Ukusabalala kwemiyalo enkathini entsha kuwubufakazi bokuthi bonke abantu abakulo mfula nabo bonke abezwa izwi likaNkulunkulu namuhla bangene enkathini entsha. Lesi isiqalo esisha somsebenzi kaNkulunkulu futhi yisiqalo sengxenye yokugcina yomsebenzi ohlelweni lukaNkulunkulu lokuqondisa lweminyaka engaphezu kweyizinkulungwane eziyisithupha. Imiyalo yenkathi entsha iwuphawu lokuthi uNkulunkulu nabantu bangene embusweni wezulu elisha nomhlaba omusha, nokuthi uNkulunkulu, njengoba nje uJehova asebenza phakathi kwama-Israyeli noJesu phakathi kwamaJuda, uyokwenza omunye umsebenzi ongokoqobo futhi enze omunye umsebenzi omkhulu emhlabeni. Iphinde futhi ibe uphawu lokuthi leli qembu labantu lizothola omunye umsebenzi omkhulu ovela kuNkulunkulu, futhi liyonikwa, londliwe, lisekelwe, linakekelwe liphinde livikelwe ngokoqobo nguNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, bayokwenziswa eminye imisebenzi engokoqobo, kanye nokusebenza ngezwi likaNkulunkulu eliphuliwe nelicwengiwe. Incazelo yemiyalo yenkathi entsha ibaluleke kakhulu. Isikisela ukuthi uNkulunkulu uyovela ngempela emhlabeni nokuthi uNkulunkulu uyonqoba yonke indawo ephezu komhlaba, embule yonke inkazimulo Yakhe esenyameni. Isikisela nokuthi uNkulunkulu ongokoqobo uzokwenza umsebenzi omningi ongokoqobo emhlabeni wokuphelelisa bonke abakhethile. Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu uyofeza yonke into ngamazwi emhlabeni aqhakambise umyalo othi “uNkulunkulu osenyameni uphakeme kakhulu futhi ukhulisiwe, bonke abantu nezizwe mabaguqe ngamadolo bakhonze uNkulunkulu—omkhulu.” Nakuba imiyalo yenkathi entsha kufanele igcinwe abantu, okuwumsebenzi womuntu nenhloso yalokho akufezile, incazelo eyimelelayo ijule kakhulu ukuba ingachazwa ngamazwi ambalwa. Imiyalo yenkathi entsha ingena esikhundleni semithetho yeTestamente Elidala nemiyalo yeTestamente Elisha njengoba yamukelwe uJehova noJesu. Lesi isifundo esijulile, akuyona indaba elula njengoba umuntu angase acabange. Imiyalo yenkathi entsha inencazelo engokoqobo: Isebenza njengento ehlanganisa iNkathi Yomusa neNkathi Yombuso. Imiyalo yenkathi entsha iqeda yonke imikhuba nezenzo zenkathi endala iqede nayo yonke imikhuba yenkathi kaJesu naleyo engaphambili. Iletha umuntu ekubeni khona kukaNkulunkulu ongokoqobo yenze umuntu aqale ukuthola ukupheleliswa uNkulunkulu, okuyisiqalo sendlela yokupheleliswa. Ngakho, kufanele nibe nombomo nesimo okufanele ngemiyalo yenkathi entsha futhi akufanele niyilandele ninganakile noma ngingayithandi. Imiyalo yenkathi entsha iveza iphuzu elilodwa: ukuthi umuntu kufanele akhonze uNkulunkulu Woqobo namuhla, okuwukuzithoba okungokoqobo esiqwini sikaMoya. Igcizelela nomyalo uNkulunkulu ayokwahlulela ngawo umuntu ukuthi unecala noma ulungile ngemva kokuvela njengeLanga lokulunga. Kulula ukuyiqonda imiyalo kunokuyenza. Ngakho, uma uNkulunkulu efuna ukuphelelisa umuntu, kumele enze kanjalo ngamazwi nangesiqondiso Sakhe, umuntu ngeke apheleliswe ngokuhlakanipha kwakhe kuphela. Ukuthi umuntu angakwazi noma cha ukugcina imiyalo yenkathi entsha kuncike olwazini lwakhe ngoNkulunkulu ongokoqobo. Ngakho, ukuthi ungayigcina noma cha imiyalo akuwona umbuzo ongaphenduleka ngezinsukwana. Lesi isifundo esijulile.
Ukulandela iqinisp kuyindlela ukuphila komuntu okungakhula ngayo. Uma ningalenzi iqiniso, niyosala nemfundiso kuphela futhi ngeke nibe nokuphila kwangempela. Iqiniso liwuphawu lwesimo somuntu. Ukuthi uyalenza noma cha iqiniso kuncike ekutheni uyasithola yini isimo sangempela. Uma ungalilandeli iqiniso, ungenzi sengathi ulungile, noma uphambukiswa imizwelo nokunaka inyama, kusho ukuthi usekude nokugcina imiyalo. Lesi isifundo esijulile. Maningi amaqiniso umuntu angangena kuwo futhi awaqonde enkathini ngayinye. Kodwa kunemiyalo ehlukile ephelezela amaqiniso asenkathini ngayinye. Iqiniso elenziwa umuntu lihlobana nenkathi nemiyalo umuntu ayigcinayo nayo ihlobana nenkathi. Inkathi nenkathi inamaqiniso ayo okufanele enziwe nemiyalo okufanele igcinwe. Nokho, ngenxa yemiyalo ehlukahlukene eyamukelwe uNkulunkulu, okusho ukuthi, ngenxa yezinkathi ezihlukahlukene, umgomo nomphumela wokulandela iqiniso kwehluka ngokushiyana. Kungashiwo ukuthi imiyalo isebenzela iqiniso nokuthi iqiniso likhona ukuze kulondolozwe imiyalo. Uma kuneqiniso kuphela, ngeke lube bikho ushintsho esingakhuluma ngalo emsebenzini kaNkulunkulu. Nokho, ngokukhuluma ngemiyalo, umuntu angabona umehluko omkhulu womsebenzi owenziwe uMoya Oyingcwele futhi umuntu angayazi inkathi uNkulunkulu asebenza Kuyo. Enkolweni, baningi abantu abangalandela iqiniso ngokweqiniso kubantu eNkathini Yomthetho. Nokho, abanayo imiyalo yenkathi yomtjhetho futhi abakwazi ukugcina imiyalo yenkathi entsha. Banamathele endleleni endala futhi basafana nabantu basendulo. Abahambisani nendlela entsha yokusebenza futhi abanakuyibona imiyalo yenkathi entsha. Kulabo, awukho umsebenzi kaNkulunkulu. Bafana nomuntu ophethe igobolondo leqanda elingenalutho: Awukho umoya uma lingekho itshwele ngaphakathi. Uma singagwegwesi, akukho ukuphila. Lowo muntu akangenanga enkathini entsha futhi usalele emuva kakhulu. Ngakho, akusizi uma abantu neqiniso lasendulo kodwa ungenayo imiyalo yenkathi entsha. Abaningi benu benza iqiniso langalesi sikhathi kodwa abayigcini imiyalo yangalesi sikhathi. Ngeke nithole lutho, iqiniso nililandelayo ngeke linisize ngalutho futhi uNkulunkulu ngeke alidumise. Iqiniso kumele lilandelwe ngendlela uMoya Oyingcwele osebenza ngayo namuhla; kumele lilandelwe kulandelwa izwi likaNkulunkulu ongokoqobo namuhla. Ngaphandle kwalokhu, konke kuyize—kufana nokuthela amanzi kubhasikidiemhlane wedada. Lena incazelo engokoqobo yokusatshalaliswa kwemiyalo yangenkathi entsha. Uma unokuqonda okunzulu ngomsebenzi kaMoya Oyingcwele wamanje futhi ungena endleleni yomsebenzi wanamuhla, uyosibona ngokwemvelo isiqu sokugcina imiyalo. Uma usuku lufika lapho ubona isiqu semiyalo yenkathi entsha futhi ungakwazi ukugcina imiyalo, khona-ke ngaleso sikhathi uyobe usuphelelisiwe. Lena incazelo yangempela yokulandela iqiniso nokugcina imiyalo. Ukuthi iqiniso uyalenza noma cha, kuncike ekutheni usiqonda kanjani isiqu semiyalo yenkathi entsha. Umsebenzi kaMoya Oyingcwele uzolokhu uvela kumuntu futhi uNkulunkulu uzolokhu efuna okuningi kumuntu. Ngakho, ukulandelwa kweziniso ngabantu kuzodlondlobala kakhulu nemiphumela yokugcina imiyalo izoba mikhulu. Ngakho, kufanele ulandele iqiniso ngokweqiniso uphinde ugcine imiyalo ngesikhathi esisodwa. Akekho okufanele ayishaye indiva le ndaba. Amaqiniso amasha nemiyalo emisha makuqale ngesikhathi esifanayo kule nkathi entsha.
Awekho amazwana:
Thumela amazwana