22.1.18

Indlela Yokwazi Isimo SikaNkulunkulu Nomphumela Womsebenzi Wakhe

Okokuqala, ake sihube ingoma: Iculo Lombuso (I) Umbuso Wehlele Emhlabeni

Kukhala izinsimbi: Abantu bahalalisela uNkulunkulu, abantu bayadumisa uNkulunkulu, yonke imilomo ibiza uNkulunkulu oyedwa weqiniso, umbuso wehlela emhlabeni.

1. Abantu bahalalisela uNkulunkulu, abantu badumisa uNkulunkulu; yonke imilomo, ibiza uNkulunkulu oyedwa weqiniso, bonke abantu baphakamisa amehlo abo ukubheka izenzo zikaNkulunkulu. Umbuso wehlela emhlabeni, isiqu sikaNkulunkulu, sicebile futhi sichumile. Ubani ongekubungaze lokhu? Ubani ongedanse ngenjabulo ngalokhu? O, Siyoni! Phakamisa ibhanela lakho lokunqoba ukuze ubungaze uNkulunkulu! Huba ingoma yakho yokunqoba bese usabalalisa igama likaNkulunkulu elingcwele!

2. Zinto zonke ezisemhlabeni!Manje zihlanzeni ngokungumnikelo kuNkulunkulu! Zinkanyezi ezisesibhakabhaken! Manje buyelani ezindaweni zenu bese nibonisa ubukhulu bukaNkulunkulu emazulwini! UNkulunkulu uyawalalela amaphimbo abantu emhlabeni; beveza uthando nenhlonipho okungenamkhawulo Kuye ngengoma! Ngalolu suku lapho zonke izinto zenziwa zibe zintsha, uNkulunkuluuza ezohamba ezweni. Ngalesi sikhathi, kuqhakaza izimbali, kucula izinyoni, zonke izinto zigcwele ukujabula! Ekuzwakaleni kokubingelela kombuso, umbuso kaSathane uyabhidlika, ubhidlizwa yikhorasi elinkenenezayo lehubo lombuso. Futhi ngeke uphinde uvuke!

3. Ubani kubantu bezwe ongalokotha avuke amelane nalokho? Lapho uNkulunkulu ehlela emhlabeni uletha ukusha, uletha intukuthelo, uletha zonke izinhlekelele,. Imibuso yomhlaba manje isiwumbuso kaNkulunkulu! Phezulu esibhakabhakeni, amafu ayafukuzela ayagubha; phansi kwesibhakabhaka, amachibi nemifula ayaqubuka aphehle imvunge enyakazisayo. Izilwane ebeziphumule ziyaphuma emihhumeni yazo, futhi abantu abalele bavuswa uNkulunkulu, usuku bonke abantu abebelulindile selugcine lufikile, selugcine lufikile! Bahuba izingoma ezinhle kakhulu kuNkulunkulu!

Yini eniyicabangayo ngaso sonke isikhathi lapho nicula le ngoma? (Sijabula kakhulu; siyenama; sicabanga ukuthi injani inkazimulo nobuhle bombuso, isintu noNkulunkulu bayohlangana kuze kube phakade.) Ingabe ukhona oke wacabanga nesimo umuntu okumele abe kuso ukuze abe noNkulunkulu? Engqondweni yakho, kumele abe njani umuntu ukuze abe noNkulunkulu, futhi ajabulele ukuphila okukhazimulayo okulandela umbuso? (Bafanele babe nesimo esishintshile.) Kufanele babe nesimo esishintshile, kodwa esishintshe ngezinga elingakanani? Bayoba njani ngemva kokushintsha kwaso? (Bayoba ngcwele.) Liyini izinga lobungcwele? (Yonke imicabango yabo iyavumelana noKristu.) Kuyobonakala ngani ukuvumelana okunjalo? (Abamenqabi uNkulunkulu, abamkhapheli uNkulunkulu, kodwa bamlalela ngokungananazi, futhi bayamesaba uNkulunkulu ezinhliziyweni zabo.) Ezinye izimpendulo zenu zisemgudwini ofanele. Nonke vulani izinhliziyo zenu, nisitshele lokho izinhliziyo zenu ezinitshela khona. (Abantu abaphila noNkulunkulu embusweni bangawenza umsebenzi wabo, abathembeke emsebenzini wabo, ngokulandela iqiniso futhi bengaphambukiswa yinoma imuphi umuntu, isenzakalo, noma into. Futhi kungenzeka ukuphunyuka emandleni obumnyama, izinhliziyo zabo zivumelane noNkulunkulu, besabe uNkulunkulu bagweme okubi.) (Umbono wethu ngezinto ungavumelana noNkulunkulu, futhi singaphunyuka emandleni obumnyama. Izinga elamukelekayo ukungabi oyithuluzi likaSathane, uhlubule noma yisiphi isimo esonakele, ulalele uNkulunkulu. Sikholwa ukuthi ukuphunyuka emandleni obumnyama kuyiphuzu eliyisihluthulelo. Uma umuntu engakwazi ukuphunyuka emandleni obumnyama, engakwazi ukugqashula ezibophweni zikaSathane, lokho kusho ukuthi abayitholanga insindiso kaNkulunkulu.) (Izinga lokupheleliswa uNkulunkulu ukuthi umuntu abe nenhliziyo nengqondo eyodwa noNkulunkulu. Umuntu engabe esamphika uNkulunkulu; angazazi, enze iqiniso, aqonde uNkulunkulu, athande uNkulunkulu, futhi avumelane noNkulunkulu. Yilokho kuphela umuntu okudingeka akwenze.)

Isisindo Somphumela Ezinhliziyweni Zabantu

Kubonakala sengathi ninento ethile ezinhliziyweni zenu mayelana nendlela okufanele ningene ngayo futhi seniye nakuqonda kahle lokho. Kodwa ukuthi into oyishilo iba yize noma kuba into engokoqobo kuxhomeke ekutheni uzinaka kangakanani izinto ozenza usuku nosuku. Kuyo yonke le minyaka, niye navuna kuzo zonke izinhlangothi zeqiniso, ngezimfundiso nangokunye okuqukethwe iqiniso. Lokhu kufakazela ukuthi abantu bamanje bagxile kakhulu ekuphokopheleni iqiniso. Futhi ngenxa yalokho, lonke uhlobo lweqiniso selunezimpande ezinhliziyweni zabanye abantu. Nokho, yini engiyesaba kakhulu? Ukuthi nakuba izihloko zeqiniso, nemibono, kunezimpande zakho, elikuqukethe akunaso isisindo esitheni enhliziyweni yakho. Lapho uhlangabezana nezinkinga, ubhekana nezilingo, kudingeka ukhethe—uyokusebenzisa kahle ngezinga elingakanani ukuba ngokoqobo kweqiniso? Ingabe liyokusiza udlule ebunzimeni bakho futhi unqobe izilingo wanelise nezinhloso zikaNkulunkulu? Ingabe uyoqina ezilingweni zakho futhi ufakaze ngephimbo elizwakalayo nelicacile ngoNkulunkulu? Ingabe uke waba nendaba nalezi zinto phambilini? Ngivumeleni nginibuze: Ezinhliziyweni zenu, kuyo yonke imicabango nokuzindla kwenu kwansuku zonke, yini ebaluleke kakhulu kini? Ingabe wake wafinyelela esiphethweni? Yini okholwa ukuthi ibaluleke kakhulu? Abanye bathi, “ukwenza iqiniso”; abanye bathi “ukufunda izwi likaNkulunkulu nsuku zonke”; abanye bathi ukuzibeka phambi kuNkulunkulu wenze umthandazo nsuku zonke”; bese kuba nabathi “ukwenza kahle umsebenzi wami nsuku zonke”; kunabanye abantu abathi okuwukuphela kwento abayicabangayo indlela abanganelisa ngayo uNkulunkulu, indlela abangamlalela ngayo kuzo zonke izinto, nendlela yokwenza ngokuvumelana nentando Yakhe. Ingabe kunjalo ngempela? Ingabe kuphelele lokhu? Ngokwesibonelo, kunabanye abathi: “Ngifuna kuphela ukulalela uNkulunkulu, kodwa lapho kwenzeka okuthile, ngiyehluleka ukumlalela.” Abanye abantu bathi: “Okuwukuphela kwento engiyifunayo ukwanelisa uNkulunkulu. Ngisho noma ngingamenelisa kanye, lokho kuyobe kukahle, kodwa ngeke ngikwazi ukuphinde ngimenelise.” Futhi abanye bathi: “Ngifuna kuphela ukulalela uNkulunkulu. Ngezikhathi zezilingo, engikufunayo nje ukuhleleka, ukulalela igunya Lakhe elikhulu namalungiselelo Akhe, ngaphandle kokukhononda nokucela. Kodwa cishe kuzo zonke izikhathi ngiyehluleka ukulalela.” Abanye abantu bathi: “Lapho kumele ngenze izinqumo, ngeke ngikwazi ukukhetha ukwenza iqiniso. Ngihlale ngifuna ukwanelisa inyama, ngihlale ngifuna ukwanelisa izifiso zami zenyama ezinobugovu.” Siyini isizathu salokhu? Ngaphambi kokufika kovivinyo lukaNkulunkulu, ingabe uke wazibekela inselele izikhathi eziningana, futhi wazama, wazivivinya kaningi? Bona ukuthi ungakwazi yini ukumlalela ngempela uNkulunkulu, futhi uqiniseke ukuthi awumkhapheli uNkulunkulu. Bona ukuthi ngeke ukwazi yini ukungazinelisi wena, nezifiso zenyama yakho enobugovu, kodwa wanelise kuphela uNkulunkulu, ubeke eceleni izinto ezingakhethwa uwena. Ingabe ukhona onjalo? Empeleni, kuneqiniso elilodwa elibekwe phambi kwamehlo enu. Liyilokho okufunwa yini nonke, lokho iningi lenu elifuna ukukwazi, futhi lokhu kuphathelene nomphumela wawo wonke umuntu nalapho aphokophele khona. Ungase ungakuqapheli lokhu, kodwa lokho akunakuphikwa. Ngiyazi ukuthi kunabantu, uma kukhulunywa ngeqiniso lomphumela womuntu, isithembiso sikaNkulunkulu kubantu, nendawo uNkulunkulu ahlose ukuhambisa umuntu kuyo, asebelicwaningile kaningana kakade izwi likaNkulunkulu ngale ndaba. Futhi kunalabo abalifuna ngokuphindelela futhi bacabange ngalo ezingqondweni zabo, futhi abatholi mphumela, noma mhlawumbe bafinyelela esiphethweni abangasiqondi. Ekugcineni abakaqiniseki ngokuthi hlobo luni lomphumela olubalindele. Lapho belalela kuxoxwa ngeqiniso, lapho bemukela impilo yebandla, lapho benza umsebenzi wabo, abantu abaningi bavame ukufuna izimpendulo ezicacile emibuzweni elandelayo: Siyoba yini isiphetho sami? Ingabe ngingahamba emgudwini ofanele kuze kube sekupheleni kwawo? Uyini umbono kaNkulunkulu ngabantu? Abanye baze ngisho bakhathazeke: Kunezinto engizenzile esikhathini esedlule, kunezinto engizishilo, angimlalelanga uNkulunkulu, ngenze izinto ezikhaphele uNkulunkulu, kunezinto engingamenelisanga kuzo uNkulunkulu, ngahlukumeza inhliziyo kaNkulunkulu, ngenza uNkulunkulu wadumazeka ngami, ngenza uNkulunkulu wangizonda futhi wangenyanya, ngakho mhlawumbe isiphetho sami asaziwa. Kuliqiniso ukuthi abantu abaningi abakhululekile ngekusasa. Akekho ongalokotha athi: “Ngiqiniseka ngazo zonke izindlela ukuthi nakanjani ngiyosinda; ngiqiniseka ngazo zonke izindlela ukuthi ngingazenelisa izinjongo zikaNkulunkulu; ngiwumuntu osenhliziyweni kaNkulunkulu; ngiwumuntu uNkulunkulu amtusayo.” Abanye abantu bacabanga ukuthi kunzima ukulandela indlela kaNkulunkulu, futhi ukwenza iqiniso kuyinto enzima ukuzedlula zonke. Ngenxa yalokho, laba bantu bacabanga ukuthi ngeke besaluthola usizo, futhi abafuni nokuqala ukuba namathemba ngomphumela wabo. Noma mhlawumbe bakholwa ukuthi ngeke bakwazi ukwanelisa izinhloso zikaNkulunkulu, futhi basindiswe, futhi ngenxa yalokhu bazothi abanawo umphumela, futhi ayiyinhle indawo abaphokophele kuyo. Kungakhathaleki ukuthi abantu bacabangani ngempela, abaningi bazibuza kaningi ngomphumela wabo. Emibuzweni emayelana nekusasa labo, emibuzweni yokuthi bayotholani lapho uNkulunkulu eqeda umsebenzi wabo, laba bantu bahlale bebala, futhi behlela. Abanye abantu bakhokha inani eliphindwe kabili; abanye bashiya imindeni nemisebenzi yabo; abanye bashiya imishado yabo; abanye bayesula emisebenzini ukuze bachithe isikhathi noNkulunkulu; abanye bashiya imizi yabo ukuze benze umsebenzi wabo; abanye bakhetha ubunzima, futhi baqale ukwenza umsebenzi onzima futhi okhathazayo; abanye bakhetha ukunikela ngengcebo, banikele ngakho konke abanakho; futhi abanye bakhetha ukufuna iqiniso, ukufuna ukwazi uNkulunkulu. Akunandaba ukuthi ukhetha ukwenzani, ingabe into oyikhethayo ibalulekile? (Ayibalulekile.) Uma kunjalo, singakuchaza kanjani ukuthi ayibalulekile? Uma indlela ingabalulekile, kanti yini ebalulekile. (Okucatshangwa yiwo wonke umuntu akubalulekile. Iphuzu elibalulekile lana ukuthi silenzile iqiniso noma sathanda uNkulunkulu.) (Ukuwa kwabaphikikristu nabaholi bamanga kusisiza siqonde ukuthi lolo hlobo lokuziphatha alubalulekile. Kwakubonakala sengathi bashiye okuningi, futhi babonakala bekulungele ukukhokha inani, kodwa ngokucabangisisa ngakho singabona ukuthi bamane bengenayo inhliziyo eyesaba uNkulunkulu; bamelana ngazo zonke izindlela noNkulunkulu. Bahlale beme noSathane ngezikhathi ezibucayi, begxambukela emsebenzini kaNkulunkulu. Ngakho, izinto eziyinhloko lana ukuthi yiluphi uhlangothi esiyobe sime kulo lapho kufika leso sikhathi, nemibono yethu.) Nonke nikhulume kahle, futhi kubonakala sengathi ninakho ukuqonda okuyisisekelo kwezinga okufanele senze ngalo iqiniso, izinhloso zikaNkulunkulu, nalokho uNkulunkulu akufunayo kumuntu. Kujabulisa kakhulu ukuthi nikwazi ukukhuluma kanje. Phezu kokuthi kukhona amazwi ambalwa angafanele lapha nalaphaya, enikukhulumayo vele sekuyasondela encazelweni efanele iqiniso. Lokhu kubonisa ukuthi kakade seninokubaqonda abantu, izehlakalo, nezinto ezinizungezile, zonke izinto ezinizungezile zihlelwe uNkulunkulu, nakho konke enikubonayo. Lokhu kuqonda kusondela eqinisweni. Noma enikushilo kungaphelele ngokugcwele, futhi amazwi ambalwa engafanele kangako, ukuqonda kwenu sekuvele kusondela oqotsheni lweqiniso. Ukunizwa nikhuluma kanjena kuyangijabulisa.

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana