kwami, isintu siyokwehlelwa yinhlekelele futhi sinyathelwe yilo lonke uhlobo lwemimoya emibi…. Inhlekelele ilethwa Yimi futhi, ngokusobala, ihlelwa Yimi. Uma ungeke usebenzele okuhle ebukhoneni Bami, ngakho ngeke uphephe ekwehlelweni yinhlekelele.” (“Kumele Wenze Izenzo Ezinhle Ezanele Ukulungiselela Isiphetho Sakho” kwincwadi Izwi Livela Lisenyameni).

Umlilo ususikhanyisele: noma kungathiwa amaphakethe omuntu agcwele imali, uyathokozelwa, uyakwazi ukuthokozela impilo yamanje yobukhazikhazi futhi uyafiswa futhi uyahawukelwa, ebusweni benhlekelele konke lokhu kuyabhidlika. Emlilweni, phakathi kwalabo ababengakwazi ukumela ukushisa kwamalangabi balahlekelwa yizimpilo zabo begxumela phansi esakhiweni, phakathi kwalabo izimpilo zabo ezaphela ekupheleni kwethemba lapho beqhweba njengezinhlanya emafasiteleni, abanye babenemali kanye nezithunzi, abanye babebahle begqoke kahle, abanye babenemindeni kanye nabo… Kodwa, ngesikhathi umlilo ukhula, ushisa macala wonke, akukho nokukodwa ababenakho okwakungabasindisa ezindimini zamalangabi. Kunjengokuba amazwi kaNkulunkulu esho: “Labo abaphila ngaphandle kwezwi Lami, bebalekela ukuhlushwa ngezilingo, abantanti emhlabeni na? Bafana namaqabunga asekwindla aphephezela lapha nalaphaya engenandawo yokuphumula, ngingasakhulumi ngezwi Lami lokududuza. Yize ukusola Kwami nokucwenga kungabalandeli, abazona izinqibi, ezintanta yonke indawo, ezizula emigwaqeni engaphandle kombuso wasezulwini? Ngabe umhlaba ngempela uyindawo yakho yokuphumula?” (“Kushoni Ukuba Umuntu Woqobo” kwincwadi Izwi Livela Lisenyameni).

Bodadewethu nabafowethu abathandeka kakhulu, umlilo weSifunda saseJi usudlulile, kepha ngokuvunyelwa uNkulunkulu, kanye nesexwayiso sikaNkulunkulu nokusikhumbuza. Ngaso leso sikhathi, kuyinsindiso enothando lukaNkulunkulu kithina. Bengingathi asikucabangisise bese ngakho sazi inhloso kaNkulunkulu enhle, sibeke isikhathi esiningi kanye namandla ekufuneni iqiniso, sihamba ngendlela enhle uNkulunkulu aholela izimpilo zethu kuyo. Ngasikhathi sinye, akwenzeke ukuthi uNkulunkulu anyakazise imimoya yethu, esisiza ukuba sisindise imiphefumulo eminingi phakathi kwalezi zingozi, siletha induduzo enhliziyweni ekhathazekile nephatheke kabi kaNkulunkulu.

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana