19.11.17

Indlela Okufanele Uhambe Ngayo Isigaba Sokugcina Sendlela

Manje senisesigabeni sokugcina sale ndlela, futhi yisigaba esibucayi sayo. Kungenze uye wakhuthazelela ukuhlupheka okuthile, wenza umsebenzi omningana, wahamba emigwaqweni eminingi, futhi walalela izintshumayelo eziningi, futhi akuzange kube lula ukufika lapha. Uma ungeke ukwazi ukubekezelela ukuhlupheka okukuhlalele futhi uma uqhubeka ngendlela obuwenza ngayo esikhathini esidlule, ngeke ukwazi ukupheleliswa. Asikwesabisi ngalokhu—yiqiniso. Ngemva kokuba uPetru efeze umsebenzi othile kaNkulunkulu, wathola ukuqonda okuthile futhi wakwazi nakakhulu ukuhlukanisa kokulungile nokungalungile. Waphinde waqonda izimiso zenkonzo ezithile, futhi kamuva wakwazi ukuzinikela ngokuphelele kulokho uJesu ayemphathise kona. Ukucwengisiswa okukhulu akuthola kwakungenxa yokuthi izinto eziningi azenza wayezwa sengathi ukweleta uNkulunkulu kakhulu futhi ngeke akwazi ukumbuyisela, futhi waqaphela ukuthi abantu bonakele kakhulu, ngakho wayelahlwa unembeza ezizwa enecala. UJesu wayesho izinto eziningi kuye kuyilapho yena enokuqonda okuncane kakhulu ngaleso sikhathi. Ngezinye izikhathi waba nenkani kanye nobuphekula. Ngemva kokubethelwa kukaJesu esiphambanweni, ekugcineni waphaphama ngezinga elithile futhi waba nomuzwa wecala ngokwenzekile. Kwaze kwafinyelela ezingeni lokuba aphatheke kabi lapho eba nombono ongalungile. Wayesazi kahle isimo sakhe, futhi ebazi kahle ubungcwele beNkosi. Ngenxa yalokho, inhliziyo ethanda iNkosi yakhula nakakhulu ngaphakathi kuye, futhi wagxila nakakhulu ekuphileni kwakhe. Ngenxa yalokhu wabhekana nobunzima obukhulu kakhulu, futhi nakuba ngezinye izikhathi kwakubonakala sengathi unesifo esibucayi futhi kubukeka sengathi uzofa, ngemva kokucwengisiswa ngale ndlela izikhathi eziningana, wakuqonda nakakhulu lokho ayikho, futhi kungale ndlela kuphela lapho aba nothando lwangempela lweNkosi. Kungashiwo ukuthi wachitha ukuphila kwakhe konke ecwengisiswa, okukhulu nakakhulu, esolwa. Okwenzeka kuye kwakuhlukile kokwabanye, futhi uthando lwakhe lwaluludlula kude le olwabanye ababengakapheleliswa. Okwamenza wakhethwa njengesibonelo ukuthi wabhekana nobuhlungu obukhulu kakhulu ekuphileni kwakhe futhi waphumelela kukho konke abhekana nakho. Uma nikwazi ngempela ukuhamba isigaba sokugcina sale ndlela njengoPetru, akekho noyedwa umuntu ongathatha izibuziso zenu.

UPetru wayenonembeza—enobuntu bangempela. Lapho eqala ukulandela uJesu, wayenemibono eminingi ephikisayo futhi neyobuphekula. Kodwa lapho eselandela uJesu, akazange agxile kulezi zinto, futhi wakholelwa ukuthi abantu kufanele babe njalo, ngakho ekuqaleni akazange abe nomuzwa wokuzisola futhi akalwisananga nawo. UJesu akazange agxile kule ndlela ayesabela ngayo futhi akabanga nandaba nayo. Wamane waqhubeka nomsebenzi okwakufanele awenze. Akamgxekanga uPetru noma abafowabo. Ungase uthi: “Kungenzeka yini ukuthi uJesu wayengayazi le mibono ababenayo?” Akunjalo! Kungenxa yokuthi wayemqonda ngempela uPetru—kungase kuthiwe wayemqonda kakhulu—kuthiwe akamthathelanga zinyathelo uPetru. Wayebazonda abantu kodwa ngesikhathi esifanayo ebadabukela. Abekho yini phakathi kwenu namuhla abantu abaphikisa njengoPawulu, futhi abanemibono eminingi uPetru ayenayo eNkosini uJesu ngalesiya sikhathi? Ngiyakutshela, kungcono ungawulaleli kakhulu umqondo wakho wesithathu. Imizwa yakho ayithembekile futhi yaphazanyiswa ukonakala kukaSathane kudala. Ucabanga ukuthi indlela ozizwa ngayo iphelele ngempela? UPawulu waphikisa iNkosi uJesu izikhathi eziningi kodwa uJesu akenzanga lutho ngokumelene naye. Ingabe kungenxa yokuthi uJesu wakwazi ukwelapha abagulayo nokuxosha amademoni, kodwa wehluleka ukukhipha “idemoni” kuPawulu? Kungani kwaze kwaba ngemva kokuvuswa kukaJesu nokwenyukela kwaKhe ezulwini, ngenkathi uPawulu eqhubeka nokufaka abafundi bakaJesu ejele ngaphandle kwesizathu, lapho uJesu aze wabonakala kuye endleleni eya eDamaseku, futhi wamshaya wawa phansi? Kungenzeka yini ukuthi iNkosi uJesu wathatha isikhathi ukuphendula? Noma kungenzeka yini ukuthi wayengenalo igunya enyameni? Ingabe ucabanga ukuthi uma ubangela umonakalo futhi uphikisa ngokuyimfihlo ngemva kwaMi angikwazi lokho? Ingabe ucabanga ukuthi ukukhanyiselwa okuncane okuzuze kuMoya Ongcwele ungakusebenzisa ngokumelene naMi? Lapho uPetru engakavuthwa, waba nemibono eminingi ngoJesu, pho kungani engazange asolwe? Njengamanje, abantu abaningi benza izinto abangakutholi ukusolwa ngazo, ngisho noma betshelwa ukuthi ukwenza kanjalo akulungile, abalaleli. Ingabe lokho akubangelwa yini ngokuphelele ukuvukela kwabantu? Sengikhulume kakhulu manje, kodwa usantula ngisho nomqondo omncane kanembeza, ngakho uzokwazi kanjani ukuhamba isigaba sokugcina sale ndlela kuze kube sekugcineni? Awucabangi ukuthi le yindaba ebaluleke kakhulu?

Ngemva kokunqotshwa kwabantu babe sebekwazi ukulalela ukuqondisa kukaNkulunkulu; bayakwazi ukwethembela okholweni lwabo nasekuzimiseleni kwabo ukuthanda uNkulunkulu nokumlandela. Pho singahanjwa kanjani isigaba sokugcina salolu hambo? Ngezinsuku obhekene ngazo nosizi kumelwe ukhuthazelele bonke ubunzima, futhi kumele ube nesifiso sokuhlupheka; kungale ndlela kuphela lapho uzokwazi ukuhamba lesi sigaba ngokuphumelelayo. Ucabanga ukuthi kulula ukuhamba lesi sigaba sendlela? Kufanele wazi ukuthi yini okumele uyenze, kumele nikhulise ukuqonda kwenu futhi nizihlomise ngeqiniso elanele. Lona akuwona umsebenzi wosuku noma wezinsuku ezimbili—akulula ngendlela ocabanga ngayo! Ukuhamba isigaba sokugcina sale ndlela kuncike okholweni nasekuzimiseleni kwakho. Kungenzeka ukuthi awukwazi ukubona uMoya Ongcwele usebenza kuwe, noma kungenzeka awukwazi ukubona imisebenzi kaMoya Ongcwele ebandleni, ngakho ucabanga ngendlela engafanele futhi udumazekile, futhi uphelelwe yithemba ngohambo olusakuhlalele. Ngokukhethekile, amaqhawe aziwayo angesikhathi esidlule awasekho—akukumangazi konke lokhu? Kufanele uzibheke kanjani lezi zinto? Ingabe unokholo noma cha? Uwuqonda kahle umsebenzi wanamuhla, noma cha? Lezi zinto zinganquma ukuthi uzokwazi yini ukusihamba ngokuphumelelayo isigaba sokugcina sale ndlela.

Kungani manje nisesigabeni sokugcina sale ndlela? Kungenxa yokuthi nikuqonda konke okufanele nikuqonde, futhi nginitshele konke abantu okufanele bakuthole. Ngiphinde nganitshela konke ngalokho eniphathiswe kona. Ngakho manje nisesigabeni sokugcina sendlela eholwa yiMi. Engikudingayo nje ukuba nikwazi ukuphila ngokuzimela, ukuthi noma kunini nikwazi nje ngaso sonke isikhathi ukuba nendlela eniyithathayo, nikhulise ukuqonda kwenu njengokujwayelekile, nifunde amazwi kaNkulunkulu ngendlela efanele, futhi nibe nokuphila okufanele komuntu. Manje ngiyakuhola ukuze uphile ngale ndlela, kodwa esikhathini esizayo ngeke ngikwenze lokhu. Ingabe uzokwazi ukuqhubeka uphila ngale ndlela? Uzokwazi ukuqhubekela phambili? Yikho lokhu uPetru ahlangabezana nakho noma akubona. Lapho eholwa uJesu, wayengaqondi; ngaso sonke isikhathi wayenganaki njengengane, futhi wayengenandaba nezinto ayezenza. Kwaze kwaba yilapho uJesu esehambile lapho aqala khona ukuphila kwakhe njengomuntu ngendlela efanele. Nakuba ayenazo izizathu ezithile zobuntu obujwayelekile nalokho umuntu ojwayelekile okufanele abe nakho, okwenzeka kuye nalokho akwenza kwaqala esehambile uJesu. Zinjani izinto kini manje? Manje ngihola wena kule ndlela futhi ucabanga ukuthi kuhamba kahle. Azikho izinto noma izilingo ezikwehlelayo, kodwa kule ndlela ngeke ukwazi ukubona uhlobo lomuntu oyilo ngempela, futhi ngeke ukwazi ukubona ukuthi ungumuntu oneqiniso ngempela yini. Ngomlomo wakho uthi uyakuqonda lokho oyikho, kodwa la mazwi aangenalutho lawo. Kamuva, lapho uthola iqiniso, kungaleso sikhathi kuphela lapho ukuqonda kwakho kuyobonalaka khona. Nakuba manje unalokhu kuqonda: “Ngiyaqonda ukuthi inyama yami yonakele kakhulu, nokuthi empeleni inyama yabantu iyahlubuka futhi imelene noNkulunkulu. Ukuthola isahlulelo nokusola okuvela kuNkulunkulu yindlela uNkulunkulu akuphakamisa ngayo. Manje ngiyakuqonda lokho, futhi ngizimisele ukubuyisela uNkulunkulu ngothando angibonise lona,” okulula ukukusho, kamuva lapho wehlelwa izinsizi, ubunzima nokuhlupheka, ngeke kube lula ukubhekana nakho. Nsuku zonke nilandela le ndlela, kodwa anikakwazi ukuqhubeka namava enu. Kuzoba kubi kakhulu uma nginiyeka futhi ngingabi nandaba nani; abantu abaningi bazowa babe yinsika kasawoti, okuwuphawu lwehlazo. Zonke lezi zinto zingenzeka. Akukukhathazi lokhu? UPetru wabhekana nezinto ezifanayo futhi wahlupheka ngendlela efanayo, kodwa waqhubeka nokuma eqinile. Uma izinto ezifanayo bezingehlela wena, ubungakwazi ukuba uqine? Izinto ezashiwo uJesu nomsebenzi awenza esesemhlabeni zanikeza uPetru isesekelo, futhi yilesi sesekelo esamenza wakwazi ukuhamba uhambo lwakhe kamuva. Ningakwazi ukufinyelela kulelo zinga? Izindlela ozihambile esikhathini esedlule namaqiniso oye wawaqonda—kungaba yini isesekelo sakho ukuze ume uqine esikhathini esizayo? Zingaba na umbono wakho ozokwenza ume uqine kamuva? Ngizonitshela iqiniso—ngingathi konke abantu abakukholelwayo namuhla kuyizimfundiso zenkolo. Lokhu kungenxa yokuthi abakuqondayo akuzona zonke izinto abaye babhekana nazo. Ukuthi uye wakwazi ukuqhubeka kuze kube manje kubangelwe ngokuphelele ukuholwa ukukhanya okusha. Akukhona ukuthi ukuma kwakho kuye kwafinyelela ezingeni elithile, kodwa amazwi aMi akuholele osukwini lwanamuhla; akukhona ukuthi unokholo olukhulukazi, kodwa kungenxa yokuhlakanipha kwamazwi aMi, ayikho enye indlela obungenza ngayo ngaphandle kokulandela kuze kube manje. Uma bekungathiwa angingakhulumi lutho manje, kungaphumi lizwi kiMi, ubungeke ukwazi ukuqhubeka futhi ubungeke ukwazi ukuya phambili. Akuyona indlela eniyiyo ngempela le? Anazi ukuthi yiziphi izinto okumele ningene kuzo nokuthi yiziphi okumele nizilungisele lokho enikuntulayo. Aniyiqondi indlela enempilo yokuphila ukuphila komuntu, indlela yokubuyisela uNkulunkulu ngothando anibonise lona, noma ukunikeza ubufakazi obunamandla nobumangalisayo. Ngeke nikwazi nhlobo ukufinyelela kulezi zinto! Niyavilapha futhi niyiziphukuphuku! Enikwaziyo nje ukuncika entweni ethile, futhi enincike kukho ukukhanya okusha, nalowo Ongaphambi kwenu oniholayo. Ukuthi uye wakwazi ukulandela kuze kube manje kungenxa yokuncika ngokuphelele ekukhanyeni okusha nasemazwini akamuva. Anifani nhlobo noPetru, owayenekhono lokulandela indlela yeqiniso, noma njengoJobe, owayezinikele ekukhonzeni uJehova futhi ekholelwa ukuthi unguNkulunkulu naphezu kwendlela uJehova amvivinya ngayo, ukuthi wayembusisa noma cha. Ungakwazi ukukwenza lokho? Ninqotshwe kanjani? Enye indlela ukwahlulelwa, ukusolwa, nokuqalekiswa, futhi enye indlela ukunqotshwa yizinto ezingaqondakali. Nonke nifana nezimbongolo. Uma engikukhulumayo kungaphakeme ngokwanele, uma zingekho izinto ezingaqondakali, kusho ukuthi ngeke ninqotshwe. Uma umuntu othile ubengashumayela futhi njalo ashumayele ngezinto ezifanayo isikhathi esithile, kungathatha isikhathi esingaphansi kweminyaka emibili ukuba nonke nishiye phansi, futhi ngeke nikwazi ukuqhubeka. Anazi ukuthi ningajula kanjani, futhi aniqondi ukuthi nililandele kanjani iqiniso noma indlela yokuphila. Enikuqondayo nje ukuthola indaba ethile, njengokulalela izinto ezingaqondakali noma imibono, noma ukulalela indlela uNkulunkulu abesebenza ngayo, noma ukulalela izinto ezenzeka kuPetru, noma umlando wokubethelwa kukaJesu esiphambanweni…. Nizimisele ukulalela lezi zinto kuphela, futhi lapho nizilalela kakhulu yilapho niba nomdlandla nakakhulu. Nilalela zonke lezi zinto ukuze nisuse ukudabuka nesithukuthezi senu! Ukuphila kwenu kusekelwe ngokuphelele yilezi zinto eziyizindaba. Ingabe ucabanga ukuthi ufike lapha ngokholo lwakho? Akulona yini ubala lolo, isimo esidabukisayo eninaso? Buphi ubuqotho benu? Buphi ubuntu benu? Ingabe ninakho ukuphila komuntu? Zingaki izakhi zokupheleliswa eninazo? Akulona yini iqiniso lokhu engikushoyo? Ngikhuluma futhi ngisebenze ngale ndlela kodwa kusenzima ukuba nilalele. Njengoba nilandela, niyabuka futhi. Njalo nibonakala ningenandaba, futhi nihlale nitshelwa okumele nikwenze. Yile ndlela nonke ebenilokhu nenza ngayo. Beniholwa ngokusolwa, uvivinyo, nokuzisola kuze kube namuhla. Ukube nje ezinye izintshumayelo ekungeneni ekuphileni zashunyayelwa, bekungeke kube ukuthi kudala nashiya phansi? Ngamunye wenu uqhoshela omunye; empeleni, ninenzondo! Uye waziqonda ezinye izinto ezingaqondakali, uye waqonda izinto ezithile abanye abantu abangazange baziqonde esikhathini esidlule, ngakho ufinyelele kanzima lapha! Aninaso isizathu sokuyeka ukulandela, niye nazimisela ukubhekana nobunzima naqhubeka. Lona ngumphumela otholakele ngamazwi aMi, akwenzekanga ngamandla akho. Ayikho into ongaziqhayisa ngayo. Ngakho, uye waholelwa kulesi sigaba somsebenzi namuhla ngenxa yamazwi. Ukube bekungenjalo, ubani obezolalela kulaba bantu? Ubani obezokwazi ukufika kulolu suku? Kusukela ekuqaleni benifuna ukushiya phansi zibekwa nje, kodwa anikwenzanga lokho; beningenaso isibindi. Kuze kube manje, benilokhu nilandela ngenhliziyo engaphelele.

Kwaze kwaba ngemva kokuba uJesu ebethelwe esiphambanweni futhi wanyukela ezulwini lapho uPetru aqala khona ukuhamba ibanga lakhe, waqala ukuthatha uhambo okwakufanele aluthathe; waze waqala ukuzihlomisa ngemva kokubona ubuthakathaka namaphutha akhe. Wazibona ukuthi unothando oluncane kakhulu futhi intando yakhe yokuba ahlupheke yayingenele, ukuthi akanakho ukuqonda, futhi indlela acabanga ngayo yayingafanele. Wabona ukuthi zininigi izinto kuye ezazingahambisani nentando kaJesu, nokuthi wayenezinto eziningi ezaziwubuphekula nokuphikisa nezinto eziningi ezazihlanganisa intando yomuntu. Kwaze kwaba ngemva kwalokhu lapho angena khona ngazo zonke izindlela. Lapho uJesu emhola, uJesu wakwenza kwahlala obala lokho uPetru ayikho futhi uPetru wakuvuma lokho wabe esenza izithembiso, kodwa ukuqonda waze wakuthola ngemva kwalokho. Lokhu kungenxa yokuthi ngaleso sikhathi, wayengazi lutho, futhi wayengakwazi nhlobo ukuma kwakhe. Lokho kusho ukuthi ngimane ngisebenzisa amazwi ukunihola, futhi kungenzeka ukuba nginiphelelise ngesikhashana nje, futhi nizoqonda futhi nazi iqiniso kuphela. Lokhu kungenxa yokuthi ukukunqoba nokukukholisa enhliziyweni ngumsebenzi oqhubekayo manje, futhi kungemva kokuba abantu benqotshiwe lapho abanye beyopheleliswa khona. Okwamanje leyo mibono nalawo maqiniso owaqondayo kwakha isesekelo sezinto ezizokwenzeka kuwe esikhathini esizayo; osizini lwangesikhathi esizayo nizowabona efezeka ngokoqobo la mazwi. Kamuva, lapho wehlelwa uvivinyo futhi ubhekana nezilingo, uzocabanga ngamazwi owashoyo namuhla: Akunandaba ukuthi ngibhekana nezilingo, uvivinyo, noma ukuhluphela okukhulu kangakanani, kumele ngijabulise uNkulunkulu. Cabanga ngalokho okwenzeka kuPetru, ucabange nangalokho okwenzeka kuJobe—amazwi anamuhla azokuqinisa. Kungale ndlela kuphela lapho ukholo lwakho luzokhuthazeka khona. Ngaleso sikhathi, uPetru wathi wayengakufaneleki ukuthola isahlulelo nokusola kukaNkulunkulu, futhi ngaleso sikhathi nawe uzobe usuzimisele ukuthi bonke abantu babone ukulunga kukaNkulunkulu ngawe. Uzobe usuzimisele ukwamukela isahlulelo nokusola okuvela kuYe, isehlulelo, ukusola nesiqalekiso saKhe kuzokududuza. Okwamanje, akunakwenzeka ube neqiniso. Akukhona nje ukuthi ngeke ukwazi ukuma uqine esikhathini esizayo, kodwa kungenzeka ungakwazi ukwenza umsebenzi wamanje. Ngale ndlela, ngeke yini ususwe noma ujeziswe? Okwamanje alikho iqiniso oye walithola, futhi ngiye ngakunikeza okuthile kuzo zonke izinto ozintulayo; ngikhuluma ngazo zonke izindlela. Ngokuqinisekile anikakukhuthazeleli ukuhlupheka okukhulu; nimane namukele lokho okukhona, anikhokhanga lutho, ngaphezu kwalokho akukho eniye nakufeza futhi aninakho ukuqonda. Ngakho, lokho enikuqondayo akusona isimo senu seqiniso. Nilinganiselwe ekuqondeni nasolwazini, kodwa anikavuni kakhulu. Ukube angibanga nandaba nani nganiyeka nabhekana nezimo ngokwenu, ngabe kudala nabuyela ezweni elikhulu. Esikhathini esizayo nizohamba indlela yokuhlupheka, futhi uma nisihamba kahle isigaba samanje sendlela, lapho nibhekana nosizi olukhulu esikhathini esizayo, nizoba nobufakazi. Uyakuqonda ukubaluleka kokuphila komuntu, futhi uhamba ngokuvumelana nokuphila komuntu, esikhathini esizayo, akunandaba ukuthi uNkulunkulu ukuphatha kanjani, uzozithoba kuYe ngaphandle kokukhononda noma ukukhetha, futhi ngeke ube nazo izinto uNkulunkulu azidingayo. Ngale ndlela, uzoba obalulekile. Okwamanje owukabhekani nezinsizi, ngakho ungalalela noma yini. Uthi yonke indlela uNkulunkulu ahola ngayo ikahle, nokuthi uzozithoba kukho konke akushoyo! Ukuthi uNkulunkulu uyakuqalekisa noma umelene nawe, uzozimisela ukumjabulisa. Ngaphezu kwalokho, okushoyo manje akukuchazi lokho oyikho. Ozimisele ukukwenza manje akubonisi ukuthi uzokwazi ukulandela kuze kube sekupheleni. Lapho kufika usizi olukhulu kuwe noma lapho ubhekana noshushiso noma uphoqwa ukuba wenze okuthile, noma uvivinyo olukhulu, ngeke ukwazi ukusho lawo mazwi. Uma ungase ube nokuqonda okunjalo ngaleso sikhathi futhi ume uqine, yilokho kuphela okungabonisa lokho oyikho. Wayenjani uPetru ngaleso sikhathi? Wathi: “Nkosi, ngizokudela ukuphila kwami ngenxa yaKho. Uma uvumela ukuba ngife, ngizofa!” Yileyo indlela aphinde wathandaza ngayo ngaleso sikhathi, futhi wabuye wathi: “Ngisho noma bengakuthandi abanye, kumelwe ngikuthande kuze kube sekupheleni. Ngizokulandela ngaso sonke isikhathi.” Yilokho akusho ngaleso sikhathi, kodwa ngokushesha lapho evivinywa, wazizwa ehlukene phakathi futhi wakhala. Nonke niyazi ukuthi uPetru waphika iNkosi kathathu, akunjalo? Baningi abantu abazokhala futhi babonakalise ubuthaka bomuntu lapho bebhekana novivinyo. Awuyona inkosi phezu kwakho. Ngakho, awukwazi ukuzilawula. Kungenzeka namuhla wenza kahle kakhulu, kodwa lokho kubangelwa yizimo ezikahle. Uma lokho kungashintsha kusasa, ungabonisa ubugwala nobuthaka bakho, futhi ungabonisa indlela onenga nongenalusizo lwalutho ngayo. “Ubudoda” bakho buyobe bungasekho, futhi ngezinye izikhathi uyophonsa ithawula uhambe. Lokhu kubonisa ukuthi obukuqonda ngaleso sikhathi bekungekhona lokho oyikho ngempela. Kufanele abheke lokho oyikho ngempela ukuze ubone ukuthi umthanda ngeqiniso yini uNkulunkulu, ukuthi uyakwazi yini ukuzithoba kokushiwo uNkulunkulu, nokuthi ungakwazi yini ukusebenzisa wonke amandla akho ukuthola lokho okufunwa uNkulunkulu futhi uqhubeke uzinikele kuNkulunkulu ube umnikeza okungcono kakhulu uNkulunkulu, ngisho noma kusho udela ukuphila kwakho.

Kumele ukhumbule ukuthi la mazwi manje asekhulunyiwe: Kamuva, uzobhekana nosizi olukhulu futhi uhlupheke kakhulu! Ukupheleliswa akuyona into elula. Okungenani kumele ube nokholo olunjengolukaJobe noma mhlawumbe olukhulu kunolwakhe. Kufanele wazi ukuthi lolu vivinyo luzoba ngaphezu kovivinyo lukaJobe, nokuthi kumele usolwe isikhathi esithe ukuba side. Ingabe kulula lokhu? Uma ukuqonda kwakho kungenakuthuthukiswa, indlela yakho yokuqonda iyantuleka, futhi wazi okuncane kakhulu, ngakho ngaleso sikhathi ngeke ube nabo ubufakazi, kodwa uzoba yinhlekisa, into kaSathane yokudlala. Uma wehluleka ukubambelela embonweni manje, lokho kusho ukuthi awunaso nhlobo isesekelo, futhi uzolahlwa esikhathini esizayo! Yonke ingxenye yendlela kunzima ukuyihamba, ngakho ungakuthathi kalula lokhu. Kubhekisise manje lokhu futhi ulungiselele indlela ozosihamba ngokufanele ngayo lesi sigaba sokugcina sendlela. Lena yindlela okumele ihanjwe esikhathini esizayo futhi bonke abantu kumele bayihambe. Awukwazi ukuvumela ukuqonda kwamanje kungene kule ndlebe kuphume kwenye, futhi ungacabangi ukuthi engikusho kuwe kungukudlala ngesikhathi. Sizofika isikhathi lapho uzokusebenzisa khona—amazwi ngeke akhulunyelwe ize. Lesi yisikhathi sokuzihlomisa; yisikhathi sokulungiselela isikhathi esizayo. Kufanele ulungise indlela ozohamba kuyo kamuva; kufanele ukhathazeke futhi wethuke ngokuqondene nendlela ozokuma ngayo uqine kamuva futhi uyilungiselele kahle indlela yakho yangesikhathi esizayo. Ungabi yigovu futhi ungavilaphi! Kumele wenze konke ongakwenza ukuze usisebenzise kahle kakhulu isikhathi sakho khona uzothola konke okudingayo. Ngikunika konke ukuze ube nokuqonda. Nikubonile ngamehlo enu ukuthi esikhathini esingaphansi kweminyaka emithathu ngasho izinto eziningi ngenza nomsebenzi omningi. Enye into yokusebenza ngale ndlela ukuthi abantu bantula kakhulu, futhi okunye ukuthi isikhathi sifishane kakhulu nokuthi akumele kube nezinye izinto ezibambezelayo. Ngokusekelwe endleleni ocabanga ngayo, ithatha isikhathi, ngizoba nawe isikhathi eside kangakanani? Uma uzoba naMi ngize ngiguge ngibe mpunga, ngeke kwenzeke lokho! Abantu kumele bacaciseleke ngokuphelele ngaphakathi kubo, ngemva kwalokho banganikeza ubufakazi, futhi basetshenziswe. Akuthathi isikhathi eside lokho? Ngokubhekana nosizi olukhulu, bonke abantu bangaba nokuqonda kwangempela. Lesi yisigaba somsebenzi. Uma uke wayiqonda ngokuphelele imibono okukhulunywe ngayo namuhla futhi wathola ukuma kwangempela, noma ngabe yibuphi ubunzima ozobhekana nabo esikhathini esizayo ngeke bukunqobe—uzokwazi ukumelana nabo. Lapho sengisiqedile lesi sigaba sokugcina somsebenzi ngaqeda nokukhuluma amazwi okugcina, esikhathini esizayo abantu kuzodingeka bahambe ngendlela yabo. Lokhu kuzogcwalisa amazwi akhulunywe esikhathini esidlule: Umoya Ongcwele unomsebenzi womuntu ngamunye, nomsebenzi okufanele awenze kumuntu ngamunye. Esikhathini esizayo wonke umuntu uzohamba endleleni okufanele ahambe ngayo, eholwa uMoya Ongcwele. Ubani ozokwazi ukunakekela omunye lapho ebhekene nosizi? Umuntu ngamunye unokuhlupheka kwakhe, futhi ngamunye unokuma kwakhe. Akekho umuntu onokuma okufana nokomunye. Amadoda ngeke akwazi ukunakekela amakhosikazi awo nabazali ngeke bakwazi ukunakekela izingane zabo; akekho ozokwazi ukunakekela omunye. Ngeke kufane nesikhathi samanje—sisakwazi ukunakekelana nokwesekelana. Kuzoba isikhathi sokuveza obala yonke inhlobo yomuntu. Okungukuthi, lapho uNkulunkulu eshaya umalusi, izimvu zomhlambi zizohlakazeka, futhi ngaleso sikhathi ngeke nibe naye umholi weqiniso. Abantu bazohlukana phakathi—ngeke kufane sesikhathi samanje, lapho nikwazi ukuhlangana ndawonye njengebandla. Kamuva, labo abangenawo umsebenzi woMoya Ongcwele bazobonakalisa lokho abayikho ngempela. Amadoda azothengisa ngamakhosikazi awo, izingane zithengise ngabazali bazo, abazali bazoshushisa izingane zabo—inhliziyo yomuntu ayiqondakali! Okungenzeka nje ukuthi umuntu abambelele kulokho anakho, futhi ahambe kahle isigaba sokugcina sendlela. Okwamanje anikuboni kahle lokhu futhi nonke nibona lufifi. Ukusihamba ngokuphumelelayo lesi sigaba somsebenzi akuyona into elula.

Isikhathi sosizi ngeke sibe side kakhulu—ngeke siwuhlanganise nonyaka lo. Uma besingathatha unyaka besingabambezela isigaba esilandelayo somsebenzi, futhi ukuma kwabantu bekungaba buthakathaka. Uma besingaba side bebengeke bakwazi ukusimela—ukuma kwabo kunokulinganiselwa. Ngemva kokuphothulwa komsebenzi waMi, isinyathelo esilandelayo kuyoba esokuhamba kwabantu endleleni okufanele bahambe kuyo. Wonke umuntu kumele ayiqonde indlela okufanele ahambe kuyo—lena yindlela yokuhlupheka nenqubo yokuhlupheka, kuphinde kube yindlela yokucwengisisa ukuzimisela kwakho ukuthanda uNkulunkulu. Yilawo amaqiniso okufanele ungene kuwo, yilawo amaqiniso okufanele uwanezele, indlela yokubhekana nezinto, nokuthi iyiphi indlela ongangena ngayo—kumele uziqonde zonke lezi zinto. Kumele uzihlomise manje. Uma ulinda uze ubhekane nosizi, kuyobe sekwephuzile. Wonke umuntu kumele athwale umthwalo wokuphila kwakhe; ungalindi ngaso sonke isikhathi izixwayiso zabanye noma ulindele ukubalalela nokuba bakhulume nawe. Kuningi engikukhulumile kodwa namanje awukazi ukuthi yimaphi amaqiniso okufanele ungene kuwo noma uzihlomise ngawo. Lokhu kubonisa ukuthi awukawenzi umzamo wokufunda amazwi kaNkulunkulu. Uwukho nhlobo umthwalo wokuphila kwakho owuthwele—kungaba kuhle kanjani lokho? Awukwazi okufanele ungene kukho, awukuqondi okufanele ukuqonde, futhi awuyinaki kakhulu indlela okufanele uyithathe esikhathini esizayo—awuwona yini udoti? Yini nje oyenza kahle? Enikwenzayo manje ukwakha nokulungisa indlela yenu. Kumele ukwazi okufanele kutholwe abantu nezinga lezinto ezifunwa uNkulunkulu kubantu. Kumele ube nokuqonda okulandelayo: Noma ngabe kwenzekani, nakuba ngonakele ngale ndlela, kumele ngilungise la maphutha phambi kukaNkulunkulu. Ngesikhathi uNkulunkulu engakangitsheli lutho, akukho engangikuqonda, kodwa ngenxa yokuthi kukhona angitshele kona manje, ngoba ngiye ngaqonda kumele ngisheshe ngilungise, ngiphile ubuntu obujwayelekile, ngiphile ngendlela ezovumelana nentando kaNkulunkulu. Ngisho noma ngingenakwenza ngendlela uPetru enza ngayo, okungenani kufanele ngiphile ubuntu obujwayelekile, ngaleyo ndlela ngizojabulisa inhliziyo kaNkulunkulu.

Isigaba sokugcina sale ndlela siqala manje kuze kube yisiphelo sosizi lwangesikhathi esizayo. Lesi sigaba sendlela sizoqala lapho kubonakaliswa ukuma kwabantu kwangempela kuhlanganise nokuthi banalo yini ukholo lweqiniso noma cha. Ngenxa yokuthi lesi sigaba sendlela sizobe sinzima kakhulu uma siqhathaniswa nanoma yisiphi esinye esake sahanjwa ngaphambili, nokuthi sizobe siyindlela enamatshe kunangaphambili, sibizwa ngokuthi “yisigaba sokugcina sendlela.” Iqiniso liwukuthi akuyona ingxenye yokugcina yendlela; lokhu kungenxa yokuthi ngemva kokubhekana nosizi, uzokwenza umsebenzi wokwandisa ivangeli futhi kuzoba nengxenye ethile yabantu ezosetshenziselwa ukwenza umsebenzi othile. Ngakho “isigaba sokugcina sendlela” kukhulunywa ngaso kuphela uma kubhekiswa osizini lokucwengisisa abantu nezimo ezingezinhle. Engxenyeni yendlela yangesikhathi esedlule, yiMi ngokwaMi engangikuhola ohambweni lwakho olujabulisayo, ngikubambe ngesandla ukuze ngikufundise futhi ngikondle umlomo nomlomo. Nakuba uye wasolwa futhi wahlulelwa izikhathi eziningi, uye washaywa kancane kuphela ngokuphindaphindiwe. Yiqiniso lokho kuye kwashintsha kancane indlela obheka ngayo ukukholelwa kuNkulunkulu; kubangele nokuba indlela obukeka ngayo izinze kancane, futhi kwakwenza ukuba ungiqonde kancane. Kodwa nakhu engikushoyo, ngokuhamba leyo ngxenye yendlela, ukukhokha noma umzamo wokucophelela owenziwe abantu mncane kakhulu—yiMi engikuhole waze wafika lapha. Lokhu kungenxa yokuthi angidingi ukuba wenze okuthile nokuthi engikufunayo kuwe akuphakeme nhlobo—ngikuvumela nje ukuba uthathe okutholakalayo. Ngalesi sikhathi ngizinakekele ngokungaphezi izidingo zenu, futhi angizange ngifune izinto ezingenangqondo kini. Niye nabhekana nokusolwa okuphindaphindiwe kodwa anikazitholi izimfuneko zaMi zokuqala. Niyabaleka futhi anijabule, kodwa angicabangi ngalokhu ngoba manje yisikhathi somsebenzi waMi siqu futhi ukuzinikela kwenu kiMi angikubheki njengento ebalulekile. Kodwa kusukela lapha kuqhubeke, ngeke ngisasebenza noma ngikhulume, futhi ngaleso sikhathi ngeke ngisanivumela ukuba niqhubeke nenza ngale ndlela ebangela isithukuthezi. Ngizovumela ukuba nifunde izifundo eziningi, futhi ngeke nginivumele nithathe okutholakalayo. Ukuma kweqiniso eninakho namuhla kumele kudalulwe. Ukuthi imizamo yenu yeminyaka ibe nezithelo yini noma cha kuzobonakala ngendlela enihamba ngayo kulesi sigaba sokugcina sendlela. Esikhathini esidlule, benicabanga ukuthi kulula kakhulu ukukholelwa kuNkulunkulu, futhi lokho kwakubangelwa ukuthi uNkulunkulu ubengenandaba nani kangako. Kuthiwani manje? Nicabanga ukuthi kulula ukukholelwa kuNkulunkulu? Nisenomuzwa wokuthi ukukholelwa kuNkulunkulu kujabulisa kukhululekise njengokudlala kwezingane emgwaqweni? Kuyiqiniso ukuthi niyizimvu, nokho, kumele nikwazi ukuhamba indlela okufanele niyihambe ukuze nibuyisele uNkulunkulu ngomusa waKhe, nokuthi nimzuze ngokuphelele uNkulunkulu enikholelwa kuYe. Ningadlali—ningazikhohlisi! Uma ungakwazi ukuphumelela kulesi sigaba sendlela, uzobona isigcawu esikhulu sevangeli lomsebenzi waMi esingakaze sibonwe sisakazekela embulungeni yonke, futhi uzoba nenhlanhla yokuba seduze kwaMi, nokuba nengxenye ekwandiseni umsebenzi waMi embulungeni yonke. Ngaleso sikhathi, uzoqhubeka ngenjabulo nokuhamba ngendlela okufanele uhambe ngayo. Ikusasa liyokhanya ngezinga elikhulu, kodwa into eyinhloko manje ukuphumelela ukuhamba lesi sigaba sokugcina sendlela. Kumele ufune, futhi ulungiselele ukuthi ungakwenza kanjani lokhu. Nakhu okumele ukwenze manje—lokhu kuphuthuma kakhulu manje!

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana